Imishwalense nencwadi yefa akuhlale kusesimweni ngaphambi kokuqala kwamaholidi kaKhisimusi, kuloba uLee Bromfield

ISIKHATHI sobumnandi ekade silindelwe ngabomvu sifikile. Abantu abaningi bazothatha isikhathi baphumule bakhokhe umoya ngaphambi kokuqala konyaka omusha. Kuyishwa ukuthi lesi sikhathi sonyaka sidume ngezinhlekelele ezifana nezingozi zomgwaqo nobugebengu njengoba abantu behamba, bevakasha futhi bejabula ezweni naphesheya nabangani nemindeni.
Isikhulu esiphezulu eFNB Life uMnu uLee Bromfield sithi: “Emindenini engahlelanga ngokwanele ukuze izigade emiphumeleni emibi ethinta imali, imiphumela yezinhlekelele ingaba mibi kakhulu kuyona. Yingakho sikhuthaza abathengi ukuthi baqinisekise ukuthi banomshwalense womngcwabo noma wempilo, laba abanayo kumele beqinisekise ukuthi bayigcina isesimeni esifanele, ikakhulukazi njengoba isikhathi esimatasa samaholidi siqala.”Â
Amasu okukusiza ukuthi umshwalense wempilo yakho uhlale usesimweni esifanele:
- Khokha imali okumele uyikhokhe nyanga zonke. Ukukhokha ama-debit order yindlela enhle yokuthi umshwalense wakho wempilo uhlale usesimweni esihle. Uma ukhokhelwa ekuqaleni kukaDisemba, qinisekisa ukuthi unemali eyanele yokukhokha uma kufika usuku lokukhokhela umshwalense.
- Buyekeza abazohlomula kumshwalense wakho. Izinto azihlale zimi ngomumo ngabazohlomula ukuze ugweme ukubambezeleka uma sekumele bafake isicelo sezimali zomshwalense. Ungakwenza kalula loku online.
- Qinisekisa ukuthi unomshwalense owanele. Wumqondo omuhle ukubuyekeza imishwalense yakho njengoba nezimo zempilo zishintsha. Qinisekisa ukuthi unomshwalense owanele wezimo ezihlukene ezinjengokudlula emhlabeni, ukukhubazeka nokugula okuyimbelesela.
- Ungenzi ubugebengu. Imiphumela yobugebengu ingenza kubenzima uma okufanele bahlomule kumshwalense wakho sebefaka izicelo zokuthi kuphume izimali.
- UMnu uLee Bromfield uyisikhulu esiphezulu eFNB Life