Kucetshiswa izitokfela ngendlela ephephile yokukhipha imali ukuze zigweme ukuba wukudla kwamaqola. INTATHELI YOMBELE iyabika
AMAHOLIDI kaKhisimusi aseqalile kanti ezinye zezinto ezijwayelekile ngalesi sikhathi wukuhlukanisa izitokfela. Abanye bazihlukanisa ngasekuqaleni kukaDisemba kanti abanye bazihlukanisa ekupheleni kwawo ngoba imali basuke beyongela izidingo zikaJanuwari nokuvula kwezikole.