Ezihamba phambili ISIBALO sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika sinyuke ngo-2.3% safinyelela ku-42% ngekota yesibili ka-2020. Ngokwezibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa izolo, isibalo sabantu abasebenzayo sehle ngo-2.2 million safinyelela ku-14.1 million uma kuqhathaniswa nekota yokuqala yonyaka. Kanti isibalo salabo abaphelelwe wumdlandla wokubheka umsebenzi sona sehle ngo-447 000. September 30, 2020 Share this now