Kuklonyeliswe amaqhawe ezobuchwepheshe ngokuqamba izinto ezintsha nokuphucula impilo yabantu e-Afrika kwezokuxhumana. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUKLONYELISWE osomabhizinisi bezobuchwepheshe kuma-15th Africa Tech Festival Awards eCape Town International Convention Centre eNtshonalanga Kapa ngoLwesithathu, usuku lwesibili lwale ngqungquthela esineminyaka ewu-25. Â
Umqondisi wemicimbi e-Informa Tech, abahleli be-Africa Tech Festival, uMnu uJames Williams uthe: “Umkhakha wobuchwepheshe nezokuxhumana awulali. Kuhlale kukhona okwenzekayo, ukusungula izinto ezintsha okuhlale kukhona, konke okudingekayo kulo mkhankaso wokuthi kungasali muntu emphakathini ezintweni zobuchwepheshe.

“Ukukhetha abanqobile emingenelweni eminingi esiyithola emikhakheni eminingi kuhlale kuwumsebenzi onzima, ngakho ngiyajabula ukuthi akusiwo umsebenzi wami ngedwa kepha ngithembele ethimbeni longoti ukwenza lezo zinqumo. Nakulo nyaka bekunjalo, lapho besinamavoti omphakathi awu-13 000, kwengezwe imikhakha kukhona nemingenelo eminingi kunaphambilini.
“Ngihalalisela bonke abaqokiwe. Imisebenzi yenu yenza umehluko odingwa yileli zwekazi,” kusho yena.
UMnu uHans Geldenhuys, umqondisi we-Intelsat Africa, abaxhasi bama-Africa Tech Festival Awards, kudala ayebizwa ngama-AfricaCom Awards, uthe: “Bekumnandi futhi kukhuthaza ukuphinde sibonane ubuso nobuso nabantu bezobuchwepheshe nokuxhumana. Kwenzeke izinto ezinkulu kwezobuchwepheshe emhlabeni kanti loku kugqame kakhulu e-Africa. Le miklomelo iklomelisa abasesicongweni sokusungula izinto kulo mkhakha. Halala kubona nakubo bonke ababambisene nabo.”
Uhla lwabanqobi:
Lo mklomelo uwinwe yi- Womenovate, inkampani yabantu besifazane yaseNigeria.
Umhlanganiso udliwe yiNextwear Technologies, inkampani yaseNigeria.Â
I-Meridiam ikhale yemuka nalo mklomelo.
I-Kyanda Africa ithathe isicoco kulo mkhakha.
Umhlanganiso udliwe wuDkt u-Olufunso Somorin, i-regional principal officer e-African Development Bank.
I-Nuran Wireless ibaqwaqwade bonke emakhanda kulo mkhakha.
UMnu uSamuel Chiwanda weClick Mobile Malawi ube wumpetha kulo mkhakha.
UNks u-Oladiwura Oladepo, omunye wabusunguli nomqondisi ophezulu weTech4Dev udle isicoco kulo mbango.
I-Mahali mobile application ye-Orange ivelele kulo mkhakha.
UMnu uJoseph Lumbahe, unjiniyela omkhulu weComputer Vision yase-Aizatron Group nowusonkontilela oyi-fraud detection engineer weMTN South Africa, udle umhlanganiso kulo mkhakha.
I-Hormuud Telecom yaseSomalia ihambe nesicoco kulo mkhakha.