Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele ingwazi kamaskandi uMtekhala Magubane wodumo lukaShwi noMtekhala neHlanganani. UMtekhala useneqembu elisha uMtekhala, uMaqatha NoDogzin

Share this now

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Sasingaphiwa imali sisebancane kodwa sasithengelwa eGoli noma eDundee, kwazise nezitolo zazikude eMahlaba.

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange?

Ngaqala ukuba ne-akhawunti sengicula eqenjini lesicathamiya iHlanganani ngo-1997, eStandard Bank.

Ukhula yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Emva kokushona kukaBaba ngezimpi, ngiselusa izinkomo, kunobaba wasendaweni engangimthengisela izimbila, engikhokhela ishumi. Nganginekopi engangilimbele ehlathini. Kwakuthi njalo uma engikhokhele, ngiphose kulo.  Emuva kwezinyanga eziyisithupha ngase ngibeke imali ewuR10. Ngathenga ibhulukwe nezicathulo zesikole. Ngafunda ukuthi kubalulekile ukuzibekela imali oyisebenzele.

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngiqale ukubamba amatoho ngo-1988 eGoli. Angikaze ngasebenza umsebenzi engiqashwe kuwo ngokugcwele. Ngangihola uR30 (ngesonto).

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Umholo wokuqala ngawuthumela ekhaya kuMama.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ukuyitshala ngokwakha imizi emibili eDundee naseMahlaba futhi ngathenga netekisi. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ngaqolwa yinkampani thizeni, yathi angitshale imali kanti ngiyaqolwa. Iphutha engalenza wukungacwaningi ngemvelaphi yenkampani.  

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Yebo, kodwa angisalikhumbuli igama le“bhanoyi”.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi uma uthenga isakhiwo endaweni enhle, intengo yaso ibankulu ngokuhamba kweminyaka.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaqhubeka ngithenge izindawo (utshala) imali. (Enye) ngingayitshala enkampanini yami entsha iMtekhala Projects (Pty) Ltd, engiyisungulele ukuthuthukisa amakhono entsha obuciko.  

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngiye ngibeluleke nabafowethu esisungule nabo iqembu elisha likamaskandi, iMtekhala UMaqatha noDogzin, ukuthi uma (kuyisikhathi sokuthi) siyayithola imali, asiyitshale ezakhiweni nasemabhizinisini ngoba emculweni kuba nesikhathi sendlala.

You cannot copy content of this page