ISIKHATHI sobumnande ekade silindelwe ngabomvu sifikile. Abantu abaningi bazothatha isikhathi baphumule bakhokhe umoya ngaphambi kokuqala konyaka omusha. Kuyishwa ukuthi lesi sikhathi sonyaka sidume ngezinhlekelele ezifana nezingozi zomgwaqo nobugebengu njengoba abantu behamba, bevakasha futhi bejabula ezweni naphasheya nabangani nemindeni.
YINI umsebenzi weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) eNingizimu Afrika?
SESISONDELE isikhathi sokuphithizela ngaphambi kokuthi sihlukanise unyaka singene onyakeni omusha u-2023. Lona kube wunyaka ongemuhle neze kosomabhizinisi abaningi. Khumbula ukuthi siqale lo nyaka siphuma eminyakeni emibili ebimibi, neshiye osomabhizinisi abaningi beshayekile.
UKUTHOLA ibhonasi yinto ejabulisa kakhu kanti yisikhathi sokuthakasela umvozo wokuzikhandla kwakho unyaka wonke. Ibhonasi futhi yithuba lokuthi sikwazi ukwenza ebesifisa ukukwenza okudinga imali. Uma sicabanga ukusebenzisa imali kumele sicabangisise.
IZINHLANGANO zamabhizinisi ahlelekile ziphokophele ukubona iNingizimu Afrika isebenza kahle. Uhulumeni uneqhaza elikhulu ekufezeni loko.
KULELI sonto ngithanda sibheke izindlela abantu abanganciphisa ngayo ukumosha imali ngoKhisimuzi noNcibijane.
NGENKATHI abantu nezinkampani bekhombisa ukukhathalela imvelo, ukusebenzisa ubuchwepheshe obuvikela imvelo kuya ngokuya kuba yinto ebalulekile kunakuqala. Empeleni imakethe yobuchwepheshe obuvikela imvelo inani lale makethe belingaphezu kuka$10 billion ngo-2020 kanti kulinganiswa ukuthi lizofika ku-$74bn ngo-2030. Ukonga ugesi ngenye yezinto zokuqala lapho ubuchwepheshe bunganciphisa khona umphumela wabo olimaza imvelo.
UBUGEBENGU obuhleliwe buya ngokuya buba yingozi enkulu emnothweni wethu. Benza umonakalo omkhulu ngaphezu kwemigomo emibi noma ukwehluleka ukuhlinzeka abantu ngezidingo.
SESIYA emaphethelweni onyaka. Impela u-2022 awubanga muhle neze emabhizinisini amaningi abantu abamnyama. Ziningi izinto ezingahambanga kahle.
EMBANGWENI yemiholo, izinyunyana zifuna kugxilwe kuphela ezingxoxweni eziphakathi kwezisebenzi nabaqashi. Azifuni ezinye izinhlaka ezinjengomphakathi nosomabhizinisi zingenelele odabeni oluthinta amaholo.
NGEMPELASONTO edlule kuqale iNdebe yoMhlaba yebhola. Kimina kuvuke isasasa elalikhona ngenkathi lemidlalo izodlalelwa eNingizimu Afrika. Ngizibuze ukuthi ngabe mangaki amathuba ebhizinisi iQatar ewavulele osomabhizinisi bakhona, njengoba inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFIFA ithe ilindele ukwenza inzuzo ewu-$3 billion emva kwale midlalo.
NJENGOBA umhlaba wonke ugubha i-International Fraud Awareness Week, eqale mhla ka-13 kuya mhla ka-19 Novemba, kuhle ukukhumbula ukuthi amaqola angakuthola noma nini noma kuphi. Yazi okufanele ukuqaphele uma usebenzisa ubuchwepheshe.
IMBONI yethu yezezimali yiyona ehamba phambili eNingizimu Afrika. Asivamile ukukhuluma ngezinhlekelele esizigwemile uma siqhathanisa nendlela esigxila ngayo emigodini esiphonseke kuyona.
NGESONTO elidlule ngikhulume ngendaba yokwenza isiqiniseko sokuthi sibandakanya intsha kuyo yonke into esiyenzayo. Kuleli sonto ngithanda sibheke izindlela eziningi zokwakha amathuba emisebenzi ezindaweni zakithi singabantu abamnyama.
UDISEMBA ususemnyango. Uyisikhathi lapho abantu benza khona izinto ezingenamqondo ngemali abayisebenzele kanzima unyaka wonke. Yisikhathi lesi imindeni emningi esuke inemali eningi kunejwayelekile ngenxa yamabhonasi nezitok’fela.
INGQUNGQUTHELA iCOP27 eqale kuleli sonto eSharm el-Sheikh, eGhibhithe, ibalulekile kwiNingizimu Afrika.
KULELI sonto ngithanda sibheke ukuthi yimiphi imizamo esingayenza ukusiza intsha yethu ingasweli imisebenzi uma isiqede uMatikuletsheni nasezikhungweni zemfundo ephakeme.
UKUNGASEBENZI kahle kwezinhlaka zikahulumeni kuyazwela kakhulu kosomabhizinisi. Maningi kakhulu amafemu nezinkampani okuvalayo noma esezizovala unomphelo ngenxa yokungasebenzi kahle kwezinto komasipala, ngaphezu kwemiphumela emibi lokhu okuvele kunayo empilweni yabantu.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yokuxhumana okungcono eNingizimu afrika ngobuchwepheshe. Emhlabeni wonke amazwe athuthukayo kwezomnotho axhumana kangcono.
NAKUBA abatshalimali bebona iNingizimu Afrika iyindawo enhle yokutshala imali kodwa abaneme ngezinguquko ezishaya ngonyawo lonwabu. Lo myalezo ucacile esidlweni sakusihlwa iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ebisihlelele i-2020 Investment Association esisanda kubakhona.
KADE ngilalele omengameli abadala baseNingizimu Afrika besina bededelana ngezinkulumo bechaza ukuthi yini eyenza izwe lingasebenzi ngendlela okufanele ngabe lisebenza ngayo. Ngamunye ubeke uvo lwakhe ngakholwa wukuthi kuyimbangela yesimo esikuso manje.
OSOMABHIZINISI badinga imithetho eqinile elwa nokushushumbisa imali nokugadwa. Kubalulekile esithunzini sezwe nasendaweni osomabhizinisi abasebenzela kuyona ukuqinisekisa ukuthi kuyathenjwana futhi abantu baziphatha kahle.
ESIKHATHINI esiphila kusona manje, yonke into ixhumene futhi isebenza ngobuchwepheshe, yingakho ukuzivikela ngendlela efanele kwezobuchwepheshe, phecelezi i-cybersecurity, kubalulekile njengokutshala imali, ukuba namakhono ahlukene, ukuqhamuka nezinto ezintsha nokuba nabaphathi abafanele ukuze ibhizinisi liphumelele.
INKINGA ebhekene nomnotho wethu esiloku sizama ukuyilungisa nesiyenze ukuthi kuphele iminyaka intsha iswele imisebenzi futhi kwehla nemali engenayo iminyaka eyisishiyagalombili idinga ukuthi sibambisane sonke.
KULELI sonto ngithanda sibuke izinguquko ezenziwa yizinkampani emva kwesikhathi eside zihweba kunoma ngabe iyiphi imboni ezikuyona.
MNINGI umsebenzi owenziwayo ukunciphisa amathuba okuthi inhlangano elwa nokukhwabanisa imali nokunika amaphekulazikhuni imali emhlaben iFinancial Action Task Force (iFATF) iklelise iNingizimu Afrika njengezwe elingenzi kahle ukuhlonipha lo mthetho, phecelezi i-grey listing.
KULELI sonto ngithanda ukuthi sibheke indaba yokuqala ibhizinisi usukhulakhulile. Ngike ngafunda olunye udaba kwi-Forbes Magazine obelukhuluma ngocwaningo oluveze ukuthi abantu abaqala ibhizinisi sebekhulile bayaphumelela kunabaqala besebancane.
