Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uShakes Ngema, umculi we-Afro pop oseke wadlala kwi-Durban Gen, osanda kuphuma phambili kwi-Top 10 yeGagasi ngengoma ethi Inzima Impilo nosebuya konandisa e-UK

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo, ngangiphiwa imali ngabazali bami kodwa ngathi uma ngiqala esikoleni samabanga aphezulu, umama wangifaka ejalidini ayesebenza kulona. Ngagcina lapho-ke ukucela imali.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?

Ngiqeda isikole ngo-2002. Kwase kuthi ngo-2003 umlungu engangisebenza kuyena ejalidini wangifaka emsebenzini eDunlop Tyres. Kwase kufuneka i-akhawunti yasebhange, ngayivula eStandard Bank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Imali iyasetshenzwa ukuze ukuqonde ukubalulela kokuyonga. Uma ungayisebenzanga uyibhubhudla isinomakanjani. Mina ngaqala ngathenga imoto ngenzela ukuthi kubelula ukufinyelela emsebenzini. 

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho?

Kwakuwu-2003 ngiqala ukusebenza, bengihola uR2 500 (ngesonto).

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngawunika umama, ngacela ukuthi angenzele iladi labantu abadala abike ukuthi sengiyasebenza, okuyisiko esakhula ngalo ekhaya lokuthi yonke into oyenzayo uyabika kubantu abadala. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ngathenga lonke uhlobo lwemoto engangiyithanda ngaze ngadela. Kumanje sengithenge umuzi esilungwini ngoba sengifuna nokuganwa manje. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ngagwaza kumuntu oyisigebengu. Wayidla yonke imali yami angangayithola into ayengithembise yona. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Cha, angikaze.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Ungabozikhukhumeza uma unemali ngoba iyaphela. Kumele uhloniphe wonke umuntu.

Uma ungawina uR1 million kuLotto, ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaqeda ukukhokhela umuzi wami, ngiganwe bese ngiqinisa ibhizinisi lezobuciko namasiko engikulona. 

Ungabaluleka uthini abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Kubalulekile ukuthola izindlela eziningi ezizokufakela imali bese uyilondoloza enye ngoba ziyafika izikhathi ezinzima.

You cannot copy content of this page