Umbele uqhakambisa futhi ubungaza OSIBINDIGIDI. Laba ngabantu abakhombise isibindi basungula amabhizinisi ngenkathi izwe livaliwe ngenxa yeCOVID-19
NGOMGQIBELO kuphela unyaka golokoqo izwe lavalwa okokuqala ngoba kuzanywa ukunqanda ukubhebhetheka kweCOVID-19. Ngesikhathi kuqala kwakuthiwe lizovalwa izinsuku eziwu-21 phakathi kukaMashi 27 no-Ephreli 16.
Ukusutha indaba yokubuyela emsebenzini ngemva kwe-lockdown kumfake intshisekelo yokuqala ibhizinisi lokusabalalisa umvini nezinyembezi zikaKhwini. Umsunguli walo uxoxe noLANGA KHANYILE
WONKE amabhizinisi anendaba ethile ngokusungulwa kwawo. Kunjalo nangebhizinisi lentokazi ewumsunguli webhizinisi elisabalalisa iwayini nogologo iWines & Spirits Stories.
Iciko elimakhonokhono, okubalwa kuwona ukupenda, ukubaza, ukucula nokudansa, lishaya isidlo samaNtaliyane esiconcisa amathe. ULANGA KHANYILE uxoxe nalo
IBHUNGU laseMlaza elinamathalente amaningi neliqeqeshelwe ubuciko bokudweba, phecelezi i-fine art, liveza ubuciko balo ngendlela ehlukile – esitofini.
Kumvulele ithuba lokusebenza nezinkampani ezinkulu umpheki osebenzise izinkundla zokuxhumana ukufundisa abantu ukupheka ngenkathi kuvalwe izwe. Uxoxe noZANELE MTHETHWA ngokunyelwa yinyoni esandleni
UKUSEBENZA kanzima ngenkathi kuvalwe izwe ngenxa yokubheduka kweCOVID-19, kumvulele amanye amathuba umpheki osemusha.
Usizi nezinselelo ahlangabezane nazo ngezikhathi ezahlukene kuzale amabhizinisi amabili amasha osanda kwethula insipho yezitsha ethi yena. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
UKUNGALITHOLI ithuba lokuyoqeqeshwa emva kokwenza izifundo ze-mechanical engineering eTshwane South TVET College kwamphoqa ukuthi abheke enye indlela angaziphilisa ngayo.
Umcwali wezinwele uthole indlela entsha yokufinyelela kumakhasimende akhe ngenkathi kuvalwe izwe. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
KUMTHATHE okungenani inyanga esaba ukuya kumakhasimende akhe ayemcela ukuthi akazowenzela ikhanda ekhaya uMnu uNjabulo Sithole weGQ Hair.
Uthando lokupheka, ukuba yisiphekepheke nesizungu esibangwe wumgonqo kumholele ekusunguleni ibhizinisi lokwenza ujamu owehla esiphundu. Umnikazi walo uxoxe noSLINDILE KHANYILE
UKUFUNA into ehlukile angachitha ngayo isizungu ngesikhathi sikathaqa kumzalele ibhizinisi elikhula ngamandla.
UNksz uPhumelele Myeza, umsunguli wePure Elegance @Home usehlale ematasa ediliva izinhlobo zikajamu awenza ekhaya amakhasimende akhe angawuvali umlomo ngawo.
Ukusheshe azuze impumelelo kumlimazile kodwa futhi leso sifundo yisona asesisebenzisa ukukhulisa ibhizinisi lakhe lokubhaka elisimamayo. Ulandise USLINDILE KHANYILE
NGEMVA kokudilizwa emsebenzini wasungula inkampani yokudla eyaqala igxile ezikhaftinini zabantwana nokwalandelwa wokugcina esephekela imicimbi yezinkampani ezinkulu.
Ukubalekela ubungozi bokutheleleka nge-coronavirus nokunqena isiminyaminya endaweni yokuwasha imoto akusho ukuthi hlala nemoto exathukayo. Sekune-car wash yezinsizwa ezincane eza kuwena ekhaya, kuloba uSLINDILE KHANYILE
UKUWA kwenye wukuvuka kwenye. Sisho njalo isiZulu. Kunenqwaba yosomabhizinisi abakhalayo ngenxa yokuqubuka kweCovid-19 ngoba kuholele ekuweni kwamabhizinisi abo kodwa kukhona abahleka bodwa ngenxa yeminyango evulekile.
Usebuyele ekudayiseni izimpahla zokugqoka osengenise nakwiTV ngohlelo lwemishado kodwa kuloku usebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje. Uxoxe noZANELE MTHETHWA
UKUVALELEKA ngenxa yemigomo ehambisana nokunqanda iCOVID-19, kuzale elinye ibhizinisi kowesifazane osengene nasemkhakheni wethelevishini.