Bakhala bayazithulisa abadayisi basemigwaqweni okuzofanele baqale phansi emva kwezibhelu ezicekela phansi izinhlaka zomnotho

Izithombe: Zithunyelwe

Izibhelu nokutapa kushabalalise amabhizinisi abadayisi basemgwaqweni asekhulise, afundisa izizukulwana. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

OMUNYE wabadayisi basemgwaqweni onetafula esangweni lokuphuma eSiyaya, eMgungundlovu, KwaZulu-Natali, useneminyaka ecela ku-35 ondla umndeni wakhe ngalo njengoba edayisa amaveji kulona. 

Zonke lezo zithukuthuku seziphele kanjalo ngenxa yokucekelela phansi kwempahla nezinhlaka zomnotho osekunezinsuku kubhokile KwaZulu-Natali naseGauteng.  

Kuleli tafula izintambo esezithathwe yindodakazi yakhe kulona bagcine ukusebenza ngoMgqibelo njengoba kuze kube yimanje bengakwazi ukuvula.

UNksz uNtokozo Zondi, oneminyaka ewu-23, uthi unina waqala ethenga amasekeni emajalidini abuye azowadayisa ngaphambi kokuvula itafula nokuyilona elibakhulisile.

“Ngishiye ngi-odile eThawini (edolobheni) nokwenza ngingabi namali futhi angazi ngizoshonaphi. Bese ngicabanga nokuthola imoto ngiyozilanda, ngizodayisa lana emakhaya kodwa indlela izimoto ezibiza ngayo kusho ukuthi kuzofanele ngidayise ngamanani aphezulu,” kuzikhalela yena. 

UNksz uZondi uneminyaka engaphezudlwana kwemibili ethathe izintambo kunina ongasenawo amandla. Uma kuwusuku olungekho bhizi, uthi ungenisa okungenani uR500 kodwa le mali iyanyuka ifinyelele ngisho kuR3 000 ngosuku uma kuphele inyanga noma kuyizinsuku zokuhola izibonelelo. 

“Asinakudla layindlini, nemali ayikho,” kuqhuba yena. 

Lena yimboni emqoka eNingizimu Afrika njengoba ngokombiko we-Statistics South Africa okhishwe ekuqaleni kwalo nyaka, i-Gender Series volume VII: Informal Economy, 2019 abadayisi basemgwaqweni abayingxenye yayo, yakhe u-6% womnotho ngo-2017 noma uR21.5 billion kanti iqashe u-30% wabantu abasebenzayo. 

UNkk uZithobile Cele waqala ngo-1996 ukondla umndeni wakhe, okukhona nabazukulu kuwo, ngokudayisa etafuleni elikuChurch Street, eMgungundlovu.

“Isitokwe sibolile… izinto zibole zonke eThawini. Awukwazi nokuyokubheka. Hhayi sihlukumezekile, sondla izingane… hhayi ngisadidekile,” kubalisa yena.

UNkk uCele, othi ngosuku kungena imali ephakathi kukaR1 000 noR1 500, uthe nakuba eyiqonda into abantu abebetapa ezitolo abayilwelwayo kodwa akaboni ukuthi besikhona isidingo sokucekela phansi impahla.

“Ichaza ukuthini into yokushisa? Yikhona obekuyisidina kakhulu,” kusho yena. 

UMnu uNjabulo Ngcobo uneziqu ze-Media and Marketing zase-UKZN kodwa njengentsha eningi eNingizimu Afrika akakaze awuthole umsebenzi awuqeqeshelwe. Kunokuthi ahlale dekle ekhaya wanquma ukujoyina unina onetafula elidayisa izithombo zamaveji nezithelo eMgungundlovu. 

UNgcobo uthi leli bhizinisi yilona elibakhulise nezingane zakubo ezintathu njengoba ethi kumanje londla abantu abayisishiyagalombili, okukhona nabazukulu kubona.

“Sesisizwa ukuba nemali esiyibekile nokuthi siyakwazi ukuphila. Nginesitokwe sikaR2 000 ebengizosidayisa ngoMsombuluko kodwa izithombo ziyabola emva kwezinsuku ezimbili uma zigqunyiwe,” kuzikhalela yena.  

UNgcobo uthi bangenisa uR400 kuya kuR600 ngosuku, nenyuka ifinyelele kuR1 000 uma kuphele inyanga. Uthe nakuba ikhona imali abayibekile ebasizayo njengamanje kodwa izogcina iphelile njengoba bephila ngayo kodwa ingekho engenayo. 

Uthe kuzoba wumqansa ukuqala phansi emva kwalokhu okwenzekile. “Kunezindlela ebesingenza ngayo ukuze (izwi) lethu lizwakale. Ngiyafisa siyindlu emnyama uma singayeka ukucabangela inamhlanje kuphela. Angiboni bese kushiselwani. Akusiyo indlela yokubhekana nezinto lena. Abantu bangena emizini yabantu manje, asisakwazi nokubona izigebengu,” kusho uNgcobo.  

