Inselelo enkulu entsha eNingizimu Afrika wubugebengu obuhleliwe, kuloba uBusi Mavuso

Share this now

UBUGEBENGU obuhleliwe buya ngokuya buba yingozi enkulu emnothweni wethu. Benza umonakalo omkhulu ngaphezu kwemigomo emibi noma ukwehluleka ukuhlinzeka abantu ngezidingo.

Silengela kubhubhane njengoba izimboni ezinkulu, kusukela kweyezimayini kuya kweyokwakha zicathanyelwa ngabaphangi. Lokhu kukhubaza imizamo yethu yokukhulisa umnotho wezwe ngokusebenzisa imigomo emihle nohulumeni osebenza kahle.

Osomabhizinisi kumele bathole indlela efanele yokubhekana naloku. Uphiko lweBusiness Leadership South Africa (iBLSA) olulwa nobugebengu iBusiness Against Crime kade laqala lenza umsebenzi obalulekile ukwelekelela ekulweni nobugebengu.

Uhlelo lwethu i-Eyes and Ears luqoqa imininingwane emabhizinisini nasezinkampanini zokuphepha ezizimele ukuze lulekelele amaphoyisa ukubona nokuphenya ubugebengu. Nginxusa noma ngabe yiliphi ibhizinisi asebeke bazama ukuligwazisa ukuthi libike loku kwi-website. Loku kusilekelela ukuthi sibone ukuthi ubugebengu obuhleliwe bushintsha kanjani ukuze siseke amaphoyisa ukulwa nabo.

Le mizamo isizile kakhulu. Sikwazile ukulandela imikhondo uma kunengozi engahle iqhamuke izophazamisa izinhlelo zengqalasizinda emqoka  nasezimbonini ezintsha ebezicathanyelwa. Sinobudlelwano obuhle namaphoyisa nabezobunhloli esinabo eNational Operational Command Centre.

Kepha ukuvama kwemizamo yokugwazisa amabhizinisi asemthethweni ezweni kudinga ukuthi kuliwe nakho ngezindlela ezintsha. Inkinga wukuthi nakuba amabhizinisi ekwazi ukukhokhela onogada siphinde sinikane ulwazi, asikwazi ukuzihlanganisela amadokodo futhi sishushise.

Lilonke, akekho ongasivikela ngaphandle kukahulumeni, amandla awo okwenza loko abuthakathaka kakhulu kunokufanele abeyikona.

Njengoba ngishilo ngesonto elidlule, kumele sibe nombutho wamaphoyisa osebenza ngendlela efanele, kumele ukwenza loku kube yinto eseqhulwini ezweni. Uma sihluleka kuyobe kusho ukuthi sisengozini yokuba nezwe eliphethwe yizigebengu ezikwazi ukufinyelela ezinhlakeni zethu zomthetho.

Lena kumele kube yinto entsha amabhizinisi ayibeka eqhulwini. Kade sigxile emonakalweni odalwe ukugwamanda amandla ombuso kanti bekufanele. Empeleni imbangela enkulu yalobu bugebengu obuhleliwe obandayo wukukhinyabezeka kwezikhungo zobulungisa zethu ngaleyo nkathi.

Namanje kusagxilwe ekuvuseleleni uPhiko lokuShushisa ezweni. Lona wumsebenzi obalulekile, sekube khona inqubekelaphambili ngenxa yawo. Ukuba khona kwamacala awu-29 athinta ukugwamanda amandla ombuso ezinkantolo, okubalwa kuwo athinta ababengabaholi eTransnet, e-Eskom nabakwaGupta, yinkomba enhle yokuthi ushintsho luyabonakala.

Nokho akunjalo uma sikhuluma ngoKlebe. Lolu phiko olulwa nobugebengu lathenwa ngabaholi balo abanamakhono, isikhala sabo savalwa ngabakhothamela abantu ababegwamande amandla ombuso. Abaningi babo basasebenza embuthweni. Nakuba kube khona imizamo yokuqoka ubuholi obunohlonze njengomphathi woKlebe uMnu uGodfrey Lebeya, bawumbutho omkhulu ongaqondakali kalula odinga ukuvuselelwa.

Ngokusho kombhali uMnu uJacques Pauw, lo mbutho unezikhala eziningi zomsebenzi ezivulekile (ziwu-2 789) kunabantu abasebenzayo kuwona. Ukuthola abaphenyi abasezingeni eliphezulu abangakwazi ukulwa nobugebengu obuhleliwe kunzima kodwa iyona ndawo osomabhizinisi abangalekelela kuyona ngamakhono beseka nokuvuselela.

Uma sifuna ukuqeda ubungozi obudalwa wubugebengu obuhleliwe sidinga ithimba lezobunhloli loKlebe nelobugebengu obuthinta amabhizinisi asebenze kahle. Ayikho enye indlela okungenziwa ngayo, lena akuyona into osomabhizinisi abangazenzela yona. Okuhle esingakwenza wukweseka amaphoyisa nokusebenzisana kwawo nezobulungisa ukuze kuqinisekiswe ukuthi zisebenza ngendlela efanele.

Ngizosebenzisana nozakwethu ekuqhamukeni nezindlela zokubhekana nale nselelo entsha. Manje sekuwumsebenzi obaluleke kakhulu emabhizinisini aseNingizimu Afrika. Ngizoxoxa nabalingani kuhulumeni ukuze sibone ukuthi singawenza kanjani umehluko maqondana naloludaba olubalulekile. Sicela uvele uma uneziphakamiso noma ufisa ukuphosa itshe esivivaneni.

INingizimu Afika isiphelelwe ngamacebo okulungisa inkinga yokucinywa kukagesi. I-Eskom nabanye abahlaziyi sekuphele iminyaka bebikezela ukuthi ukucishwa kukagesi kuzoba mandla, okusasisindisile ukuthi singadluleli ezigabeni eziphezulu zokucinywa kukagesi wukuthi i-Eskom isebenzise udizili njengenye yezindlela zokuvala isikhala. Isisebenzise uR11.1 billion wadizili kusuka mhla ka-1 Ephreli, leyo mali icishe yaphindeka kabili esabelwemali se-Eskom esinguR6.1bn, okuyimali engenayo.  

Uma singasheshe samukele ukuthi ukucinywa kukagesi kusazoba khona iminyakana bese sigxila emnyombweni wenkinga kunokuzama ukumbambatha, singasheshe sifinyelele ekubeni nogesi obiza kahle futhi othembekile.

Indlela iNingizimu Afrika eyadlula ngayo kubhubhane yenze yahlonishwa emhlabeni, iphuzu eligcizelelwe yithimba le-International Monetary Fund eliqondene nohlelo iFinancial Sector Assessment Programme elwenze eNingizimu Afrika. IBhange loMbuso laseNingizimu Afrika lishayelwe izandla ngendlela elabhekana ngayo ngokushesha nobhubhane. Lakwazi ukwenza loku ngenxa yokuthembana phakathi kwalo nemboni yezezimali kanti nendlela elixhumana ngayo nezimakethe, ihlale ibeka yonke into obala. 

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA
You cannot copy content of this page