UNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi uhulumeni uqoqe imali ethe xaxa ngoR83.5 billion

Izithombe: Sithunyelwe noGoogle

Kufanele uhulumeni uqhubeke nokutakula amabhizinisi awo, kusho uGodongwana. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

UHULUMENI umemezele izinhlelo zokutakula amabhizinisi kahulumeni axhugayo ngezindlela ezihlukene okuthiwe zizohambisana nemibandela eqinile ngaphambi kokuthi ahlinzekwe ngemali kanjalo noma eseyitholile. 

Izolo uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe kufanele ngabe la mabhizinisi ayazimela wona futhi afake isandla ekuthuthukiseni umnotho. “Ngebhadi ayantenga ngasezimalini ngenxa yeminyaka engaphethwe kahle nenkohlakalo okusafanele ilungiswe. Ngaphezu kwaloko, uma kwehla izimo ezinganqandeki njengezikhukhula ezicekela phansi ingqalasizinda, umnotho wonke uba sengozini, ekubeni imigwaqo namachweba kufanele kusebenze futhi neminye imisebenzi emqoka ingeke imiswe.

“Ngakho-ke ngesikhathi sizama ukulungisa amabhuku nokuthi abantshontsha futhi bangaphatha kahle babhekane nengalo yomthetho, akukho esingakwenza ngaphandle kokuthi kufanele umsebenzi ube uqhubeka,” kusho ungqongqoshe.

Ethula iSabelomali esibheka iminyaka emithathu ezayo iMedium Term Budget Policy Statement izolo, UGodongwana uthe iDenel izolekelelwa ngoR3.4 billion kulo nyaka bese idayisa izimpahla ezizongenisa uR1.8bn, athe kuzosiza ikwazi ukuqhubeka nomsebenzi wokufeza ama-oda enawo azongenisa uR12bn.

I-Denel ngelinye lamabhizinisi kahulumeni azotakulwa ngemali

I-Transnet izotakulwa ngoR2.9bn ukuze ilungise amaguzu angasebenzi kahle kanti kukhona omunye uR2.9bn okufanele uqhamuke emalini ebivele isihlinzekiwe kulo nyaka wezimali ozoyisiza ukuthi iqhubeke nokulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula.

Uhulumeni uzothatha u-70% wesikweletu senkampani eyengamele imigwaqo iSANRAL. Uzonika le nkampani uR23.7bn. “Ingxenye ewu-30% yesikweletu izothathwa wuhulumeni waseGauteng. Sivumelene nohulumeni waseGauteng ukuthi thina sizokhokha le mali bese wona uthatha imigwaqo yawo. Ngamanye amazwi, kusukela namhlanje siyakuqeda ukuthelela umgwaqo (ama-etoll).

“Angigcizelele kodwa ukuthi loku kunemiphumela yakhona nako ngoba kusadingeka ukuthi iGauteng iqhubeke nesigaba sesibili. Ukuthi-ke izokwenza kanjani loko, izobona ukuthi ikhetha yiphi indlela,” kusho uGodongwana. 

Uhulumeni uzothatha u-70% wesikweletu seSANRAL, inkampani eyengamele imigwaqo ezweni

Mayelana ne-Eskom, uGodongwana uthe nakhona uhulumeni uzothatha ingxenye enkulu yesikweletu esicela kuR400bn osekuphele iminyaka sitabalazisa le nkampani.

Uthe abakanqumi ukuthi kuzogcina kuyimalini kodwa uthe kuzoba phakathi kuka-33.% no-68%.

UGodongwana uthe loku kuzoyisiza le nkampani kagesi igxile ekuqinisekiseni ukuthi iziteshi zayo zisebenza kahle. Isisombululo ngenkinga kagesi yinto ebibhekwe ngamehlo abomvu njengoba umnotho waseNingizimu Afrika uqhubeka ukhinyabezwa wukucinywa kukagesi okwaqala ngo-2008.

