AMAHOLIDI kaKhisimusi aseqalile kanti ezinye zezinto ezijwayelekile ngalesi sikhathi wukuhlukanisa izitokfela. Abanye bazihlukanisa ngasekuqaleni kukaDisemba kanti abanye bazihlukanisa ekupheleni kwawo ngoba imali basuke beyongela izidingo zikaJanuwari nokuvula kwezikole.