Izinkampani azisebenzise ubuchwepheshe obuvikela imvelo, kuloba uYugen Naidoo

Share this now

NGENKATHI abantu nezinkampani bekhombisa ukukhathalela imvelo, ukusebenzisa ubuchwepheshe obuvikela imvelo kuya ngokuya kuba yinto ebalulekile kunakuqala.

Empeleni inani lemakethe yobuchwepheshe obuvikela imvelo belingaphezu kuka$10 billion ngo-2020 kanti kulinganiswa ukuthi lizofika ku-$74bn ngo-2030. Ukonga ugesi ngenye yezinto zokuqala lapho ubuchwepheshe bunganciphisa khona umphumela wabo olimaza imvelo.

Uma sibheka ukuthi iNingizimu Afrika iqondene no-30% wesidingo sikagesi e-Afrika, kuyaphoqa ukuthi izinkampani zasekhaya zithole izindlela zokwenza ngcono izindawo ezisebenzela kuzona futhi zizame ukunciphisa ukudla amandla ezinsizakusebenza.

Nokho loku akuyona inselelo yalapha ekhaya kuphela kepha ngeyomhlaba wonke njengoba abakhiqizi abaningi begxile ezindleleni zokuphucula ukusebenzisa ugesi.

Wonke umkhiqizi uneqhaza ekwandiseni imizamo ngenkathi kuphuculwa izindlela zokwandisa impilo yobuchwepheshe. Isinyathelo sokuqala kungaba wukusungula indawo yobuchwepheshe lapho izinto zamakhompyutha zisebenza kangcono ngokuphucula i-hardware eyonga ugesi, izinqubo zokuphatha i-data kangcono nokwandisa izindlela zokupholisa ezinjengezindlela ezintsha zokupholisa ngoketshezi. Obunye ubuhle baloku kungaba wukuthi izimpahla zihlale isikhathi eside.

Ngaphezu kwaloko, ziningi izingunquko ezingenziwa esigabeni sezimboni ukuze kuncishiswe ubungozi bemfucuza elimaza imvelo. Kubalulekile ukukhuphula izinga ngokuvuselela, ukuphinde kusetshenziswe nokukhanda zonke izimpahla nemishini ukuze zingapheleli lapho kulahlwa udoti khona.

Ngakho-ke kubalulekile ukuthi abakhiqizi bobuchwepheshe basebenzise izinto zokusonga izimpahla ezivuselelwe nezonga imvelo, baqede iplastiki. Izinto ezinjengomoba noqalo zinhle ekusongeni izimpahla.

Kusuka ngo-2005 amathimba ocwaningo aseLenovo abesebenzisana nabahlinzeki bezimpahla esezisebenzile ukwenza amazinga amasha ezinsalela zeplastiki ukuthi ziphinde zisebenze ekukhiqizeni izimpahla ezintsha. Kumanje, iLenovo isisebenzise iplastiki ovuselelwe ongaphezu kwamaphawundi awu-110 million.

Ngale kwaloku umphumela omkhulu wobuchwepheshe kwimvelo yisikhungo se-data namandla okusebenza kukagesi akhona. Okwamanje wu-1% wamandla kagesi osebenzayo ezikhungweni ze-data.

Yebo, amandla kagesi awagcini ngezinto zikagesi kuphela. Ngokombiko wahulumeni waseMelika, isikhungo se-data siyodinga amanzi isilinganiso samanzi angamalitha awu-1.8 kuwo wonke ugesi oyi-kWh osebenzile, ikakhulukazi ngomoya opholisayo. Loku kusho ukuthi ubuchwepheshe obungaphucula ukusebenza kwezikhungo ze-data buzoba nomthelela omkhulu. Isibonelo nje, izinqubo zokugcina nokuphatha i-data bungasiza izinkampani ukuthi zinciphise umthamo we-data engenamsebenzi noma ukungabeki ngendlela efanele i-data. Loku kuholela esidingweni zokuba nezinto zamakhompuytha eziningi bese loku kwehlisa ukusebenza kukagesi namanzi.  

Izinkampani kufanele zicabange ukuvuselela ingqalasizinda yazo yobuchwepheshe nge-hardware nengqalasizinda eyakhelwe ukonga amandla zingxenye zobuchwepheshe besimanje nangezindlela zengqalasizinda ezenziwe kube kwaziwa ukuthi khona ugesi osebenza kahle.

Izinkampani zaseNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke zingazuza kakhulu uma zingasebenzisa ubuchwepheshe obonga imvelo. Ngokwenzenjalo  zingaphosa esivivaneni ekufezeni izinjongo zezwe nezokuthi amazwe azihlomulele okuningi.

Amabhizinisi aseNingizimu Afrika amaningi anezinhlelo zokonga imvelo njengoba ziyinsika yezinto ezithinta imvelo, inhlalo nokuphatha okudingwa wumthetho. Nokho lokucaba indlela ebheke ekubeni nemvelo engcono, ehlanzekile nephephile.

Ngezindlela zokonga ngokunciphisa ugesi ozosetshenziswa wubuchwepheshe, izindlela zobuchwepheshe ezongayo ziyodla ugesi omncane ukupholisa ukushisa, okuyosho isikweletu esincane samanzi nezindleko ezincane zezindawo  zokupholisa.

Umphumela kuyoba yizindlela zobuchwepheshe ezisebenza kahle eziyokwenza izinto zisebenze isikhathi eside kunciphe izindleko zokuzisebenzisa. Umhlaba usushintshele ebuchwephesheni obonga imvelo. Manje yisikhathi sokuthi abakhiqizi babusebenzise.

  • UMnu uNaidoo, uyi-country manager yeLenovo Southern Africa
You cannot copy content of this page