Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele u-Eugene Mthethwa wodumo lweTrompies, inkakha yekwaito nowummeli oyisishoshovu samalungelo amaciko nobuye aziwe ngelikaSimply Eugene. Usanda kukhipha icwecwe elithi Let Dogs Lie Low

Usemncane wawuphiwa yini imali?
Thina ekhaya sasihlupheka kakhulu, nganginganikwa imali. Ngisho nasesikoleni ngangiphatha ukudla okusale ngayizolo.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?
Ngaqala ukuba ne-akhawunti yaseFNB ngineminyaka ewu-19 ngo-1986.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngafunda ukuyigcina uma kukhona into engangiyihlosile njengoba sakhula singathengi ngokheshi kodwa impahla siyikhokhela isesitolo, size siyikhiphe emva kwezinyanga ezintathu.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala ngokuphathela abadlali begalofu izikhwama, ngihola opondo abathathu (uR6).
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga iphakethe lamaswidi ukuze ngiyodayisa esikoleni.
Yini into enhle ongathi wake wayenza ngemali?
Wukuthengela abazali bami (umuzi) njengoba thina sakhulela ezindlini zamasonto, phecelezi ama-mission house, njengoba ubaba nomama babengabafundisi abangaholi.
Yiliphi iphutha elithinta imali owake walenza?
Ngathenga indlu ngebhange (eligagula) kepha angizange ngithi uma ngithole imali eningi ngikhokhe ngokweqile isikweletu sami, okwakuzokwenza ukuthi inzalo yehle ukuze noma ngingenayo imali, ngingalahlekelwa yindlu yami uma sekufika izinsuku ezinzima. (Ladla) indlu yami, (ngalizonda). Kuze kube yinamuhla, (angilifuni).
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Ngake ngajoyiniswa wunkosikazi elinye “ibhanoyi”. Ngadliwa (uR30 000).
Yisiphi iseluleko owasithola ngemali?
Ubaba wathi ukuphatha kahle imali kuqalwa ngemali encane ukuze uma eningi isifika ube usukujwayele ukonga.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?
Ngingakhulisa umuzi wami nebhizinisi lami.
Ungabaluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Uma usenethuba lokwenza imali, khumbula ukuthi imali ayihlali kepha iyaphela. Yisebenzise ngendlela yobuhlakani futhi uyitshale kwamanye amabhizinisi angaphandle komkhakha wakho ukuze mhla kunzima, ube notho olungakugcina wena (nekwakho).