KUBE kuhle ukubona kuphothulwa izivumelwano ezintathu zomsebenzi wokukhiqiza ugesi ovuselelwayo. Ngalezi zivumelwano kuzokwengezwa ugesi ongu-420MW ozophehlwa ngomoya. Loku kuyingxenye encane yokulungisa inkinga kagesi kodwa kusho lukhulu.
IZOLO bengimenywe komunye umcimbi obuhlelwe Icebolethu Group, ephethwe uNksz uNomfundo Mcoyi. Ubuhlanganise osomabhizinisi abaningi bakwaZulu-Natali nabawongoti emikhakheni yabo ehlukene.
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ibiloku isebenzisa izincomo zeKhomishini kaZondo ukubheka izindlela nezinhlaka ezingasiza ukugwema inkohlakalo ngomuso nokweseka ezinye izinhlaka ukuthi ziqhube umsebenzi wazo. Enye yezinto esicabanga ukuziphakamisa yindlela engcono yokuvikela ofakazi okuyibona abaqhumbuza ithumba ngezenzo zenkohlakalo.
KULELI sonto ngithanda sibheke ukuthi ungazinakekela kanjani wena njengosomabhizinisi osebenza kanzima ukuze ungazitholi impilo yakho isisesimweni esibucayi.
ENYE yezinto ezingahambi kahle emphakathini waseNingizimu Afrika yiloku: abesifazane yibona abathintwa kakhulu izinkinga zomphakathi ezibhekene nezwe kodwa ababambi iqhaza ngokwanele ekuzixazululeni.
NGIYADUDUZEKA kancane ukwazi ukuthi akuyona yodwa iNingizimu Afrika ebhekene nenkinga kagesi. Njengoba singene esigabeni sesine sokucinywa kukagesi ngempelasonto, i-United Kingdom (i-UK), iMelika ne-European Union (i-EU) nabo bebebhekene nezinkinga ezihlukene.
NAMHLANJE ngithi angithinte isihloko esingibindayo njengomuntu osebenza futhi ocija abantu abaningi besifazane abasebhizinisini noma abafuna ukungena ebhizinisini.
NGESONTO elidlule uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa wethule inkulumo enohlonze emhlanganweni weBusiness Unity South Africa waminyaka yonke.
KULELI sonto ngithanda sibheke ukuthi yini eyenza osomabhizinisi abaningi abasafufusa eNingizimu Afrika bangaphumeleli emabhizinisini abazama ukuwaqala. Ziningi izizathu ezidala lokhu.
NGESONTO elidlule osomabhizinisi babenomhlangano ohambe kahle neNational Energy Crisis Committee (iNECOM) lihambisana nabanye abaholi bamabhizinisi. I-NECOM isungulwe wuMengameli uCyril Ramaphosa njengengxenye yokuxazulula inkinga kagesi.
SIQALE isonto ngezindaba ezithi owayeyisikhulu esiphezulu eTransnet uMnu uBrian Molefe nowayewumphathi wezimali uMnu u-Anoj Singh bavele enkantolo yamacala abucayi ngenxa yezinsolo zokukhwabanisa izigidi zamarandi ngesikhathi le nkampani kahulumeni ithenga izitimela.
NGESONTO elidlule ibamba lomqondisi-jikelele emNyangweni wezeziMali ezweni uMnu u-Ismail Momoniat nomholi wehhovisi lesabelomali uMnu u-Edgar Sishi benze isethulo kwiNedlac ngohlelo abalulandelayo ngokulungiselela ukwethula isabelomali saphakathi nonyaka wezimali ngo-Okthoba.
KULELI sonto ngithanda ukuthi sibheke abesifazane abenza izinto zenzeke emikhakheni abakuyona. Kuhle esikubonayo ngoba kusho ukuthi abantu besifazane sebengene shi emabhizinisini.
NGISEBENZISA isikhathi esiningi ngibonisana nabanye abalingani ngokuthi amabhizinisi angasebenzisana kanjani kahle nohulumeni nabanye abantu.
KULELI sonto ngithanda ukubongela abantu besifazane kuyinyanga yabo ngenqubekelaphambili ezikhundleni abaziphethe ezimbonini ezihlukene ngisho nakwipolitiki.
