ISIBONELO ESIHLE

Share this now

SISANDA kubhala ngezelamani zakwaMkhungo ezingabanikazi beMzo’s Stylish Craft, ibhizinisi elenza umsebenzi obazwe ngokhuni eThekwini, KwaZulu-Natali.  

OMnu uMzokhona noMluleki Mkhungo baqale lo msebenzi eminyakeni ewu-14 edlule. Lezi zelamani seziwukhulise kangaka nje lo msebenzi eziwenzayo kodwa azizange ziwufundele esikoleni noma esikhungweni samakhono.

Empeleni uMzokhona waqala esebenza njengomapendane kwase kuthi ngokuzimisela kwakhe wagcina esefakwe enkampanini eyenza amakhabethe okwakungeyomnikazi wenkampani yokupenda. Yilapho afunda khona yonke into eqala phansi.

Emva kwesikhathi ezisebenza eceleni ube esephuma inxiwa leli asesebenza kulona nomfowabo. Kuningi okuhle nokukhuthazayo ngalolu daba.

Okokuqala wukuthi uMzokhona ukhombisa nabanye abantu abenza imisebenzi enganakekile njengokuba wumapendane ukuthi ukuqala ngalowo msebenzi akusho ukuthi kumele uphelele kuwona. Akusho futhi ayikho indlela yokukhula.

Okwesibili kukhombisa nokuthi noma ngabe ukuyiphi imboni kodwa uma uzimisela ungakwazi ukugcina nawe usunenkampani yakho futhi uyikhulise.

Esinye isifundo esihle ngesokuthi akukona okwabantu abathile kuphela ukukhulisa amabhizinisi omndeni kodwa noma ngabe ubani angakwenza, inqobo nje uma bephokophela kuleyo njongo yabo.

Zixoxa noMbele lezi zelamani zathi: “Thina siqhamuka ekhaya elimpofu la bonke abantu bebefanisa ngathi uma bechaza umndeni ompofu. Kodwa into abazali bethu abasifundisa yona kusukela ebuncaneni bethu wukusebenza kanzima. Asiwona nhlobo amavila ngoba sisebenza kuse emnyango uma sisuke sisebenza.” 

Nasi esinye isifundo – ukuthi uqhamuka ekhaya elinjani akuthi shu kodwa indaba inokuthi uphokophele kangakanani ukushintsha impilo yakho ukuze ungahlale ukhala ngokuthi uyahlupheka.

Izelamani zakwaMkhungo zikhombisa ukuthi awukho umlingo ebhizinisini kodwa kudingeka khona ukuhloma ikhanda phansi uzikhandle ukuze ubone imiphumela.  

You cannot copy content of this page