Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noDJ wodumo lwengoma ethi Amabhungu nethi Umona, u-‘DJ Thotho’, ogama lakhe langempela uLutho Pasiya, futhi oyintatheli ebhala ngokudla neziphuzo

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali noma cha?

Yebo, ngangiphiwa ukuthi ngithenge ukudla esikoleni. Umama wayenginika nyanga zonke imali yokugibela neyokuthenga ukudla esikoleni sengifunda amabanga aphezulu. Kwesinye isikhathi abazali bami babengipha imali yokuthenga izimpahla zokugqoka ne-airtime.

Namhlanje KUSAZIWAYO NEMALI sikuphathele intandokazi yomrepha, uDuncan ‘Skuva Maguluva’ Mbambo odume ngamanoni athi Ring of Lies, Tsikitsiki Remix ne-AmaWeave. U-Duncan useke wahlabana ngezindondo eziningi, enye yazo yeBest Remix ayithola kumaMetro FM Awards ngeTsiki Tsiki

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo, kodwa ngangiyithola uma kade ngikhalela umama uma ehamba noma (ngikhumuke) izinyo bese ethi ugogo angilibeke esicathulweni igundane lizongipha imali.

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSindiswa ‘uLady Afrika’ Zulu, umbhali nembongi yezinkondlo zesiZulu nomnikazi wenkampani ehlela imicimbi i-Afrikazania Ink. Unencwadi yeqoqo lezinkondlo esihloko sithi Mayine

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali?

Ngihlale kakhulu nobaba ngikhula. Imali waqala engipha njalo ekuseni uma ngiya esikoleni. Ngangiphatha uR1.50 nomphako. Ngokuqhubeka kwesikhathi wangibuza ukuthi kunganjani ngidle isihlanu, ngibeke ishumi zonke izinsuku, ngavuma. Leyo mali yayihlala esikoqokoqweni esasinengidi evulwa wuye. (Wagcina) esenginika imali yesonto lonke, ethi kumele ngifunde ukudla ngizibekele kungashayi uLwesihlanu ngingasenamali.

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noPhila Duma, umfundi wezindaba kwiVuma FM, umbhali wencwadi esihloko sithi Morning After Dark nomphathi wenkampani yokuthwebula izithombe iPeezy Images

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali?

Ngingathi yebo futhi cha. Kwakuncika ekutheni ngangiyidingela ini imali. UMama wayecophelela kakhulu kwezezimali futhi ubehlale esifundisa kusukela sisebancane ukwenza imali ngoba ngaleyo ndlela sasizokwazi ukuphatha kahle lelo (senti) nalelo senti.

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sinethulela uCannon SA, ogama lakhe langempela wuKhulekani Mncwango, wumsakazi wesiteshi somphakathi Inanda FM, umculi we-Afro pop nomnikazi welebula yezimpahla zokugqoka, i-vXv Levels Street Wear

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali noma cha?

Yebo, ngangiphiwa imali futhi-ke ngenhlanhla enkulu umuntu esakhula imali encane yayinkulu. Uyabona nje ngoR2 wawungathenga izinto eziningi (kanti) yiyona mali enkulu leyo engangiyinikwa uma ngicela imali ekhaya.

UZinhle Madela wumculi we-Afro-pop, isishoshovu samasiko esiNtu nomphathi wenkampani yobuciko iHeArt Prints

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali?

Ngangiyithola impela kanti yileyo ndlela engaba nabangani abaningi ngayo. Umama wayewumhlengikazi kanti uR2 enganginikwa wona ngisesesikoleni samabanga aphansi wawuyimali enkulu. Ngangikwazi ukuthenga izinto ezimbili ngesikhathi sekhefu, ngiphinde ngithenge futhi uma sekuphume isikole. Isiqeda, ama-chips, isixavathi, imvuthu, iyobo, i-ice block nokunye okuningi. Konke kwakubiza u-50c ngaleso sikhathi.

UXolile ‘uZion’ Vilakazi wumbhali nomhayi wezinkondlo zesiZulu nomnikazi wenkampani yezobuciko Usiba Media. Useke wahaya izinkondlo zakhe eNingizimu Afrika naseSwatini. Unencwadi ethi Intaba YaseSiyoni Yokuqala

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo. Ngangiphiwa imali ngoba ngangingakuthandi ukudla. Umama wayengipha uR5 noma uR2 uma ngiqeda ukudla. Ubaba wayevame ukungipha imali eningi, ikakhulukazi ngenkathi sengenza uGrade 7. Wayenginika imali ethi ayibe la kuR1 000. Ngiyakhumbula nje ukuthi ngelinye ilanga umama wanginika imali ngaqala ngayo ibhizinisi, ngithengisa ugwayi, ngaphinde ngenza imali ngokulanda izingane enkulisa, abazali balezo zingane babengikhokhela uR5 (ngesonto).

Kuleli sonto usaziwayo wuGubhela, ogama lakhe langempela wuNduduzo Mkhize. Uwumbhali nomhayi wezinkondlo zesiZulu nomhleli wemicimbi yobiciko ngaphansi kwenkampani yakhe iGubhela Brands. Ngo-2019 uhlabane ngendondo ye-Best Poet kumaSATMA Awards.

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali?

Lutho! Ngangingayiphathi ngisho nasesikoleni; kangangokuthi ngisho nabangani engagcina ngijwayelana nabo esikoleni ababenjengami, mina nabo sasingenayo imali njengezinye izingane esikoleni.

Engosini lapho sixoxa khona nosaziwayo ngemali, namhlanje sinomlingisi uFundiswa Zwane, oseke walingisa kwi-Generations, Imbewu: The Seed neminye. Unebhizinisi leziqholo iCamagu by Fundi Zwane

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali noma cha? Yebo. Ngisemncane abazali bami babenomusa ngendlela ababengeseka ngayo kwezezimali. Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange? Ngavula i-akhawunti yami yokuqala ngenkathi sengizohamba ekhaya ngiphikelele enyuvesi. Uma ucabanga … Read More

Kuleli sonto sinethulela ingosi entsha lapho sixoxa khona nosaziwayo ngemali. Namhlanje sinoNkosinathi ‘Dr Love’ Mshengu woKhozi FM. UMshengu uphinde abe wumphathi wenkampani yezokwakha Umshiza Holdings

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali noma cha? Ngenxa yokuthi umama ubesebenza emajalidini ehlala kude nami, kwangiphoqa ukuthi ngisheshe ngizifunele amatoto. Ngaleyo ndlela umama wayebhekana nezidingo zesikole, engingabala kuzona umfaniswano wesikole nokunye. Ngagcina … Read More

You cannot copy content of this page