Isenzo sezinyunyana sizohlehlisela emuva imizamo yokuvuselela umnotho, kuloba uBusi Mavuso

Share this now

EMBANGWENI yemiholo, izinyunyana zifuna kugxilwe kuphela ezingxoxweni eziphakathi kwezisebenzi nabaqashi. Azifuni ezinye izinhlaka ezinjengomphakathi nosomabhizinisi zingenelele odabeni oluthinta amaholo.

Isiteleka sezisebenzi zikahulumeni esiqale ngoLwesibili asigcini ngokulimaza umqashi (uhulumeni) nezisebenzi zakhe kepha sithinta abantu abaningi abasebenzisa izinsiza zikahulumeni ezisuke zingatholakali. Ngaphezu kwaloko, ukungaboni ngaso linye kukahulumeni nezisebenzi zakhe kuthinta isimo sezimali. Loko kuthinta wonke umuntu.

Osomabhizinisi bayathinteka kakhulu kulo mbango. Ithemba lehle kakhulu ngenxa yendlela uhulumeni angayiphathanga kahle ngayo imali eminyakeni eyishumi edlule. Ukukleliswa kweNingizimu Afrika njengezwe okuyingozi ukutshala imali kulona ekuqaleni kwango-2020 kuwubufakazi baloku kanti kuwulimazile umnotho.

Ziningi izikhathi lapho bekubonakala sengathi umnotho ungawa noma nini, nobekuzosho ukuthi kufanele  sicele i-International Monetary Fund isitakule. Izindaba ezimnandi wukuthi eminyakeni emibili edlule uhulumeni ukwazile ukulungisa kancane inkinga yesikweletu. Okunye kwakho kube yinhlanhla ngenkathi kunyuka amanani okumbiwa phansi kwandisa imali engenile kuhulumeni.

Kepha ukuphucula amazinga esikweletu kudalwe nawukuthi umNyango weziMali wenze izinqumo ezinzima ngendlela okusetshenziswa imali ngayo. Nokuthi uMgcinimafa ukwazile ukuzibamba ziqine kubalulekile ukuvuselela ithemba kosomabhizinisi nezimakethe.

Loku kwenza izwe ukuthi likwazi ukuthola imalimboleko engambi eqolo uma liboleka nosomabhizinisi bayakhuthazeka ukuthi batshale imali bazi ukuthi imali kahulumeni isesimweni esifanele. Loku kulekelela umnotho ukhule, kuholele ekwandeni kwentela eqoqwa wuhulumeni, izwe libe nemali eningi elingayisebenzisa kubantu.

Ukusimama kwezimali nginesiqiniseko sokuthi yinkinga izinyunyana eziningi eziyaziyo. Ukuhluleka ukukhokha izikweletu zethu kungaba yinhlekelele, ukuhluleka kwezwe ukukhokha izikweletu kungasho ubunzima obukhulu ezisebenzini zikahulumeni ngoba zingakhokhelwa emva kwesikhathi noma zingakhokhelwa neziningi zingalahlekelwa yimisebenzi. Ngenkathi izinyunyane zixoxa nohulumeni ngemiholo yezisebenzi zikahulumeni angizange ngizwe amasu azo okuthi isimo esinje singagwemeka kanjani noma kwehliswe ubungozi. Yimaphi amasu aphakanyiswa yizinyunyana angalekelela ukwenza ngcono isimo sezwe sezimali?

Uma izinyunyana zifuna u-10% kuwona wonke umuntu njengoba zenzile, esikhundleni sika-3% ophakanyiswe wuhulumeni, yiluphi uhlelo ezinalo ngokwehlisa umphumela omubi esimeni sezimali?

Ngingalilalela uhlelo lwangempela nolusebenzayo oluthembisa ukwenza ngcono ukusebenza kwezinhlaka zikahulumeni ukuze kuphucule umnotho nokwandisa imali yentela eqoqwayo. Uma uhlelo olunjena lungaphakanyiswa yizinyunyana njengendlela ezilekelela ngayo ukuvuselela umnotho wethu, ngingabe sengiwuzwake lo-10% eziwufunayo. Kepha angizange ngizwe izinyunyana ziqhamuka neziphakamiso ezikanjena.

Ngike ngabhala phambilini ngokuthi izinyunyana zijwayele ukusala uma sixoxisana nezinhlaka zomphakathi ukuze kutholakale izindlela zokushintsha ukwenza kwethu siyizwe. Isiteleka saseTransnet ngesinye isibonelo esisanda kwenzeka, kwakungabazeka ukuba semthethweni kwaso futhi kwacaca ukuthi inhloso yaso kwakuwukuvalela izwe ekhoneni.

Akumele kube njena. Kunezibonelo ezinhle emlandweni, njengeJalimane edume ngokusebenzisana phakathi kwezinhlaka zomphakathi, lapho khona indlela okuboniswana ngayo ngemiholo inesandla ekuthuthukeni komnotho wezwe.  

Kunaloko sizwa izinkulumo ezibudedengu kubaholi bezinyunyana njengombono wangesonto elidlule wokuthi izisebenzi ezenza imisebenzi ebucayi nazo zizoteleka. Akukho emthethweni loko. Umthetho wethu ucacile ukuthi ilungelo lokuteleka akumele lithinte izimpilo zezakhamuzi ezingaba sengozini uma izisebenzi zezempilo nezokuphepha zingateleka.

Abaholi bezinyunyana kumele bacacise ukuthi bahlela ukwenza izinto ngokomthetho uma befuna ukubonakala njengezinhlaka eziwusizo emzamweni wokubuyisela ukukhula kwezwe lethu esimweni.

Silimele sonke ngenxa yesiteleka, ngakho sonke sizofuna ukuqinisekisa ukuthi singabi nomphumela omubi omkhulu. Abamabhizinisi bacacisile ukuthi ngeke bakwazi ukubambezeleka enqubekeleni phambili ekulungiseni isimo sezimali esibe khona.

Uma izinyunyana zifuna ukusekwa kwezikufisayo kumele ziphakamise amasu azoba wusizo futhi zicacise ukuthi zizokwenza izinto ngokomthetho. Yiloko okufanele sikulindele kuzo zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezizibophezele ekwakheni izwe lethu kabusha.

Imibiko yokugwazisa ukuze abantu bahlomule ngemali nangokwepolitiki iyanda futhi inabela nakweminye imikhakha kanti nomonakalo emnothweni uyanda. Loku akuzange kubanyakazise abantu bomthetho nabaholi bezepolitiki.

Kuyadingeka ukuthi kukhucululwe emaphoyiseni nakwezinye izinhlaka zomthetho. Umbuzo uthi sikwenza kanjani loku?

Impendulo kahulumeni ngezincomo zikaZondo (inhloko yamajaji) ngokuqokwa kwezikhulu namalungu amabhodi ezinkampani zikahulumeni ayicaci kahle. Loku kuzokwenza abantu baqhubeke benze umathanda ukufeza izinhloso zabo. Uma kuzoqhutshekwa kudembeselwe, loku kuzovula intuba yokuphinde kugwamandwe amandla ombuso.

Osomabhizinisi bazimisele kakhulu ukulwa nenkohlakalo kanti iBusiness Leadership South Africa iziqaphe ngeso lokhozi zonke iziphakamiso ezenziwa yiJaji uRaymond Zondo nokuthi uhulumeni uzophendula athini.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa
You cannot copy content of this page