UMUNTU WUMUNTU NGABANTU

Share this now

NAMHLANJE Umbele uhlanganisa iminyaka emibili waqala ukuniphakela izindaba ezithinta osomabhizinisi abasemikhakheni ehlukene. Nakuba siyingane esacathula kodwa ziyezwakala izigi zethu, hhayi nje embonini yabezindaba kuphela kodwa nasemikhakheni ehlukene. Sinezinjongo ezinkulu ezimbili. … Read More

AMANDLA OMCWANINGIMABHUKU

Share this now

NGAPHAMBI kwango-2018, besekwaphenduka ikhorasi ukuthi uma umCwaningimabhuku-Jikelele esechicilele umbiko wakhe kuyabaliswa futhi kugxekwe abantu abajutshwe ukugada imali kahulumeni ngokuthi uyabehlula umsebenzi. Leli khorasi beliculwa kabili ngonyaka – uma kukhishwa umbiko … Read More

AKULUNGISI UKUMBAMBATHA

Share this now

OSOMABHIZINISI abazomelana nezinselelo ezidalwe yiCOVID-19 abebevele benza izinto kahle, behlonipha ibhizinisi futhi beyibuyisela inzuzo ekukhuliseni ibhizinisi ngesikhathi izinto zisahamba kahle. Washo kanje eminyakeni emibili edlule uMnu uMax Mqadi weMax’s Lifestyle … Read More

NDLELANHLE MFOKAMOGAJANE

Share this now

NGEMVA kweminyaka ewu-23 esebenza emNyangweni wezeziMali nemihlanu ewuphethe, uMnu uDondo Mogajane, usethi khumu. UMogajane, owumqondisi-jikelele emnyangweni, uyashiya ngoJuni. Ememezela lezi zindaba, uNgqongqoshe uMnu u-Enoch Godongwana uthe uMogajane ukhethe ukungayivuseleli inkontileka … Read More

ISIBONELO ESIHLE

Share this now

SISANDA kubhala ngezelamani zakwaMkhungo ezingabanikazi beMzo’s Stylish Craft, ibhizinisi elenza umsebenzi obazwe ngokhuni eThekwini, KwaZulu-Natali.   OMnu uMzokhona noMluleki Mkhungo baqale lo msebenzi eminyakeni ewu-14 edlule. Lezi zelamani seziwukhulise kangaka nje … Read More

UWUHLONIPHILE UMTHETHO

Share this now

OBEYINHLOKO yamaJaji uJaji Mogoeng Mogoeng uthathe umhlalaphansi kuleli sonto ngenxa yokuthi ibisiphelile iminyaka eyishumi ephethe lesi sikhundla. UJaji uMogoeng ugcina nje ubesevele enezinyanga esekhefini. Wanqaba ukuxolisa ngakusho mayelana nempi esineminyaka … Read More

SISWELE IMILOMO…

Share this now

UNGATHI bekuyizolo loku sethula iziko lezindaba zamabhizinisi ezinkundleni zokuxhumana ezibhalwa ngesiZulu. Izolo, mhla ka-16 kuSepthemba, besigubha unyaka Umbele wasungulwa. Umbele awethulwa kunzima eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele. Wethulwa amabhizinisi ewa ubuthaphuthaphu … Read More

AKUCATSHANGELWE ININGI

Share this now

KUSUKELA ngenyanga edlule kuqubuke inkulumompikiswano ezweni emva kokuthi iKhomishini yamaLungelo aBantu ithe ukuphoqa abantu ukuthi bagomele iCOVID-19 kuyobe kuwuhlukumeza amalungelo abo.   Iqongile le nkulumompikiswano ngeledlule emva kwesimemezelo esenziwe yiDiscovery Holdings. … Read More

SENZIWE UMHLATSHELO

Share this now

CISHE nomuntu owayengaqondi kahle ukuthi izinhlaka zomnotho zisebenzelana futhi ziphakelana kanjani ukuze yonke into isebenze ngomumo ubesekuqonda kahle loku emva kokuvalwa kwezwe ngenxa yokuhlasela kweCOVID-19 kusukela ngoMashi ka-2020. Ukubona kume … Read More

SETHULA ISIGQOKO

Share this now

UQWEQWE lukasomabhizinisi, umholi kwezamabhizinisi nesishoshovu sangoJuni 16 ngo-1976 sishone ngoSuku lweNtsha. UMnu uJabu Mabuza, obeneminyaka ewu-63, ushone ngenxa yeCOVID-19, esiphinde yaqubuka okomlilo wequbula njengoba kunesiwombe sayo sesithathu ezweni. UMshengu kukude … Read More

EKUGCINENI SEKUZOKHANYA

Share this now

UKUWA komnotho emhlabeni ngo-2008 okwadalwa wukwehla kwamanani emkhakheni wamabhilidi nezindlu nokuhluleka ukukhokha izikweletu kwabantu base-USA kwazwela naseNingizimu Afrika. Imibiko yaveza ukuthi bawu-1 million abantu abaphelelwa wumsebenzi ngenxa yaloku kuwa komnotho … Read More