SENGIKE ngabhala phambilini ukuthi elinye lamasu aseqhulwini kwiBusiness Leadership South Africa (iBLSA) wukweseka ukuvuselela ezobulungisa.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yokuthi singenza kanjani ukwakha umnotho wethu singabantu abamnyama. Ngike ngaphakamisa emasontweni edlule ezinye zezindlela okumele sizenze ukubuyisa umnotho ezandleni zethu ngoba ngeke nangengozi laba abawukinatele bawubuyise.
UHLELO lukaMengameli lokulungisa inkinga kagesi olumenyezelwe ngesonto elidlule lubalulekile. UMengameli uCyril Ramaphosa usezame ngazo zonke izindlela ukuxazulula inkinga kagesi, njengokuvulela izinkampani ezizimele indlela ukuze zibe ngabanye babaphehli bakagesi abakhulu. I-Business Leadership South Africa (iBLSA)iyawuncoma lo mzamo.
KULE ngosi ngithanda sibheke indaba yengqungquthela yomgomo ye-ANC ebingesonto elidlule. Cha, asihlaziyi ezepolitiki ngoba thina siyingosi yezamabhizinisi kodwa sonke siyazi ukuthi ezepolitiki zinomphumela ongakanani emabhizinisini.
NGOLWESIHLANU iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) neBusiness Unity South Africa (iBUSA) bethule umbiko obuphenya ngezindlela zokuxhasa isibonelelo esingatholwa yiwo wonke umuntu ongasebenzi, i-Basic Income Grant.
NAMHLANJE ngithanda sibheke indaba yezinga lempilo esiyiphilayo singabantu baseNingizimu Afrika.
SEKUPHELE unyaka kwaba nezibhelu KwaZulu-Natali naseGauteng, ngazo okwatashwa izimpahla emabhizinisini amancane namakhulu acekelwa phansi.
KULELI sonke ngithanda sixoxe ngomnotho wasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya. Isikhathi esiningi senza amaphutha amakhulu uma kuza kwezamabhizinisi bese sijika sikhala ngabamhlophe ukuthi basivalela ngaphandle kwezomnotho kodwa kube kuyithina uqobo esibasiza ukuthi basivalele ngaphandle.
UKUGUQUGUQUKA kwesimo sezulu yiyonanto okuzobhungwa ngayo kakhulu kule minyaka embalwa ezayo. Kumele sibhekane nako manje ngokuhlela ukuthi sizowehlisa kanjalo umonakalo kwimvelo odalwa wumnotho wethu.
NAMHLANJE ngithanda sigxile odabeni lokuthuthukisa osomabhizinisi abancane eNingizimu Afrika. Kucacile ukuthi amathuba omsebenzi ayivelakancane ezweni lethu.
UKUCINYWA kukagesi ngesonto elidlule kumoshe kakhulu. Ngitshelwe ngezinkampani ekuphoqeleke ukuthi zidilize izisebenzi ngenxa yokungakwazi ukusebenza. Nezinama-generator azikwazanga ukuthola udizili ngokushesha. Nezisebenzisa amabhethri agcine eziphelela.
NAMUHLA ngithanda sibheke isimo somnotho waseNingizimu Afrika esesimanzonzo ngenxa yokunyuka kukadizili, uphethroli nopharafini.
NJENGOBA umbiko wokugcina weKhomishini yeJaji uRaymond Zondo usuthuliwe, sekuyisikhathi sokuthi kuthathwe izinyathelo. Kumele sivuselele isithunzi seNingizima Afrika njengezwe elingathenjwa ukuthi linomthetho osebenzayo. Iminyaka yokugwamanda amandla ombuso ngezindlela ezikhinyabeza izikhungo zikahulumeni ezakhelwe ukuqinisekisa ubulungisa nokuthi abaphethe bayaphendula, ililimaze kakhulu igama lezwe.
NAMUHLA ngithanda sibheke isimo esibhekene naso singamazwe ngenxa yempi phakathi kweRussia ne-Ukraine. Ithe le mpi uma iqala kwabonakala ngokushesha ukuthi amanani kawoyela namafutha okupheka aloku enyuka kancane kancane.
