KULELI sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uSbonakaliso ‘Ngabade’ Mazibuko, umlingisi kuZalo, i-Durban Gen nakwi-Generations The Legacy. Ngenyanga ezayo kwi-Hostela.

Share this now

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, uma ikhona kodwa bekungabi yinto yanjalo.

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaba ne-akhawunti sengiqede isikole sengibamba amatoho eMtateni ngo-2005

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi esikhathini esiningi ayibekeki, ikakhulukazi uma ifika mancozuncozu ngoba wonke umuntu usuke enezidingo zempilo ezidinga yona.

Uqale nini ukusebenza, kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngiqale ngo-2005 kwaRainbow Marine eMtateni,  sibopha ama-container emkhunjini. Umholo wami wokuqala kwakuwu-R90 ngosuku.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Bengihlala nabazali bami abangasekho bobabili nobhuti wami ongilamayo uSinethemba,  engisahlala naye namanje. Ngavele ngathenga impuphu nokunye okuncane kwasendlini.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuthengela omunye umama wangasekhaya ngoKhisimuzi into azoyidla ngoba ngibona ukuthi isimo asisihle kahle.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukupha umuntu imali ebese ethenga isidakamizwa phambi kwami kube kukhona abengakwenza (okusile) ngayo.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ‘ebhanoyini’?

Ukhona yini ozwe ngaye? Impela ngafakwa ngomunye wobhuti engisondelene nabo. Eish! Ngayithola kanye, maqede laphahlazeka sengifake imali eningana impela.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Esokuthi yona imali qobo ithi ngonge namhlanje khona ngizokusiza kusasa.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?

Kuyophoqa ukuthi enye nginikele ngayo ezintandaneni ngoba ngiyakuqonda ukungabi nabazali. Enye ngithenge iziza ngakhe okwakhekayo.

Ungabaluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Kubalulekile ukubanamaphupho amahle ukuze uma ifika wazi ukuthi uzoyenzani.

You cannot copy content of this page