UYISIBONELO ESIHLE

Share this now

ISIZULU sithi umthente uhlaba usamila. Intombazane yaseThekwini esibhale ngayo kwaSafufusa ngesonto elidlule iyasifakazele lesi saga. USiphesihle Mhlongo, odume ngelikaSippy, unebhizinisi lokupheka nokubhaka kanti ufundisa ezinye izingane ukupheka nokubhaka. U-Sippy, oneminyaka … Read More

AMAPHANTA AYISIBANI

Share this now

KULELI sonto sibhale ngokuthi sebeyanda abantu abangamaphanta nabanganqeni ukuqala nokwenza amabhizinisi okungenzeka emehlweni abanye abukeleke phansi.   Kulolu daba sithe esinye sezizathu sikhula isibalo samaphanta yingenxa kasomabhizinisi owusaziwayo uMnu uSbu Leope, … Read More

AYISUKUNYELWE EYEZOKUTHUTHA

Share this now

EZIMBONINI ezimbalwa ezasungulwa nezilawulwa ngabantu abamnyama, eyamatekisi iyona enkulu kunazo zonke.   Ngokusho kweKhomishini yokuNcintisana le mboni esineminyaka ecela ku-50 iqashe abantu abawu-500 000 kanti kunabadayisi abawu-150 000 abaphila ngokudayisa emarenki … Read More

INJABULO NOKUDANGALA

Share this now

NGESONTO elidlule sithole izindaba ezinhle nezimbi ngesimo sezimali eNingizimu Afrika. Umqoqintela uveze ukuthi ngonyaka wezimali wango-2020/21 uqoqe imali engaphezulu kunaleyo abeyilindele ngoR38 billion, nokudalwe kakhulu yinzuzo enkulu eyenziwe yizimayini ngenxa … Read More

BASIMISA ISIBINDI

Share this now

SEKUWUMLANDO ukuthi ukubheduka kweCOVID-19 kube nomphumela omubi kangakanani emnothweni, hhayi nje eNingizimu Afrika kuphela kodwa emhlabeni jikelele kepha yonke indawo kusazothatha isikhathi ukuthi uvuseleleke kahle.   I-International Monetary Fund ilindele ukuthi … Read More

IWA LIKA-ESKOM

Share this now

EKUQALENI kwaleli sonto isikhulu esiphezulu sakwa-Eskom uMnu u-Andre de Ruyter sithe kumele silindele ukuthi ukucinywa kukagesi kuzoqhubeka iminyaka eyisihlanu ezayo ngoba ugesi uyashoda ngo-4 000MW.   U-De Ruyter uthe lokhu kuzoba … Read More

IMIZAMO YOKUPHIPHA

Share this now

KULE minyaka emithathu edlule ezinye zezinto ezihlehlisele inqubekela phambili eNingizimu Afrika amahlazo ahlale obala embonini ezimele futhi enziwe ezinye zezinkampani ezinkulu. Lapha sikhuluma ngezinkampani ezifana neSteinhoff International, okwavela ukuthi yakhuphula … Read More

Kuyethembisa okuqhamuka kwiSabelomali, kuloba uBusi Mavuso

Share this now

ISINQUMO (sangeSonto) sokwehlisela ukuvalwa kwezwe esigabeni sokuqala sizosiza abantu abaningi baseNingizimu Afrika babuyele emsebenzini futhi sizosiza ukuvuselela umnotho. Ukushintshwa komthetho wewashi kuzosiza kakhulu imboni yezindawo zokudlela cishe okuyiyona eshayeke kakhulu ngenxa yobhubhane nokuvaleleka. Isekhona imithetho eyinqandayo kancane kodwa kungcono ngoba isizokwazi ukucishe ivule nokudayisa utshwala njengokwejwayelekile.

AKUBANJISWANE NGESABELOMALI

Share this now

KUPHELILE ukuqagela ngeSabelomali sango-2021/22, esethulwe kuleli sonto. UNgqongqoshe womNyango wezeziMali uMnu uTito Mboweni uzamile ukwethula iSabelomali esizokweseka lezi zinto ezine uMengameli uCyril Ramaphosa athe zimqoka kulo nyaka. KunoR10.3 billion wokuthenga … Read More

ASIKHOMBE INDLELA!

