Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele , uMadlokovu Ngema, umethuli wohlelo oluhamba phambili kwi-1KZN TV Ugubhu Lwami. UNgema useke waqokwa kumaSatma Awards emkhakheni i-Best Community TV Presenter

Share this now

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Encane uma kunohambo lwesikole. Kwakuba wuR2. Uma kube uR5 yayisuke iningi kakhulu. Ngiyakhumbula nje ukuthi uR10 ngawunikwa kanye ngifunda u-Grade 9 sihamba nesikole sengifunda amabanga aphezulu.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?

Ngaqala ngo-2006, ngayivula eStandard Bank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali? 

Ngafunda ukuthi imali  isetshenzelwa kanzima.

Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngaqala ngishayela ugandaganda, ngilima amasimu futhi ngilanda nesihlabathi emakhaya. Ngangihola uR20 ngaphambi kokuqashwa kwamlungu ngo-2006. Umholo wami kwakuwuR1 200 ngaphambi kokubanjelwa imali.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngikhule ngisokola, ngakho zazingekho izimpahla zokugqoka. Ngathenga zona nethikithi lebhasi ne-grocer.

Yini into enhle osuke wayenza ngemali?

Angikaze ngibe nemali eyenela ukwenza into engiyithandayo. Okwamanje isaphelela ezidingweni.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Eminyakeni edlule ngike ngangena ekugembuleni.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Bengibanenhlanhla (liphahlazeke) ngingakayifaki imali.

Yisiphi iseluleko owake wasithola ngemali?

Ukuthi imali ayixhashazwa ngoba iyaphela. Uma ube nenhlanhla wathola imali ebhekile kuhle ukuqala ibhizinisi.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaganwa, ngakhe umuzi, ngithenge imfuyo ibeningi bese ngingena emkhakheni wamabhizinisi.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi kwabanenhlanhla yokuthi lo mkhakha ubafakele imali eningi abangene emabhizinisini ukuze bayandise ingapheli ukwenzela izimo ezizayo ngoba izikhathi ziyashintsha empilweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

You cannot copy content of this page