Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noQhoshangokwenzakwakhe, isihlabani sikamaskandi. Usanda kukhipha i-albhamu ethi Tears of Joy kanti useke wahlabana ngezindondo emincintiswaneni ehlukene

Share this now

Usakhula wawuphiwa imali?

Kwakuthukela nje ngithole uR1 noma uR2, kodwa kwakungajwayelekile.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?

Ngayivula eStandard Bank ngo-2005 ngibambe itoho eSibaya.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngingathi wukuthi ayenelisi ngoba bonke engangicabanga ukuthi banayo babehlala bekhala.

Waqala nini ukusebenza, kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngangibamba itoho eZulu Fire eyayisebenzela eSibaya ngo-2005. Umholo wami kwakuwuR1200 ngesonto.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga ibhulukwe nesikibha ngoba ngangiswele kakhulu izimpahla.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukulungisa umuzi wakithi wathi ukuba ngconywana kwengikhule uyikho.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ngakhokhela umakhi uR20 000 ezongakhela urawondi. Ngayifaka kwi-akhawunti  yakhe yonke engakawuqali umsebenzi. Wawuqala, washiya izindonga zimile, washaya wachitha.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Angikaze (ngiwangene) ngoba ngiyawesaba.

Yisiphi iseluleko owasithola ngemali?

Esokuthi ngize ngingalinge ngiqonywe ngemali ngoba iyophela ngingazi nokuthi ngenzeni ngayo.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?

Ngingakha isithabathaba somuzi emakhaya ukuze umndeni wami usizakale bese ngakha imiqasho edolobheni.

Ungabaluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi nje ungalinge ucabange ukuthi imali iningi, ngisho ungaba nesigidi ebhange. Ngaso sonke isikhathi hlale ufisa imali engaphezu (konayo).

You cannot copy content of this page