Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSphindile Khuzwayo, umlingisi nomculi. Useke walingisa emidlalweni esingabala kuyona iNandi The Musical, Iphela LaseVosloo, iBafana Ba Bruno noMuvhango.

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali noma cha?

Yebo, ngangiphiwa, yize kwakungesiyo imali enkulu.

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngiqale ukuba nayo sengenza u-Matric ngo-2013, ngayivula eFNB.

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngisemncane imali bengingayitholi njalo, okwenze ngakhula ngiyihlonipha, kuthi noma kwenzeka ngiyithola ngiyisebenzise ngokucophelela.

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho?

Kade ngaqala ukusebenza kodwa lapho engaqala ukuhola khona yiseMcDonald’s ngo-2012. Ngangihola uR1 000 emva kwamasonto amabili.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga ngawo ukudla ekhaya, kwathi osala lapho ngawupha umama.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuphuma ekhaya, ngithola indawo yami yokuhlala, ngathengela umama ifenisha ngenza nokunye okuqondene (nami).

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Alikho elikhulu kangako ngaphandle kokusebenzisa imali ezintweni ezingenasidingo ize iphele ngingenzanga lutho olubalulekile.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?

Cha, angikaze. Ngiyithanda impela imali kodwa ngenza isiqiniseko sokuthi angizibandakanyi ezintweni ezifana naleyo ngoba ngiyazi ukuthi aziphethi kahle.

Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?

Into yokuqala engingayenza wukuthengela umama umuzi endaweni engenazindleko ezinkulu bese ngiqala nebhizinisi.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi nje abacophelele indlela abasebenzisa imali ngayo, bayibeke ngoba umkhakha esikuwona ngeke uthembele kuwona futhi ayinkulu nemali esiyitholayo kuwo.

You cannot copy content of this page