UMnu uMaano Khodani, umlimi omncane waseDivhane, eVhembe, eLimpopo

Izithombe: Zithunyelwe

Ibhungu liyafuya, liyalima kodwa selimandla ekulimeni okungandile kubalimi abamnyama. Lixoxe noLUCAS LEDWABA

Share this now

LIYASIMAMA ibhungu laseDivhane, esifundeni iVhembe, eLimpopo elaqala lilima njengawo wonke umuntu ngemva kokushiya isikole lineminyaka ewu-16. Nokho lona ligxile ekulimeni okungavamile endlini emnyama – ugalikhi.

Ngonyaka odlule amanani kagalikhi enyuka kakhulu ngenxa yokuvalwa kwezwe okwakubangwa wukuthi isivuno sakwamanye amazwe sasiphazamiseka, njengoba iChina kuyiyona ehamba phambili emhlabeni ngokukhiqiza ugalikhi kanti isikhathi sokuwuvuna sasesisemaphethelweni.

UMnu uMaano Khodani, oneminyaka ewu-22, uthi: “Ngangifisa ukutshala okungavamile (ugalikhi) ngoba ngeke kubange nezinto ezixhaphakile njengotamatisi.

“Ngizotshala nojinja bese ngitshala nerayisi,” kusho yena. 

Akagcini ngokutshala ugalikhi kepha futhi utshala namanye amaveji futhi ufuye izingulube nezinkomo.

Nakuba ashiya isikole kepha manje uyasibona isidingo sokucija ulwazi lwakhe lwebhizinisi ukuze lithuthule. Yingakho esebhalisele izifundo zezolimo ekolishi lendawo lamakhono, phecelezi i-TVET college

UKhodani ulima emhlabeni wesizwe esigodini sakubo eDivhane. Okwamanje ugalilkhi uwulime endaweni eyihekthare kanti waqala ngokulima imigqa eyisishiyagalombili ukuhlola ukuthi umhlaba uzilungele yini lezi zithombo.

Ugalikhi olinywa wuKhodani

Uyachuma umsebenzi kangangokuthi uqashe izisebenzi ezimbili ngokugcwele kanti unezinhlelo zokusandisa ngokuphindaphindiwe lesi sibalo.

Emakhasimendeni akhe kukhona abadayisa amaveji nezitolo ezinkulu ezithenga kuyena ngqo.

Kwezinye izinselelo ake wabhekana nazo uthi: “Kwake kwenzeka ngahluleka wukhuthola inzuzo engangiyibalile. Ngagcina ngithola imali encane. Manje sengiqala ngifune amakhasimende ngaphambi kokuthi ngitshale ukuze ngisho ngidayisa ngemali encane kodwa kube khona engikutholayo,” kusho uKhodani.

UKhodani waqala ukulima ngemali ayithola ngokusebenza noyise, owenza amakhabethe. 

“Intsha eningi ayithandi ukusebenza umhlabathi kanti kumnandi kabi uma usuvuna isithukuthuku somsebenzi wakho,” kuphetha uKhodani. 

You cannot copy content of this page