Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uSandy B, inkakha yekwaito yodumo lwengoma ethi Amajovijovi. Usanda kukhipha ingoma ethi Until The Morning

Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngikhule ekhaya la imali yayibhekelela khona ukuthi kulale kudliwe qha. Okunye bekugcina. Ngisho kuhanjwa nesikole bengingena ngopotsho ebhasini, phambili ngidle (umphako wabanye).
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?
Ngicabanga ukuthi ngibe ne-akhawunti mhla ngiqashwa ngokugcwele ngineminyaka ewu-22. Kwakuyise-Absa.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngifunde ukuthi imali iletha injabulo kodwa futhi iyabangwa. Uma isiningi ikudonsela izitha, ngakho ayisikho konke okuhle.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakumalini umholo wakho wokuqala?
Ngangifunda uStandard 8 (osubizwa ngoGrade 10). Ngangihola uR27 ubusuku ngiwunogada.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngikhule ngingasenalo ikhaya ngizenzela izinto. Umholo wokuqala bengizigqokisa ukuze nami ngibukeke ebantwini. Ngazithengela namahembe esikole.
Yini enhle osuke wayenza ngemali?
Wukuzisungulela ibhizinisi, ngakha amathuba omsebenzi. Inkampani yami iMega Star ikhulile futhi isize abaculi abaningi abadumile ezweni lonke namhlanje. Ngaphinde ngalungisela umama umuzi waba yinto emfanele.
Yiliphi iphutha osuke walenza elithinta imali?
Ukuzama ukugembula. Akungivumi.
Wake walutheka ngokungena “ebhanoyini”?
Yebo, ngazama (i-trading) ngesikhathi kungangeni mali kuvalwe izwe ngenxa yeCOVID-19, kwacwila uR7 000 ngokushesha. Phinde ungibone lapho.
Yisiphi iseluleko osuke wasithola ngemali?
Feza izidingo zakho kuqala ngemali ngaphambi kokufeza ezabanye ngoba uma sekuwuwena oswele abantu obasizayo banokuhambela kude kunawe.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?
Esikhathini samanje leyo mali ifana nento engekho kodwa ngoba nginekhono lokuqala into ewusizo ebantwini ngisho imali ingekho, ngicabanga ukuthi ngingafukula imizamo yami engingakaze ngiyitholele abaxhasi. Akukho okutheni engingakushintsha ngami, (ngingaqhubeka) nje nophuthu nobhontshisi.
Ungabaluleka uthini abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Imali ayifiki njalo kwabanye, ngakho-ke yenzani isiqiniseko sokuthi uma isikhona isebenze ezidingweni ezibalulekile futhi itshalwe ezintweni ezingenisa inzuzo nsuku zonke ukuze kuphileke nangezikhathi ezinzima. Zijabulise ngokuhlelekile, hhayi ukubukisa. Nciphisani ukushayela phezulu uma ikhona ngoba uma ingasekho umphakathi ukwahlulela uze ube nokhwantalala.