Share this now

ETHULA iNkulumo yeSimo seZwe ngesonto eledlule, uMengameli uCyril Ramaphosa ukhulume ngezinto ezine okuzogxilwa kuzona. Okuhamba phambili wukunqoba ubhubhane i-coronavirus kulandele ukuvuselela umnotho, ukudala amathuba omsebenzi bese okokugcina kuba wukulwa nenkohlakalo … Read More

UNGASALI EZINTWENI

Share this now

KUNEZINTO ezimbalwa esizaziyo ngabafundi baleli ziko lethu lezindaba. Yizinto lezi esingazifuniseli. Siyazi ukuthi bangaki, iningi labo ngabesifazane, basezifundazweni eziyisikhombisa, baneminyaka ephakathi kuka-25 no-44 futhi siyazi ukuthi abaningi bangena kwi-website besebenzisa … Read More

AKUBUYEKEZWE EYOTSHWALA

Share this now

ENKULUMWENI kaMengameli yomhla ka-28 Disemba 2020 uMengameli uCyril Ramaphosa wazuma wonke umuntu ngenkathi ememezela ukuvalwa kotshwala “ngokuphazima kweso”. Nemboni ekhiqiza utshwala nezimboni ethelelana nazo njengemboni yezokudla nezokungcebeleka, ithi yazumeka yilesi … Read More

KUNESIFUNDO LAPHA

Share this now

KULELI sonto omunye wosomabhizinisi abasafufusa esichicilele udaba lwakhe wuMnu uHlobo Mbube, owenza izicathulo, amabhande nezikhwama kwesikhumba ngesandla.  UMbube, ozinze eBhayi, eMpumalanga Kapa, uneminyaka ewu-10 aqala ukuzisebenza. Kuningi okusihlabe umxhwele ngodaba … Read More

ABASIXOLELE OSIYAZI

Share this now

UMENGAMELI uThabo Mbeki uyokhunjulwa emlandweni waseNingizimu Afrika yentando yabantu njengomengameli owayekhuthele kodwa ikakhulu owaqhakambisa ubu-Afrika ekwenzeni izinto. Loku kwakumqoka. Kepha futhi uyokhunjulwa njengomengameli okwabhubha izinkumbi zabantu ngenkathi ebambe amatomu ombuso … Read More

ASIZINUKE AMAKHWAPHA

Share this now

IMBONI yotshwala isiqalile ukunxenxa uMengameli uCyril Ramaphosa ukuthi abuyekeze isinqumo sakhe sokuvala ukudayiswa kotshwala uma usudlulile uJanuwari 15 ngemva kokuthi izwe libuyiselwe esigabeni sesithathu sokuvalwa kwezwe kuze kube yilolu suku.

PHEZU KWABO

Share this now

UNYAKA u-2020 ube nezigemegeme eziningi. Kuzona zonke indabizekwayo kube wukubheduka kweCOVID-19, eyenze kwavalwa izwe thaqa. Enye indabizekwayo yiKhomishini yokuGwamandwa koMbuso, eholwa yiPhini leNhloko yamaJaji uJaji uRaymond Zondo. Ubufakazi izakhamuzi nabakhokhintela … Read More

ASIQALE KABUSHA

Share this now

NGABE baningi abantu abasizakele emalini ebekelwe ukulwa nomphumela omubi weCOVID-19 ukube indlela okwenziwa ngayo eminyangweni kahulumeni ihlelekile futhi yenziwa ngesinono. Futhi ukube ezobuchwepheshe eminyangweni ziyashesha, zisebenza ngendlela eyiyo, iminyango iphakelana … Read More

IBAMBE NGAKHO

Share this now

ZININGI izinhlelo esezimenyezelwe okuthiwa zisungulelwe ukulekelela osomabhizinisi ukuze bakwazi ukuvuselela izinkampani zabo emva kokukhahlanyezwa yiCOVID-19.

SIKHUMBULA UMAKWETU

Share this now

NGENKATHI eqala umsebenzi wokuba wuMcwaningimabhuku-Jikelele eminyakeni eyisikhombisa edlule, uMnu uKimi Makwetu wathi into yokuqala nemqoka angathanda leli hhovisi ligxile kuyona wukwenza izisebenzi zikahulumeni zikusukumele ukulungisa amaphutha atholwa ngabacwaningimabhuku; nathi kuyoholela ekutheni imali yabakhokhi bentela isetshenziswe futhi iphathwe ngobunono.

OKUSHA SHA!

Share this now

NGENKATHI sethula Umbele ngenyanga edlule sabika ukuthi kuyohamba kuhambe kufike isikhathi lapho kuzodingeka mfundi othandekayo ukuthi uzikhokhele ezinye zezindaba esikuphakela zona.  Njengeziko lezindaba siyibhizinisi njengawo wonke amanye amabhizinisi, nokusho ukuthi … Read More

Umbono weziko

Share this now

Sibonga siyanconcoza UMA umuntu ezovuka athathe uhambo olumqoka noma uma kunento enkulu ezokwenzeka ngakusasa, kuye kuthiwe ulala engalele. Kube njalo nasethimbeni elisungule leli ziko lezindaba zamabhizinisi enkundleni yokuxhumana ngobuchwepheshe. Kanjalo … Read More

You cannot copy content of this page