Impumelelo yomlimi wesifazane ifakazela ukuthi ukuba wumlimi akusiyo into yamaBhunu adlubha okhakhi wodwa. Uxoxe noLUCAS LEDWABA

BAPHEZU komkhono bonke eMaswele Farm. Abantu besifazane bamatasa bavuna u-green beans kudedangendlale wensimu. Eduze amadoda abeka ngononina amakesi katamatisi azolandwa ngamakhasimende.
Kwelinye igumbi lokupakisha abanye abantu besifazane bapakisha u-green beans ozohanjiswa emakhasimendeni. Eduze kwendawo yokupakisha, kunowesilisa oluse izinkomo ezidlela emikhonjeni. Umnikazi wepulazi akusilo iBhunu eligqoke isikhindi sikakhakhi. UNksz uTshepiso Mametja, oneminyaka ewu-36, yintokazi ongayicabangela ukuthi iyimenenja yasehhovisi thizeni. Phinde, uNksz uMametja wumsunguli weplazi elingamahekthare awu-287 iMaswele Farming eTrichardstal, eLimpopo.
Ipulazi limandla ku-green beans, umbila omncane, i-patty pan, utamatisi, u-green no-yellow pepper. Kufuywe nezinkomo, izimbuzi neziklabhu.

Nakuba imvamisa kudume ukuthi umuntu wesifazane omnyama ulimela ukuziphilisa emhlabeni omncane kodwa uNksz uMametja ungomunye wabantu besifazane abandayo abangenisile ekubeni ngabalimi abakhulu nabahlose ukukhombisa ukuthi akusizona zonke izinhlelo zokubuyisa umhlaba ezibhuntshayo.
Ngo-2014 uNksz uMametja wabelwa umhlaba ngohlelo lokuwuqasha iminyaka ewu-30 ngemva kokuthi umNyango weZolimo nokuThuthukisa Izindawo ezisemaKhaya iwuthenge ngoR8 million ngohlelo iProactive Land Acquisition Strategy.
Uhlelo lokwaba umhlaba luyingxenye yomkhankaso kahulumeni wokulungisa umonakalo wobandlululo olwenza ukuthi abantu abamnyama basale bengenamhlaba. Ngo-2017 ucwaningo ngomhlaba lomnyango lwaveza ukuthi abantu abamnyama abantu abangabanikazi bomhlaba owu-4% kuphela kwezolimo.
Isekela likaNgqongqoshe womnyango uMnu uMcebisi Skwatsha lethula inkulumo yesabelomali ngoMeyi, lathi uhulumeni usuwenze kangcono ngokuphindaphindiwe ukuthola umhlaba uma kuqhathaniswa nangonyaka wezimali owendulele ngokuthola amahekthare awu-57 000 omhlaba ngohlelo iPro-Active Land Acquisition Strategy ngonyaka wezimali wango-2021/22.
IMaswele iqashe izisebenzi eziwu-50 ngokugcwele neziwu-120 eziqashwa ngezikhathi zokuvuna.
UNksz uMametja, owayenepulazi elincane ngaphambi kokuthola leli plazi, unesivumelwano nomuntu omthuthela isivuno asiyise ezitolo ezinkulu iLimpopo yonkana. Esinye isivuno sakhe usidayisa e- Johannesburg Fresh Produce Market, eTshwane naseYurophu. Manje usehlose ukukhulisa umsebenzi wokudayisa inyama yenkomo phesheya.

“Imfihlo ekulimeni ilele ekutheni kufanele uzinikele. Udinga abantu abazokucathulisa. Nginomuntu ongicathulisayo. UBaba (uMnu uRex Mametja) useneminyaka engaphezu kuka-30 engicathulisa kanti nanamuhla usasebenza nami,” kusho yena.
“Ngixhumana nezinhlangano zezolimo, ngiya koqeqeshwa futhi ngiye ezithangami zokucijwa. Ngaphandle kwaloko, uma uhlala emasimini ungazi ukuthi kwenzekani ngaphandle, uzothwala kanzima,” kweluleka uNksz uMametja.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.mukurukuru.co.za