UMnu uNic Rudnick, iPhini likaSihlalo weLiquid Intelligent Technologies

Izithombe: wuGoogle nesithunyelwe

Izosala ngaphandle i-Afrika kwezobuchwepheshe uma kungandiswa abantu abakwazi ukudonsa umoya nge-internet. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

BANINGI abantu abanamaselula e-Afrika kodwa lokho kukodwa akusho ukuthi kuzokwenza bakwazi ukubamba iqhaza futhi bahlomule emathubeni azoqhamuka ngenxa yokuthuthuka kobuchwepheshe besimanje iFourth Industrial Revolution.

Usho kanje uMnu uNic Rudnick, iPhini likaSihlalo we-Liquid Intelligent Technologies, ngenkathi ekhuluma engqungqutheleni yezinkampani zobuchwepheshe i-Africa Tech Festival eCape Town International Convention Centre, eNtshonalanga Kapa, kuleli sonto. Le ngqungquthela ibihlanganisa iminyaka ewu-25 yaqala.

U-Rudnick uthe uma kuzogxilwa ekutheni abantu base-Afrika banamaselula, kusho ukuthi abantu bakuleli zwekazi bazogcina ngokuzithenga izinto zobuchwepheshe kodwa ngeke basungule izinto futhi babambe iqhaza elibonakalayo. 

“Uma ubheka e-UK (e-United Kingdom) bangaphezu kuka-70% abantu abasebenzisa umoya otholakala nge-internet (i-data) besebenzisa izingcingo zasendlini. Umuzi uwodwa usebenzisa cishe u-500GB kodwa e-Afrika bangaphansi kuka-3% abantu abadonsa umoya we-internet ngocingo lwasendlini.

“Inselelo enkulu esibhekene nayo njengemboni (yezobuchwepheshe) wukuthi kufanele sihlinzeke abantu nge-data ebiza kahle, engenamkhawulo ngoba yiloko okuzokwenza ukuthi abantu base-Afrika babambe iqhaza elibonakalayo oguqukweni lobuchwepheshe besimanje,” kusho yena. 

Ngokusho komPhathi weGoogle eSub-Saharan Africa uMnu uNitin Gajria, kubantu abawu-1.2 billion abakhona e-Afrika, bawu-300 million kuphela abantu baleli zwekazi abakwazi ukuthola i-internet kanti nakhona hhayi ngokuphelele.

U-Gajria uthe bazama ukuzishintsha lezibalo ngokufaka i-Equiano basiza ukuxhumanisa i-Afrika ne-Europe ngomoya odonsa nge-internet osebenza ngokuphindaphindwe ka-20 kunokujwayelekile futhi oshibhile.

Uthe: “Kufanele ishibhe ngo-20%. Sifaka izintambo ezihamba ngaphansi kolwande ezikwazi ukuxhumanisa iPortugal kuze kufike eKapa, eTogo naseNamibia.”

UmPhathi weGoogle eSub-Saharan Africa uMnu uNitin Gajria

U-Gajria uthe kufanele bandise izindlela zokuthi abantu bakwazi ukuxoxa nge-internet ukuze kube lula kulabo bantu abazobe beqala ukuyisebenza ikakhulukazi labo abangajwayele ukusebenzisa amakhompyutha.

Olunye uhlelo olukhona lokuzama ukwandisa isibalo sabantu base-Afrika abakwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje wuhlelo lweNhlangano yeZizwe oluhlose ukuqikelela ukuthi zonke izikole e-Afrika ziyakwazi ukuthola i-internet yiGiga. INhlangano yeZizwe yenza lolu hlelo ngokubambisana neLiquid Intelligent Technologies.

U-Rudnick uthe kunezikole eziwu-250 000 ezisohlwini labo kanti esezinomoya odonsa nge-internet ziwu-5 000.

UNks Funke Opeke, isiKhulu esiPhezulu seMain One, yaseNigeria, uthe iningi labantu abangeyona ingxenye yomnotho omkhulu base-Afrika kanti yibona bantu okudingeka ukuthi bangalibalwa uma kukhulunywa ngobuchwepheshe besimanje ukuze nabo bezohlomula.

“Kufanele sibafundise ngobuchwepheshe nabo babubone bubasiza mihla namalanga empilweni yabo. Amanani obuchwepheshe nengqalasizinda ezindaweni zasemakhaya kuseyinselelo. Siyadinga kwande i-spectrum kodwa okunye okufanele sikukhumbule wukuthi amazwe awafani, asikho isisombululo esisodwa se-Afrika yonke,” kusho yena.

You cannot copy content of this page