UMnu uSihle Shabangu, umsunguli weNyanda Designs yaseHammarsdale, eThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Iciko elisebenzisa izihlahla ezingewona umsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika lifukula umphakathi, lethule uhulumeni umthwalo emahlombe. Lixoxe noSANDILE GWALA

Share this now

UYICIKO elikholelwa wukuthi kubalulekile ukuvuselela impahla ebisithathwa njengemfucuza bese isetshenziswe kabusha. Uthi ukwenza loku kungalondoloza imvelo kuhlomule izizukulwane ezizayo.

UMnu uSihle Shabangu, umsunguli weNyanda Designs, uthi le nkampani ezinze eHammarsdale, eThekwini, KwaZulu-Natali, ayigcini ngokufaka amakhabethe kuphela kepha yenze nezimpahla zasendlini nemihlobiso. Emisebenzini eminingi usebenzisa ikhemikhali i-epoxy nezihlahla okungezona ezaseNingizimu Afrika.

“Ngokusebenzisa ama-invasive plant aphazamisa imvelo ukwenza umsebenzi wami ngikholwa wukuthi ngiyawulekelela kakhulu umphakathi nohulumeni ukususa lezi zihlahla eziyinkinga. Lezi zihlahla ngifike ngizinqume zisemanzi ngizomise ngaphambi kokuqala umsebenzi wami.”

Umhlobiso wewashi weNyanda Designs

Leli ciko aligcini ngokusebenzisa izihlahla eziyinkinga kuphela, libuye lisebenzise nensimbi eliyikhiqiza ngokuncibikilisa amakani.

UShabangu, owenza izifundo ze-Architectural Draughting, uthi uthando lokuba yiciko lwamenza wakhetha ukungagxili entweni ayifundele. Uthi yilesi  sizathu esenza wagcina ezisungulele inkampani afisa ukushintsha impilo yabantu ngayo.

UShabangu uthi ukusebenzela umphakathi yinto ayikhonze kakhulu njengoba iningi lamakhasimende akhe kungabantu bendawo.

“Nakuba inkampani yami (ingenazo izisebenzi eziqashe) ngokugcwele kodwa bakhona abafowethu ababili abangilekelelayo ngezikhathi ezithile. Isifiso sami esikhulu wukugcina senginabantu abasakhula engibaqashe ngokugcwele,” kusho yena.

I-tray elenziwa eNyanda Designs

Okunye alekelela ngakho umphakathi wukuthenga amakani komama bendawo abawaqoqayo. Uthi uqinisekisa ukuthi ubakhokhela imali engconywana kunabayithola ema-scrapyard.

UShabangu ufisa ukuthola abatshalimali ngoba i-epoxy iyabiza, ukwengeza imishini ayisebenzisayo ukuncibilikisa amakani nokunabela kwezinye izindawo.

Facebook: Nyanda Designs

You cannot copy content of this page