INingizimu Afrika izigwaza ngowayo ngokungasebenzisi ubuchwepheshe besimanje – ungoti. USLINDILE KHANYILE uyabika

ZININGI izinto okungabe zisebenza kangcono futhi ngokushesha kuhulumeni ukube uphiko oluqondene nokuqhamuka nezinto ezintsha kusetshenziswa ubuchwepheshe lunegunya lokuphoqa iminyango kahulumeni ukuthi isebenzise izindlela ezintsha.
Usho kanje uMnu uMuzi Ntombela, i-chief information officer e-Centre for Public Service Innovation ngenkathi ekhuluma kwi-Africa Tech Festival, ebiseCape Town International Convention Centre eNtshonalanga Kapa, ngesonto elidlule. Umbele ubungabaxhasi bezindaba bale ngqungquthela ehlelwa yi-Informa Tech ezinze eNgilandi.
UNtombela uthe baneminyaka ewu-20 uphiko lwabo lukhona kodwa namanje kusekhona abantu kuhulumeni abangazi ukuthi benzani futhi njalo uma kushintsha abaphathi kufanele baqale phansi bazichaze. “Ziningi izinto esiqhamuka nazo ezingaxazulula izinkinga esinazo. Uma sesilwenzile ucwaningo saqhamuka nendlela entsha, esikwazi ukukwenza yisiphakamiso sokuthi akwenziwe ngendlela ethize, asikwazi ukuphoqa abantu ukuthi bayisebenzise leyo nto entsha esisuke siqhamuke nayo.
“Kunzima ukuhola uhlelo lokuqhamuka nezinto ezintsha kahle. Siye sithi akulethwe okungenani umuntu oyedwa azoqeqeshwa. Sibawu-40 ophikweni lwethu nesabelomali sikaR44 million, okufanele sisiholele, sikhokhele irenti nokunye. Sesafunda ukuciciyela,” kukhala uNtombela.
Uthe bakhona abantu abambalwa kuhulumeni ababusebenzisayo ubuchwepheshe ukuphucula izinto kodwa kunzima uma bezama ukuthi into esibonakele isebenza kwenye indawo ithathwe nangabanye abanenkinga efanayo bayoyisebenzisa nabo.
Uthe: “Sebegcwele kakhulu abantu emadolobheni. Kufanele sithole indlela yokuthi ubuchwepheshe besimanje bube yinto ephathekayo kubona. Kodwa ubuchwepheshe bubodwa abanele. Kufanele sibheke nezinto ezifana nokuguquguquka kwesimo sezulu, umphumela wakho nokuthi ubuchwepheshe bungasisiza kanjani ukulungisa leyo nkinga.”
USolwazi uMiriam Altman, oqondene ne-Practice of 4IR e-University of Johannesburg, uthe kufanele kuphele ukwenza sengathi umoya wokudonsa i-internent yinto yomntakabani.

“Ukukwazi ukuxhumana akuyona into yedlanzana. Kubaluleke ngisho ukudlula ukudla okuningi. Akufanele kube yinto oba nayo ngenxa yezinga lempilo oyiphilayo. Kufanele kube yinto esizibophezela kuyona njengezwe,” kusho yena.
Kule ngqungquthela ehlanganisa abaholi bezinkampani zobuchwepheshe bekugxilwe ekutheni yini okufanele yenziwe ukuze abantu base-Afrika abangakakwazi ukuthola ubuchwepheshe kahle basizakale ukuthi bangalekelelwa kanjani.
Iphini likaNgqongqoshe womNyango wokuXhumana nobuChwepheshe uMnu uMohlopi Mapulane lithe akekho ozingabazayo izinto ezinhle umuntu azitholayo uma ekwazi ukuxhumana nabanye esebenzisa ubuchwepheshe.
Uthe kunohlelo olukhona onhloso yalo wukuqikelela ukuthi kufanele kushaye u-2025 wonke umuntu waseNingizimu Afrika esekwazi ukuxhumana ngobuchwepheshe.
Umengameli weHuawei eSub-Saharan Africa uMnu uLeo Chen uthe inkulu indima esikhathulwe i-Afrika kule minyaka ewu-20 edlule kodwa wathi usemkhulu umsebenzi osayihlalele ukuphucula ingqalasizinda ye-broadband.
Uthe: “Kufanele kuvalwe igebe phakathi kwabantu basemadolobheni nabasezindaweni zasemakhaya. Igebe leli eselivulwe kakhulu indaba kagesi.”

Uthe izinto ezintathu eziseqhulwini wukwandisa isibalo sabantu abakwazi ukuxhumana ngobuchwepheshe, ukuqhamuka nemikhiqizo emisha yobuchwepheshe nokwenza imboni yokuxhumana nobuchwepheshe isebenze ngendlela engayicekeli phansi imvelo.
Wengeze ngokuthi yingakho befaka imali eningi ekucwaningeni nasekuthuthukiseni izindlela zokusebenza nokwenza bakwazi ukuqhamuka nezindlela zokuphucula ukusebenza kwamachweba nezimayini kusetshenziswa ubuchwepheshe.