Kusekuningi okungahambi kahle endleleni okusetshenziswe ngayo imali eyabelwe ukunciphisa ubunzima obudalwe wukubheduka kweCOVID-19 kodwa ikhona inhlansi yethemba. USLINDILE KHANYILE uyabika
UKUNGENELELA masinyane kwehhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele ekucwaningeni ukuthi isetshenziswe kanjani imali eyabelwe ukulekelela umphakathi ngezindlela ezahlukene njengoba kuhlasele iCOVID-19 kusizile ukuthi kubuyiselwe emuva uR3.4 billion esikhwameni sikapoyinandi, i-Unemployment Insurance Fund (UIF) nobukhokhelwe abantu kungafanele