I-Eskom inesikweletu esicela kuR400bn. Uhulumeni uzothatha phakathi kuka-33% no-68% walesi sikweletu

“Okwase-Eskom akulula nje ngoba kufanele sixoxisane nabantu abakweletwayo… abantu-ke ababolekisa ngemali akubona abantu okuxoxeka nabo kalula. Nase-Eskom sizoba nemibandela kodwa ukuze sikwazi ukuyibeka kuzofanele siqale sibuyekeze izinto ukuze siqonde kahle okwenzakalayo.

“Kukhona ithimba elizimele elizobuyekeza izinto lisebenzisana nomNyango wezeziMali. Sizokwenaba ngemininingwane uma sesithula iSabelomali sango-2023/24,” kusho uGodongwana.

Ungqongqoshe uthe ayisho lutho inkululeko uma abantu bengathuthuki futhi umnotho ungabasizi. Uthe sekuneminyaka umnotho waseNingizimu Afrika ungasebenzi ngendlela okufanele ngabe usebenza ngayo ngenxa kagesi ongathembekile, ukungasebenzi kahle nokubiza kwamachweba, ubugebengu nenkohlakalo, uhulumeni ongasebenzi kahle nezingqinamba ezivimba osomabhizinisi abancane ukuthi bakhule.

Uthe izinselelo ezintsha njengokuqonga kwamanani okudla nezibhicongo ezifana nezikhukhula nazo zengezile.

UGodongwana wengeze uR13bn kulo nyaka wezimali ukuze kubuyekezwe ezinye izinhlelo. Kule mali uR6.3bn ozobhekana nomonakalo owadalwa yizikhukhula ngo-Ephreli noMeyi KwaZulu-Natali naseMpumalanga Kapa. U-R389 million wokwakha amabhuloho awu-24 eLimpopo naseMpumalanga Kapa. Uthe ezinye izifundazwe zizokwabelwa uma sezikulungele ukwakha.

KunoR500m owabelwe ukuphucula ezobuchwepheshe emNyangweni wezaseKhaya, okuthiwa kuzovulela intsha ewu-10 000 imisebenzi bese kuba wuR118m wokuthwala izindleko zokuthutha iPhalamende okwesikhashana. IPhalamende lacekelwa phansi wumlilo ekuqaleni konyaka. “Kuzodla uR2bn ukwakha kabusha iPhalamende eminyakeni emithathu ezayo.”

Lilonke, uhulumeni imali uhulumeni azoyisebenzisa ukwakha nokuvuselela ingqalasizinda izokhuphuka ibe wuR66.7bn kulo nyaka kanti izokhuphuka ifinyelele kuR112.5bn ngo-2025/26.

UGodongwana uthe uhulumeni uqoqe imali engaphezulu ngoR83.5bn ngenxa yentela ethe xaxa ekhokhwe yizinkampani, ikakhulukazi ezimbonini zemali nezokukhiqiza.

Uthe kuseqhulwini kuhulumeni ukunciphisa isikweletu ngoba leyo ngenye yezinto ezihlehlisela uhulumeni emuva. Uthe lesi sikweletu sibhekwe ukuthi sifinyelele kuR4.7 trillion kulo nyaka wezimali kanti inzalo isizokhuphuka ngoR5.9bn ngenxa yokwehla kwamandla emali okunyusa imalimboleko.

Uhulumeni ubheke ukuthi usebenzise uR2.2trn kulo nyaka wezimali nokubhekwe ukuthi ukhuphuke ufinyelele kuR2.5trn ngo-2025/26.

UGodongwana uthe isibonelelo esethulwa ngoMeyi 2020 esilekelela okungekho zibonelelo abaziholayo sesizokhokhwa kuze kube wuMashi ngo-2024. Uthe kunezingxoxo eziqhubekayo ezibheka ukuthi iyiphi indlela esingaqhubeka sikhokhwe ngayo. Nokho uxwayisile ukuthi lokhu ngeke kube lula.

Umnotho usulindelwe ukuthi ukhule ngo-1.9% kulo nyaka kanti kule minyaka emithathu ezayo uzokhula ngo-1.6%.

You cannot copy content of this page