USUKU lweNtsha lusikhumbuza u-1976 mhla intsha isukuma ilwa nohulumeni wobandlululo. Ngesonto elidlule ngizithole sengibuka izinselelo ezibhekene nentsha namhlanje. Zihlukile kakhulu kodwa kucacile ukuthi kumele sigxile ekuzixazululeni.
KULELI sonto ngithanda sibheke isihloko esimayelana nokugqugquzela izingane zethu ukuthi ziqale ngokusebenza kuqala ngaphambi kokuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme.
SIMELANE kahle nezinselelo esibhekane nazo siyizwe, ikakhulukazi eCOVID-19, sibambisane kahle uhulumeni nosomabhizinisi.
KULE ngosi ngithanda sibheke indaba yokuba qotho ekwenzeni izinto ebhizinisini. Ngisuswa yisivunguvungu esibhokile ezweni. UMengameli uCyril Ramaphosa umbuleke izinqe ngento eyenzeka ngo-2020 abezama ukuyifihla.
NGESONTO elidlule besikhunjuzwa ukuthi ubugebengu buhlupha kangakanani kuleli zwe. Ngekota yokuqala yango-2022 izibalo zobugebengu obuhambisana nodlame njengokubulala, ukudlwengula nokushaya, zinyuke ngendlela ethusayo.
KULE ngosi ngithanda sibheke isimo esiguqukayo eNingizimu Afrika ngezinto eziningi ezimayelana nengqalasizinda. Uma ubheka uhulumeni usuyehluleka ukugcina ingqalasizinda isezingeni elifanele.
KUBALULEKILE sithi ukubhekisisa isimo sethu eNingizimu Afrika. Kula masonto ambalwa kade ngiseWashington DC, eMelika, ngisohlelweni lokucathuliswa oluxhaswe wuhulumeni waseMelika. Ingimangazile indlela enhle okubukwa ngayo iNingizimu Afrika.
KWENYE yezingosi ngakhuluma kabanzi ngokubaluleka kokuthi sakhe umnotho wethu singabantu abanmyama. Loku ngangikuthathela ekutheni sengathi yithina kuphela eNingizimu Afrika abantu abamnyama abangenandaba nokwakha owethu umnotho kodwa zonke ezinye izinhlanga zinowazo.
ENYE yezinkinga engihlangabezana nazo uma ngixoxa nabalingani kuhulumeni, izinyunyana nezinhlangano ezingenzi inzuzo yindlela ababuka ngayo osomabhizinisi – njengenhlangano eyodwa abangaxoxisana nayo.
NAMHLANJE ngithanda sibheke indaba yokuvalela abantu besifazane ngaphandle emabhizinisini. Kuyadabukisa ukubona ukuthi nango-2022 kusenomqondo obhedayo wabanye abantu besilisa wokwenza nzima impilo kubantu besifazane abangosomabhizinisi noma abafisa ukuba ngosomabhizinisi.
NGABE osomabhizinisi sebekulungele ukuba nogesi osebenza kahle? Kulula ukugcina sesikhohlwa wukubaluleka kokuba nesisombululo esizosisiza isikhathi eside ukuphehla nokusabalalisa ugesi ngenxa yokucinywa kukagesi okungapheli.
KULE ngosi ngithanda sibheke ukuthi mhlawumbe sesifikile isikhathi sokuthi uhulumeni udede emsebenzini wokuhlinzeka ngentuthuko, kunalokho udlulisele izintambo zokwenza lo msebenzi kubantu.
NGICELA ukubonga kakhulu iNyuvesi yaKwaZulu-Natali ngokubona kufanele ukungiqoka ukuthi ngibe wuShansela walesi sikhungo esihloniphekile. Ngilamukela leli thuba ngesikhathi esibuhlungu emlandweni wezwe lethu. Lobu buhlungu benzeka ngenxa yokungenzi kahle nokungasebenzi kahle (kwezinye izinto). Uma sibheka okwenzakalayo, sibonani?
ASIJWAYELE ukuma kancane sibuyekeze indlela inqubomgomo yethu esithuthuke ngayo. I-Operation Vulindelela, uhlelo lwehhovisi likaMengameli nomNyango wezeziMali, seluzuze izinto eziningi nakuba ezinye zisabanjwe yimicikilisho ngaphambi kokuthi zisebenze kahle kodwa siphezu kwazo.
KULE ngosi ngithanda sibheke isifo sokungahloniphani singabantu abamnyama kwezamabhizinisi. Akubalulekile noma ngabe uwena umnikazi webhizinisi noma usebenza ebhizinisini noma liphi.
KUYISHWA ukuthi emva kweminyaka engaphezu kwemibili kwahlasela iCOVID-19 wuhhafu kuphela wabantu abadala abagonywe ngokugcwele. Loku sekuzohlupha thina manje njengoba kuqina ukuhlasela kwaleli gciwane okwesihlanu.
KULE ngosi ngithanda sibheke lento encomekayo engiyibona yenzeka eNingizimu Afrika. Uma uqaphelisisa uzobona ukuthi ayanda ama-brand amasha asungulwa ngabantu abamnyama kanti nabantu bakithi sebethanda ukuthenga ama brand asungulwe ngabakubo kunakwamanye amazwe.
KUNINGI osomabhizinisi ababhekene nako: ukubhebhetheka kweCOVID-19okusha, ukucisha kukagesi okuqhubekayo, impi ephazamisa ukuhwebelana emhlabeni nesimo sezulu esibi esidala umonakalo; njengezikhukhula ezenzeke KwaZulu-Natali.
KULELI sonto ngifisa sibheke izinto ezenzeke emasontweni amabili edlule lapho sibone khona izikhukhula zenza umonakalo ongakaze ubonakale KwaZulu-Natali.
ISIBHICONGO esenzeke KwaZulu-Natali sibuhlungu. Ukufa kwabantu nokulahleka kwemisebenzi kukhulu. Inkulumo kamengameli (ngoMsombuluko) ikhombisa indlela uhulumeni ayisukumela ngayo le ndaba kanjalo nezifundo esizitholile ngokubhekana nenhlekelele eminyakeni embalwa edlule.
NGIBHALA le ngosi inhliziyo yami ayiyinhle neze ngenxa yesimo sezikhukhula esihlasele iKwaZulu-Natali. Ngibhala nje imibiko ikhomba ukuthi sekudlule abantu abawu-448 esifundazweni.
IZINKAMPANI zakwamanye amazwe zijwayele ukuhlela imihlangano neminyango kahulumeni ethile kanjalo neBusiness Leadership South Africa (iBLSA), ngaphambi kokutshala imali eNingizimu Afrika. Ithe ukunyuka le mihlangano muva nje.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yokushiya emsebenzini uziqalele ibhizinisi lakho, into eshayisa ngovalo kwabaningi. Uma ubheka uyabona ukuthi kukhona abantu abanengcindezi yokufuna ukushiya emsebenzini abakuwo bayosungula okungokwabo.
NGICELA iziphakamiso zenu. Izibalo zabantu abangasebenzi ngesonto elidlule ziveze ukuthi isibalo sentsha engasebenzi siwu-65%, okuyinto ethusayo. Kumele sikushintshe loku.
NAMHLANJE ngithanda sixoxe ngokushintsha indlela esenza izinto ngayo siyisizwe, ikakhulukazi esinsundu, kwezamabhizinisi noma izinto eziphathelene nezamabhizinisi.
NGIFUNA ukuhalalisela umengameli, i-Infrastructure South Africa nebambisene nabo ngengqungquthela yokuheha abatshalimali ebingesonto elidlule. Bekungeyesine futhi iyona esahambe kahle kakhulu kunezinye.
KULELI sonto ngithanda sibheke udaba olubalulekile futhi olubucayi olumayelana nokuthengwa kwamabhilidi eThekwini.
KULELI sonto uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa uzophinda asingathe ingqungquthela yezokutshala yaminyaka yonke. Izobe izama ukunqanda ukwehla kokutshala emnothweni.
KULELI sonto ngithanda sibheke izinto ezibalulekile ukuze usimamise ibhizinisi lakho; nesingazibiza ngezinsika.
