Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNtokozo Thembani, intatheli, iphini lomhleli wezindaba kwiVuma FM noMC wemicimbi

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali noma cha?

Yebo, ngangiphiwa wumalume esikhathini esiningi.

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngiqale ngo-2009. Ngayivula eNedbank.

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi noma ingaba ncane kangakanani imali oyitholayo kodwa uma uloku uyibeka igcina iba ningi ngokuhamba kwesikhathi.

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho?

Ngiqale ngo-2010 ngiwuweta eKing Shaka International Airport. Ngangihola ngaphezudlwana kukaR2 000, kokunye ibe ngaphezu kwaloko uma ngisebenze amahora engeziwe.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngawusebenzisa ukugibela ngawo ngiye emsebenzini, ngalekelela kokwakudingeka ekhaya.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukwenzela abazali bami izinto (ababekade) babefisa zibe khona ekhaya.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukuphesha isikweletu ngesikweletu, loko okwenza ngazisola sengicwile ezikweletini.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?

Cha, angikaze ngenxa yokuthi umsebenzi engiwenzayo wenza ngihlale nginemibuzo eminingi ngezinto engingaziqondi kahle, ngakho akulula ukuthi ngilutheke (ngezinto ezinjalo).

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi kubalulekile ukuphila impilo elingana nephakethe lakho, nokugwema ukwenza izikweletu ezingenasidingo.

Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingathatha ingxenye yawo ngakhe kabusha umuzi wasekhaya, ngenzele ugogo wami uMaMkhize noma yini ayifunayo, ngithenge imoto encane, ngitshale enye ebhizinisini lokwakha bese (esalayo) ngiyigcine ebhange iminyaka eyishumi noma ngaphezulu.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi abangavumeli izinto abazibona ezinkundleni zokuxhumana zibafakele ingcindezi yokufuna ukuphila impilo engaphezu kwamandla abo.

You cannot copy content of this page