Isikhulu esiphezulu sesikhwama sempesheni yezisebenzi zikahulumeni iGEPF uMnu uMusa Mabesa

Izithombe: Zithunyelwe

Kuhamba kahle ngesikhwama sempesheni sikahulumeni kodwa kufanele umnotho ukhule ukuze kuqhubeke. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

ISIKHWAMA sezisebenzi zikahulumeni iGovernment Employees Pension Fund (iGEPF) sikwazile ukumelana nezinselelo ezihlasele umnotho waseNingizimu Afrika sakhula ngo-9.6% safinyelela kuR2.3 trillion ngonyaka wezimali ka-2021/22.

Nokho lesi sikhwama ngeke sikwazi ukuqhubeka nokukhula uma umnotho uloku untenga ngoba sithembele kuwona.

Sisho kanje isiKhulu esiPhezulu seGEPF uMnu uMusa Mabesa izolo ngenkathi sithula umbiko wezimali wonyaka, ophele ngoMashi. 

UMabesa ugcizelele okushiwo wuSihlalo omusha webhodi leGEPF uMnu uDondo Mogajane, naye othe ukuhamba kahle komnotho wezwe kusho ukusebenza kahle kwalesi sikhwama esinamalungu awu-1.26 million. 

Izinselelo abakhuluma ngazo wukucinywa kukagesi, iCOVID-19, udlame olwaqubuka ngoJulayi ngonyaka odlule, ukuntuleka kwemisebenzi, ububha nempi yeRussia ne-Ukraine.

Baxwayisa kangaka nje ngokwenzeka emnothweni yingenxa yokuthi u-90% wemali yalesi sikhwama utshalwe kuleli zwe besekuthi u-10% wona utshalwe emazweni angaphandle. 

“Izikweletu zesikhwama zihambisana nerandi, sincike kakhulu erandini futhi sizibophezele emnothweni wakuleli zwe. Uma (umnotho) uhluleka, neGEPF iyahluleka,” kusho uMabesa.

Umnotho waseNingizimu Afrika ulindeleke ukuthi ukhule ngo 1.9% kulo nyaka kanti kule emithathu ezayo uzokhula ngo-1.6%.

UMabesa uthe basengayikhuphula imali abayitshale kwamanye amazwe baze bafinyelele ku-15% njengokusho komthetho olawula iGEPF kodwa kuzoya ngamathuba akhona. 

Inhloko yokutshala imali eGEPF uMnu uSifiso Sibiya ithe maningi amathuba akhona eNingizimu Afrika njengoba iyizwe elithuthukayo. Ithe nendlela abazama ngayo ukunciphisa ingozi ehambisana nokutshala imali isebenzisa amandla erandi nangenxa yezikweletu zabo.

Inhloko yokutshala imali eGEPF uMnu uSifiso Sibiya

UMabesa uthe imali abayikhokhile ngalo nyaka wezimali iwuR136 billion kanti engenile ngenxa yendlela abatshale ngayo iwuR255.7bn. Imali ekhokhwe yizisebenzi ikhuphuke ngo-0.53% yafinyelela kuR81.99bn.

Kuphothulwe izicelo eziwu-33 627 zabantu abathathe umhlalaphansi kanti abasulile bawu-30 659.

Imali ekhokhwe ngoba kukhona amalungu ashonile iwuR14.8 bn, kanti ikhokhelwe abantu abawu-11 776. Imali ekhishelwe imingcwabo iwuR550.1m emva kwezicelo eziwu-37 798, kwathi imali ekhokhelwe izintandane yaba wuR551m.

Kukhona uR2.1bn okufanele utholwe ngabantu abawu-21 000 othathwa njengemali abanikazi bayo abangazifakile izicelo zokuyithola. Kule mali u-2% yimali okusukela ku-2014 kanti u-80% weminyaka emithathu edlule.

UMabesa uthe nakuba beyihlanganisa yonke le mali kodwa akuyona yonke engakhokheliwe abanikazi bayo ngoba abanikazi bayo bengatholakali. Kokunye yingenxa yeminingwane yasebhange engaphelele, inkinga nabaqoqi bentela nemibango ngokufanele bakhokhelwe.

Enye indaba esegudwini ezimpeshenini yisiphakamiso sokuthi izikhwama zempesheni zihlukaniswe kabili ukuze kube khona ingxenye abanikazi bemali abayongayo nabangakwazi ukucaphuna kuyona ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi.

Inhloso yalesi siphakamiso wukwandisa isibalo sabantu okuthi uma kufika isikhathi sokuthatha umhlalaphansi bekulungele. Izibalo ziveza ukuthi wu-10% kuphela wabantu baseNingizimu Afrika oficwa yisikhathi somhlalaphansi usihlelele kahle.

USibiya uthe okwamanje amalungu eGEPF awangeni kuloku ngoba lesi sikhwama asilawulwa yiPension Funds Act. Nokho uthe zikhona izingxoxo zokusibheka lesi siphakamiso nokuthi sizoba namuphi umphumela kubona.

Mayelana nemali yalesi sikhwama eyacwila ngesikhathi kuwa iSteinhoff, uSibiya uthe ikhona imali le nkampani esibanxephezele ngayo kodwa wathi ngeke akwazi ukudalula ukuthi yimalini.

You cannot copy content of this page