Kubalulekile ukubuyekeza izinto nokushintsha unyawo inkampani eshaya ngalo, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto ngithanda sibuke izinguquko ezenziwa yizinkampani emva kwesikhathi eside zihweba kunoma ngabe iyiphi imboni ezikuyona.
Ngesonto elidlule sibone elinye lamabhange amakhulu eNingizimu Afrika iFNB lenza izinguquko ezithile ophawini obesekuneminyaka lwaziwa ngalo. Kunoshintsho iFNB elwenzile esihlahleni sayo, okuyisona abeseyaziwa ngaso. Akukona okokuqala leli bhange lenza izinguquko kulolu phawu lwesihlahla salo njengoba yake yashintsha imibhalo yalo.
Akukudala sibonile nelinye lamabhange amakhulu i-Absa lishintsha uphawu kwesasesilijwayele lwaba yilolu esilibona manje. NeStandard Bank isike yashintsha isiqubulo sayo kaningana.
Kubaluleke ngani na ukuthi inkampani yenze izinguquko ezinjena? Kungaba wuphawu elusebenzisayo noma isiqubulo esisebenzisayo. Kubaluleke kakhulu ngoba njengoba sazi nje ukuthi empilweni izinto ziyaguquguquka kanti futhi nabantu abahlale beya nganxanye bengemanzi, ngakho loku kusho ukuthi inkampani kufanele njalo ihlale izihlupha ngokuthi yini amakhasimende ayo aseyifuna ngaleso sikhathi.
Isibonelo nje, loku kufana ncamashi nokukhula kwengane. Uma isakhula isuke inezidingo ezithize, ithi uma isithe ukukhula ibe nezinye futhi izidingo kanti nasebudaleni bayo isuke isinezinye izidingo futhi. Namakhasimende-ke anjalo. Izimo nezidingo zawo zishintsha njalo ngokuhamba kweminyaka. Ngakho-ke loku kusho ukuthi wena njengomuntu noma ibhizinisi elibheke izidingo zamakhasimende kufanele uhlale uzihlupha ngokuthi asefunani amakhasimende.
Kunento ebizwa nge-design thinking. Ngamafuphi isho ukuthi uhlobo lokucabanga olubheka ngqo ukuthi uma thina siyinkampani sifuna ukwenelisa izidingo zamakhasimende ethu, yini okufanele siyenze? Kufanele sibuze wona amakhasimende ukuthi afunani, singawacabangeli thina.
Loku kusho ukuthi kufanele senze ucwaningo ngokubuza amakhasimende ethu imibuzo azoziphendulela wona siqu ukuthi kungakuhle silungise kuphi. Sibe sesithatha zonke lezo zimpendulo sizihlanganise ndawonye, kuphume amaphuzu abalulekile esisebenzela phezu kwawo ukwakha isisekelo sokuthi inkampani izoba nayiphi inqubomgomo.
Ngakho-ke akuthusi konke loku esikubona kwenziwa yizinkampani ezinkulu ukuguqula izimpawu noma iziqubulo zazo. Siphinde sabona iMTN ishintsha uphawu lwayo luba mnyama. Nakhona uma ubheka ungathi akukho simanga esitheni kangako kodwa sikhona. Bona basuke sebenze ucwaningo olunzulu babona ukuthi la sebekhona sekuyisikhathi sokuhambisana nokufunwa ngamakhasimende abo.
NeCell C sayibona iguqula imibala yayo isuka kobomvu yaya komnyama, manje usunobuwolintshi. Konke loko kuhambisa nocwaningo olunzulu.
Nawe uma sekufika isikhathi sokwenza uguquko, ungabi novalo ulwenze. Kepha ngaphambi kokulenza kuhle uthole ongoti kuqala abazokwenza ucwaningo olunzulu ngenkampani yakho. Loko kuyokusiza ukuze wazi ukuthi into oyenzayo ihambisana nokufunwa nemibono yamakhasimende akho.
Ushintsho noma izinguquko azilula kodwa zibalulekile. Njengoba nawe uhamba uhambe empilweni ufune ushintsho, namakhasimende akho anjalo; ahamba ahambe afune izinguquko nokwenza aloku elangazelela okwenziwa yinkampani yakho.
Ungalenzi iphutha lokucabanga ukuthi konke inkampani ekwenzayo noma ekushoyo kusashaya khona. Cha, vula amehlo nezindlebe ulalele uzozwa ukuthi umoya usuvunguzela ngakuphi.
- UBiyela ungumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela