INingizimu Afrika ayiyona indawo embi emehlweni abatshalimali kodwa ihlalelwe wumsebenzi wokuvikela igama layo, kuloba uBusi Mavuso

Share this now

NAKUBA abatshalimali bebona iNingizimu Afrika iyindawo enhle yokutshala imali kodwa abaneme ngezinguquko ezishaya ngonyawo lonwabu. Lo myalezo ucacile esidlweni sakusihlwa iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ebisihlelele i-20-20 Investment Association esisanda kubakhona.

Lo soseshini ngowabatshalimali abanamandla ngokomnotho unamalungu ezikhwama zabatshalimali, imindeni yezicebi, imishwalense nezinhlangano eziphatha imali ezinekomkhulu emazweni emazweni abalelwa kwayisishiyagalolunye. Laba batshalimali ngeke bafake imali yabo kuleli zwe ngoba becabanga ukuthi singabantu abahle. Badinga ukutshala endaweni efanele lapho bezobuyelwa yimali yabo khona.

Kunendathane yamathuba okutshala imali eNingizimu Afrika njengasemikhakheni yokuphehla amandla kagesi ovuselelwayo, ukukhiqiza izimoto ezihamba ngogesi namandla kagesi ovikela imvelo. Abatshalimali bami ngomumo ukuba yingxenye yale misebenzi.

Ngaphezu kwalokhu, idumela lamazwe athuthukile njengeTurkey neRussia selehlile, okunika iNingizimu Afrika ithuba lokuthatha le ndawo kodwa uthi sizokwazi nje njengoba sinezinselelo ezinjengesimbelambela sokucisha kukagesi, ukusweleka kwemisebenzi, izinkinga zezisebenzi nokwenza izinguquko ezinqala? 

Okunye engikuqaphelile kulesi sidlo wukuthi amalungu e-20-20- Investment Association awavalekile amehlo ngamazinga aphezulu enkohlakalo kanti abona sengathi uhulumeni awenzi okwenele ukuyiqeda.

Abanye abatshalimali babone ubunzima iMauritius ebhekane nabo ngenkathi ifakwe ohlwini lwamazwe okucanasa amaphekulazikhuni kuwo i-grey list yiFinancial Action Task Force (iFATF) kanti cishe ngeke atshale kwelinye izwe elilengela engozini enjalo. Ngokusho kweFAFT, inhlangano elwa nokushushumbisa imali, iNingizimu Afrika iyayithobela imibandela noma ayiyithobeli nhlobo imithetho ewu-20 kwewu-40. I-FAFT ithole ukuthi kuyavuza uma kukhulunywa ngokugwamanda amandla ombuso nokushushisa izigilamkhuba kanti isinqumo sizokwenziwa ngoFebhuwari ngonyaka ozayo sokuthi iNingizimu Afrika ifakwe yini noma cha kwi-grey list.  

Umbiko omusha weBLSA nge-grey list uthole ukuthi awu-85% amathuba okuthi sifakwe kulolu hla kanti njengoba sengike ngasho phambilini, kudingeka kugxilwe ethubeni eliwu-15% lokugwema ukuthi singene ngoba uma singena, kuyoba nzima ukuthi abatshalimali baphesheya, njengamalungu e-20-20 Investment Association, ahwebe nathi.

Imiphumela iyoba mibi. Umbiko wethu ulinganisa ukuthi umphumela wokufakwa kulolu hlu ngeke ube mubi kakhulu noma uyoba mubi kakhulu, kuye ngokuthi iNingizimu Afrika iwusukumela kangakanani. Ulinganisa ukuthi umonakalo uyoba ngaphansi kuka-1% weGDP uma sisukuma sibhukula kuya ku-3% uma iNingizimu Afrika ibonakala ingasukumi futhi ingazimisele ukuthobela imigomo ebekwe yiFATF. 

Kuyacaca ezinkulumweni zamalungu kasoseshini ukuthi asiyona indawo embi yokutshala imali emhlabeni, kodwa kufanele sibhukule ukwenza indawo ezwana nabatshalimali  ngokwenza izinguquko ezinqala ukwenza umnotho wethu usimame nokugcwalisa isinqumo sethu sokuqeda imicikilisho. Kudingeka sishushise bonke abathinteka ekugwamandeni amandla ombuso.

Umonakalo omkhulu odalwe yisiteleka saseTransnet udinga impendulo “eyindlakadla” ukulungisa okungasebenzi ohlelweni lwezokuthutha lwethu. Umthethosivivinywa iRegulation of Transport Bill, ovumela izinguquko ezinhlelweni zamachweba nezengqalasizinda, wethulwe ngoJanuwari wango-2020 kanti izinsika zawo eziningi zibesemthethweni kusukela ngo-2005. Usendleleni ebheke ePhalamende.

Nakuba izinguquko zawo zibalulekile, kodwa ziyanqindana futhi ziphela eduze. Kufanele sisuse izinkampani zethu zikahulumeni ogibeni lapho ziloku ziphindela kuhulumeni ukuyokhangeza imali yokuzitakula kodwa imizamo yokuzilungisa ingenziwa. 

  • UNks uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA
You cannot copy content of this page