Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uNomkelemane Langa, oke wayimbongi kaMnuz uJacob Zuma nomethuli woGubhu Lwami kwi-1KZN TV. Usanda kuwina indondo kuma-Avbob Poetry Competition

Share this now

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Ngangizilusela izinkomo ukuze ngibe nayo. Akekho owayengipha ngoba umama wayengasebenzi kanti ubaba wayesashona.

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi?

Ngiqale ngo-2000, ngayivula e-Absa.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Omunye umkhulu wakwaDlamini  ngo-1988, ngicela imali kuye endleleni njengengane, wathi ngingaboyicela imali kodwa kumele ngikhule ngiyisebenzele.

Uqale nini ukusebenza, kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngaqala ngo-1986, ubaba enonyaka eshonile, ngilusa izinkomo ngihola uR10.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga amakinati, ngawadayisa esikoleni.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukujabulisa umama uMaSiwela ngezinto engangimthengela zona esaphila nokulobola.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukunakekela umndeni engangithi sakha nawo ubuhlobo kanti ngiyaxhashazwa kodwa-ke ngangihlonipha umama owathi: “Mntanami, ekhweni lakho akusenabani, ngicela ulivale ihlazo lakhona.”

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Lezo zinto ngizenyanya kabi. Ngiyisilwi, angizwani nokucabanga ukuthi ngingavuka sengiyimpunyela kodwa ngilwela ukuvulela amakhono enginawo intuba.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Engasinikwa ubaba “uGidli gadla Saf’ isiphongwana” esithi imali into esiyofa siyishiye, ngakho singayithandi ukudlula ubuthina.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?

Cishe ngingawugcina ngize ngithole izeluleko kwabafundile zokuqeda ukuphapha okufika nokuwina izizumbulu.

Ungabaluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngokuthi ungadayisi ngobuwena ngenxa yemali ngoba imali yinto edlulayo kodwa ubuwena buwukuphila kwakho negugu eliyisipho esikhulu esivela kuMvelinqangi.

You cannot copy content of this page