Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uLuve Dubazane wodumo lwengoma kaKhuzani eyahlukanisa unyaka ethi Ijele nethi Ngavele Ngamnika. Manje ushisa izikhotha ngengoma ethi Xola

Usemncane wawuphiwa imali?
Ekhaya imali wawungaphiwa, wawuthengelwa okucelayo. Uma kwenzekile wayinikwa wumuntu, wawubuzisiswa ukuthi ubekusuke ngani maqede ithathwe kuwe ngoba kwakuthiwa ingane ethanda imali izofunda ubugebengu.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?
Ngayivula eStandard Bank sengiqede uMatikuletsheni ngo-2006.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Imali iyintandokazi yawo wonke umuntu futhi iyisikhiye sazo zonke izifiso zempilo yakho.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngo-2007. Kwakuyitoho engangilibambe eThekwini, ngihola uR500 ngempelasonto.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
(Ngawuthumela) kugogo uMaGwala ngenxa yokuthi ngangifisa ukumjabulisa. Ngathi akathenge ukudla, kwazise abazali basishiya sisebancane, ngakhuliswa wuye.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngiye ngithenge imbuzi noma inkomo ngoba imfuyo yibhange lomuntu omnyama.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuthenga izimpahla zokugqoka kakhulu ekubeni ngabe ngiyayitshala entweni engangisiza kusasa.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Imali yami yake yacwila “ebhanoyini” elalibizwa ngeMMM.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
(Wukuthi) ikuphethe konke, ubuhle nobubi, ngakho uma ungenayo, mukela ngoba ungagcina wenza okungalungile ngenxa yothando lwayo oludlulele.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?
Ngingaqala inhlangano ezosiza abantu abaswele ezweni njengoba nami usizi ngilwazi kakhulu emveni (kokukhula) ngingasenabo abazali.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Imali ifuna ingqondo esabalele ngoba iyakwenza ugcine ungasabazi abanye abantu ngenxa yempakamo (kanti) akufanele ikulawule ugcine ungasabazi abantu.