Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMpume ‘uHelicopter’ Ndlovu, umethuli wohlelo lomculo wesintu ku-1KZN TV Ugubhu Lwami, Useke wezwakala kaningi kuKhozi FM, waqokwa kumaBasadi In Music Awards emkhakheni weMusic TV Show Presenter.

Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Cha.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi ibhange?
Ngayivula eCapitec ngo-2011.
Uma ucabanga imali ebuncaneni noma ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo futhi yini owayifunda ngemali?
Ukuthi imali akufanele uyisebenzise budlabha futhi ungayithengi into obungayihlelelanga.
Uqale nini ukusebenza futhi kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngiqale ukusebenza ngo-2013 ngiyivolontiya.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Mhla ngiqala ukusebenza umsebenzi owawungiholela ngathi uma ngiqala ukuhola, ngathenga amakhethini ekhaya.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukwakha ikhaya.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza phambilini?
Alikho.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Cha, angikaze ngilutheke ngoba ngiwumuntu oyazisayo imali futhi ngikholwa wukuthi iyasetshenzelwa ukuze ube nayo.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi uma unemali akumele uzikhukhumeze ngoba awazi noma kusasa izobe isekhona yini.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingavula inkulisa emphakathini engihlala kuwo ukuze izingane zizoba nendawo ephephile, ziphinde zinakekeleke ngendlela efanele. Okunye ngingakha umuzi oyiphupho lami.
Ungabeluleka uthini abanye emkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi imali iyasetshenzelwa futhi iyafika iphinde idlule. Ungaziphakamisi kwabanye uma kuwukuthi wena ngaleso sikhathi unayo.