Hloboluni lwebhizinisi ongaluqala? UNTOKOZO BIYELA uyakucebisa

Share this now

ABANTU abaningi abafika kimina bezocela ukucetshiswa ngezamabhizinisi baye bafike bengazi ukuthi hloboluni lwebhizinisi okufanele baluqale. Nami ngiye ngingazi ukuthi ngizothi kumuntu akaqale hloboluni lwebhizinisi uma kwayena engazazi ukuthi yini athanda ukuyenza.

Abantu bangena ebhizinisini ngezindlela eziningi. Omunye ungena ngenxa yokuswela umsebenzi, omunye angeniswe uthando lwebhizinisi kuthi omunye azithole esesebhizinisini ngendlela angayibonanga ukuthi yenzeke kanjani. Lezi zinhlobo ezehlukene zokungena ebhizinisini ziletha imiphumela eyehlukene.

Asiqale ngalo ongena ebhizinisi ngenxa yokweswela umsebenzi. Loku kuye kwenziwe yingcindezi umuntu asuke enayo yokuthi akawutholi umsebenzi noma ngabe uneziqu zemfundo ezingaki kodwa amathuba okuthola umsebenzi awekho.

Uye athi uma engena kwezamabhizinisi, angeniswe yingcindezi nesimo abhekene naso sokuxosha ikati eziko. Yingakho iningi labantu elingena kanjena livame ukungazazi ukuthi lifuna ukwenza hloboluni lwebhizinisi, ngakho-ke lizokwenza noma yiluphi uhlobo lwebhizinisi ngoba into eliyidingayo yimali.

Iningi lizithola selihubha amathenda ngethemba lokuthi ucilo uzothuka ezishaya endukwini. Loku-ke kunobungozi obuningi ngoba akukho ukuhlela kahle izinto, futhi nesipiliyoni ngogqozi lokwenza ibhizinisi lusuke lungekho. Amathuba okuthi ibhizinisi eliqale kanjena okuthi liphumelele mancane.

Asilandelise ngothuke engena ebhizinisini engaqondile futhi engahlelanga. Loku kuye kwenzeke kubantu asebenengcindezi emsebenzini abakuwona, abasakwazi nokuzenzisa emsebenzini abakuwo; sebelinde ithuba lokushiya nalabo asebeya empheshenini, sebethole izimali zabo.

Ake siqale ngalo osenengcindezi emsebenzini. Kungenzeka ukuthi kuqhamuke umngani noma ithuba elithile lokuqala ibhizinisi, yena bese ebona ukuthi alikho elinye ithuba lokuthi angene ebhizinisini elidlula leli, bese eyangena.

Inkinga esuke ibekhona wukuthi yena ubeke kakhulu ithemba lokusimama kwaleli bhizinisi kulona ofike nethuba. Yena kungenzeka uza nemali noma nolwazi oluthile kodwa olungenele kahle ukuthi angaba sebhizinisini yedwa.

Abantu abavamise ukuhlangana kanjena kuvamise ukuthi ubudlelwano babo bengophathina bube muncu ekugcineni ngoba isuke ingacacicile imigomo nendlela yokusebenzisana.

Lona osanda kuthatha impesheni, usuke esenomzwangedwa wokuthi akasasebenzi kodwa unemali. Loko kwenza ukuthi noma yiliphi ithuba lebhizinisi eliqhamukayo elithembisa inzuzo enkulu, aheheke; noma engalazi ukuthi lizosebenza kanjani lelo bhizinisi kodwa yena usuke ethemba lona omthembisa izulu nomhlaba. Nokho-ke iningi lisuke lingabuzanga elangeni; ligcina selilahlekelwa yingxenye noma yiyo yonke imali yempesheni ukuzama imali ethe xaxa.

Uma siza kulona osuke ekuhlelele kahle ukungena kwezamabhizinisi. Lona ke wumuntu okudala aqala ukuzama ibhizinisi esakhula njengokudayisa  izinto esikoleni, emphakathini noma emsebenzini. Ufika lapho ebona khona ukuthi ibhizinisi seliyandlondlobala, selidinga ukuthi aphume lapho esebenza khona ayolibamba mathupha.

Kungenzeka futhi kube wukuthi kade ayezilungiselela, kwase kwaqhamuka ithuba ayekade elilindele. Loko kwenza ukuthi ukuzilungiselela kwakhe uma sekuhlangana nethuba eliyingqayizivele kusheshe kuchume konke akwenzayo. Ngamafuphi nje lona usuke engene ebhizinisini akade akuhlelela ukuba kulona. Ubungozi bokuthi ibhizinisi lingaphumeleli buba buncane kakhulu.

Naku engiye ngikuveze uma ngizama ukusiza umuntu ongazazi ukuthi angene kuliphi ibhizinisi noma imboni. Ngiye ngithi kuhle ukuqala ngokuzihlola wena ukuthi yini othanda ukuyenza – into ongayenza ngisho ungakhokhelwa. Kungaba yithalente lakho noma umkhakha nje owuthanda njengokupheka, ukubhala izincwadi, ukudlala uhlobo oluthile lwezemidlalo, ukucula, ukudweba njalo njalo. Bheka ithalente lakho kuqala, bese ubheka ukuthi yimuphi umkhakha ongangena kuwona.

Okunye wukwenza uhlobo lomsebenzi ovele wawufundela. Kuba lula kakhulu ukuthi “uphume inxiwa” uziqalele into efana ncamashi nale oyenzayo manje kodwa umehluko wukuthi uzobe uzenzela wena futhi unesipiliyoni sayo. Loko kusho ukuthi nenzuzo yonke izoza kuwena. Ngakho-ke ungaqala njengomeluleki emkhakheni okuwona noma imboni okuyo. Kuye kube lula uma uqala kanjalo.

  • UBiyela ungumeluleki wosomabhizinisi enkampanini iMindset Shift Consulting.

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

You cannot copy content of this page