Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uNwabisa Mbambo odlala indawo yokuba wumhlengikazi uNurse Anathi kwi-Generations: The Legacy kanti udlala nasemidlalweni yeshashalazi

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo, ngangiphiwa imali yokuphatha esikoleni.


Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?

Angisakhumbuli kahle kodwa ngayivula eCapitec


Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngafunda ukuthi imali ayiphathwa budedengu, kumele yongiwe futhi ithenge izinto ezibalulekile ozozikhomba. 

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngaqala ukusebenza emuva kukaMatikuletsheni esitolo esasidayisa amaCD nama-play station. Ngangihola uR20 noma uR30 ngosuku kodwa yayifika kimina leyo mali njalo emuva kwezinsuku ezintathu noma ezinhlanu. Yayifika kimina mhlawumbe iwuR200. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga isiqholo engangisithanda. Enye ngangijwayele ukuyongela ukugibela khona ngizoya edolobheni ngiyobona isoka lami. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ukusiza umama ukuthenga impahla yasekhaya nokulekelela ngokuvuselela ukwakhiwa kwekhaya.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ukuzikhipha kakhulu, yize ngingazisoli ngoba kwakungijabulisa. NgiseseNyuvesi ngangijwayele ukonga imali khona ngizozikhipha.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?

Kade ngangilutheka. Ngiphuma koMMM nasezitokofeleni zikaWhatsApp. (Nakuba) ngangilutheka kodwa ngangiyithola imali.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Kubalulekile ukuthi utshale imali, ngisho ukudayisa loku kuyasiza.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Kuningi engingakwenza. Okokuqala nje ngingazithengela indawo yami yokuhlala, ngitshale imali, nginikele emphakathini ngoba kuyinto engiyithandayo leyo bese-ke ngithi ukuzikhipha kancane ngibone umhlaba.


Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi (kubalingani bami) asibheke ezinye izinto ezingasingenisela imali ngoba njengamaciko sisuke sibheke kakhulu umsebenzi wethu kanti esikhathini esiningi usuke ungazi ukuthi njengoba usebenza uzophinde usebenze nini.

You cannot copy content of this page