SINGASHO sithi iBlack Leadership South Africa (iBLSA) iwumphumela wemizamo kaMnu uMichael Spicer yokwakha inhlangano yamabhizinisi engeke ishabalale, elungele ukufaka isandla ekuthuthukiseni iNingizimu Afrika.
NAMHLANJE ngifisa sibheke ukuthi imiphumela empi ephakathi kweRussia ne-Ukraine yenzani emnothweni, ikakhulukazi waseNingizimu Afrika.
UMBIKO osanda kukhishwa yiKhomishini kaZondo wengeze ohlwini lwabathintekayo ngokuphenya kabanzi ngokwakwenzeka ngesikhathi sokugwamanda umbuso.
NGIKHOLWA wukuthi kunendlela elula uhulumeni waseNingizimu Afrika ongasiza ngayo izinkampani zabamnyama abasafufusa. Ziningi izindlela uhulumeni asezizamile kodwa kuyacaca ukuthi azitheli izithelo uhulumeni asuke efuna ukuzibona kanti nabo osomabhizinisi abaningi bazithola bengasizakali ngendlela ebebecabanga ukuthi bazosizakala ngayo.
KULULA kwenye inkathi ukukholwa ukuthi izwe lethu limi ndawonye, alikwazi ukwenza izinguquko ezidingekayo ukukhulisa umnotho. Kepha kulo nyaka ngibona ushintsho oluthembisayo endleleni uhulumeni obona kuyikona okudingekayo ukuxazulula izinselelo zomnotho wethu.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba ebisezithebeni ngesonto elidlule mayelana ne-Employment Equity Plan, uhlelo lokuqasha ngendlela engacwasi.
UKUSEBENZA kahle kwengalo yomthetho kubalulekile kwabaphethe amabhizinisi. Kunzima ukuphatha ibhizinisi ngaphandle kokusebenza kahle komthetho okuhambisana nophiko lokuphenya nokushushisa.
KULE ngosi ngithanda sikhulume ngendaba esengake ngayibeka kulezi zithebe ngokubaluleka kokuqinisa izinhlaka zebhizinisi lakho ukuze lingazitholi selifadalala eminyakeni ezayo, loku phecelezi okuthiwa future-proof your business.
NGABE iNkulumo eBhekiswe esiZweni ethulwe wumengameli yinto okufanele izinhlangano zosomabhizinisi ziyinake ngempela yini? Lona wumbuzo engiloku ngizibuza wona.
KULE ngosi ngifisa sibheke inkulumo kaMengameli uCyril Ramaphosa yangesonto elidlule. Cha, angiqonde kuhlaziya inkulumo yakhe ngokuphelele kodwa ngithanda sigxile isigatshana akhulume kuso ngezinto athe uhulumeni uzozishintsha uma kuziwa kwezosomabhizinisi abasebancane, iningi labo okungabantu abamnyama.
NGESONTO eledlule kwenziwe izinguquko ezinqala emithethweni eminingi ebisanqinda abantu ezweni ngenxa yeCOVID-19 ngaphandle kowodwa – lona othinta ukusebenza kwabantu.
SAWUBONA mfundi wale ngosi. Namhlanje ngithanda sibheke indaba yokushiya emsebenzini ukhethe ukuzisebenza. Sekukaningi sibona abantu abashiya emisebenzini ngenxa yezimo ezithile bancamele ukuyozisebenza.
KUFANELE sizibuze ukuthi kungani amabhizinisi engatshali, engakhuli futhi engaqashi abanye abantu? Ngiyavumelana nezixazululo eziqhamuke nelekgotla ye-ANC ngesonto elidlule yize kodwa ngikhathazekile.
NAMHLANJE ngithanda sibheke umkhuba omuhle esiwubona uvama kwipolitiki – ukwanda kosomabhizinisi abangena kulo mkhakha.
IMIGOMO yeCOVID-19 ixegisiwe ekupheleni kukaDisemba ngonyaka odlule ngesikhathi kuvunyelwa imibuthano yabantu abangafinyelela ku-1 000 futhi kwaqedwa nomthetho wewashi.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.