Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele umthente ohlabe usamila kumaskandi nowumholi omusha waMageza Amahle uSiphesihle Gcwensa, odume ngelithi Ithole LeNdidane. Indodana kaMtshengiseni ‘Indidane’ Gcwensa ayikaqedi ngisho unyaka ihola iqembu likayise kodwa isike yadlisela ogageni izimbangi itheleka nezinkumbi zabalandeli kwiMpucuzeko Maskandi Festival

Share this now

Usakhula wawuphiwa imali?

Yebo, ngangiyiphiwa.

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?

Ngiqale ukuba ne-akhawunti eCapitec (ngo-2017).

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngifunde ukuthi  impilo ibalula uma unemali.

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ukusebenza ngikuqale  ngo-2020, ngosuku (ngibhala) uR200. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngaqala ngagcina izidingo zasendlini ebesihlala kuyona. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukondla ekhaya nokufaka isandla ngesikhathi kugezwa ugogo engakhulela esandleni sakhe.

Yiliphi iphutha osuke walenza elithinta imali?

Ukuthi ngigcine sengiyisebenzisa nalapho kungenasidingo khona ekubeni zikhona izidingo ezifuna imali.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

(Angikaze) ngilutheke.

Yisiphi iseluleko esihle osuke wasithola?

Wukuthi imali iyaxabanisa, kumele ngiyibheke. Iyingozi iyakuhlukanisa nabantu obuthi awusoze waqhelelana nabo.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?

Ngingawusebenzisa ngokugcina zonke izidingo ezingisalele bese ngithola abantu abazongiluleka ukuthi imali isetshenziswa kanjani (bese ngenza) imizamo yokuthi yande, ingapheli nje kanjalo, ihlale iletha enye ngaso sonke isikhathi.

You cannot copy content of this page