UNksz uThobeka Ngcongo weZenovuyo Treatz, esike sabhala ngaye ezinyangeni ezimbalwa edlule, odayisa amakhekhe edolobheni eThekwini naye uzikhalele njengoba ethi umsebenzi unciphile ngoba usedayisa elokishini, lapho ehlala ngakhona.

“Inkinga manje wukungakwazi ukuyothenga isitokwe esisha sokubhaka,” kukhala yena. 

UNksz uNgcongo weZenovuyo Treatz uthi akakwazi noku-oda istokwe

Uthe okwenzekile kuyacobana ngoba ibhizinisi lakhe lithembele kuyena ukuthi adayise futhi udinga ukuthi kube khona abantu abaya emsebezini ukuze abe namakhasimende. 

Unxuse abantu ukuthi bayibhekisise le nto ngoba laba abathi bayabalimaza akubona abalimalayo kodwa kunaloko kushayeka bona abantu abamnyama.

“Nginqabile abantu bethi asiyotapa ngoba ngiyazi ukuthi lezo zimpahla azifikanga nje mahhala lapho zikhona kodwa kunezindleko. Cabanga manje isinkwa sesiwuR30 ulofu… sizilimaze thina.”

Omunye umdayisi ongathanda ukudalulwa ubesenezinyanga ezimbili eqale ukudayisa amakhekhe eKhrosini KwaMashu ngoba nakhona enzela enye indlela yokusimamisa ibhizinisi lakhe lamakhekhe eliphazanyiswe wukuncipha kwemicimbi.

Uthi ubungena uR200 kuya kuR300 ngosuku nokuyimali ebimsiza nangophethroli ngoba emsebenzini lapho eqashwe khona ngokugcwele wancishiselwa umholo emva kokuhlasela kweCOVID-19.

Uthi nakuba esenazo izinto zokubhaka kodwa usenqume ukuthi azigcinele ukuthi baphile ngazo nomndeni wakhe njengoba ukudla kushoda nje ezitolo emva kwezibhelu eziqubukile.  

“Njengoba kushiswe ingqalasizinda nje kusazothatha isikhathi. Ngizofana nomuntu oqala phansi. Kusazoya nokuthi bangaki abantu abasazovuka njengoba imisebenzi izoncipha ngoba njengoba nezwe belivaliwe bebevele bengasebaningi ngoba abantu bebencishiselwe amashifti. Enye into ikhekhe akukona ukudla umuntu akudingayo, yinto ayithenga ngoba eyithanda. Manje isimo somnotho uma sibheda, omunye uzoncamela ukuzithengela isinkwa kunekhekhe,” kukhala lo mdayisi.  

UNksz uLungile Mhlongo, ohlala eMayville, eThekwini, okuyilapho asebenzela khona kuNew Dunday Road, ukhala ngesinkwa aphucwa sona nokuthi nalapho ethenga khona isitokwe ngeke akwazi ukuya.  

UNksz uMhlongo wadilizwa ngonyaka odlule, wase eqala iLuh’s Grills & Barbecue, ibhizinisi elithengisa izingingila, ama-hot dog, amaphiko, ama-burger, ikota nokunye.

UNksz uMhlongo uthi iLuh’s Grills & Barbecue ishayekile

Uthe uvame ukusebenza zonke izinsuku kusukela ngo-12 emini kuya ku-7 ebusuku kanti uyawenza cishe uR5 000 ngesonto.  

“Le mibhikisho iliphazamise kakhulu ibhizinisi lami, okuyilona engiziphilisa ngalo nengeseka ngalo ingane yami nomama ekhaya. Angikwazanga ukuya emgwaqweni ngiyodayisa kulezi zinsuku ezintathu ezedlule ngenxa yokusabela ukuphepha kwami,” kuchaza yena.

Nokho yize konke kunzima ngale ndlela okwamanje kodwa uthe akalilahlile ithemba futhi usahleli emthandazweni wokuthi konke kuzolunga maduze isimo sibuyele kwesejwayelekile.

Bawu-72 abantu abafile kulezi zibhelu, kwathi ababoshiwe kwaba ngamakhulu. Ukuhlanza nokuqoqa emadolobheni bese kuqalile ngoLwesithathu ntambama.

Omunye okhuze umhlola yiSilo uMisizulu kaZwelithini. Uthe loku okwenzekile akusiyo indlela efanele yokuzwakalisa ilaka. 

“Ngikuqonda kahle ukuphelelwa yithemba (ngenxa yobumpofu) nokusweleka kwemisebenzi (okwenza) abantu, ikakhulukazi intsha yethu, ukuthi ibe yingxenye yalesi siphithiphithi. Kepha kumele nginxuse sonke ukuthi sithathe isinyathelo sibuyele emuva, sibheke umonakalo odalwe yizenzo zethu,” kukhuza iSilo.  – Omunye umbiko wuSimangaliso Ntshangase

You cannot copy content of this page