Kuleli sonto usaziwayo wuGubhela, ogama lakhe langempela wuNduduzo Mkhize. Uwumbhali nomhayi wezinkondlo zesiZulu nomhleli wemicimbi yobiciko ngaphansi kwenkampani yakhe iGubhela Brands. Ngo-2019 uhlabane ngendondo ye-Best Poet kumaSATMA Awards.

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali?

Lutho! Ngangingayiphathi ngisho nasesikoleni; kangangokuthi ngisho nabangani engagcina ngijwayelana nabo esikoleni ababenjengami, mina nabo sasingenayo imali njengezinye izingane esikoleni. 

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Kwakuwu-2011 sengiyofundela umsebenzi, nokwasekuphoqa ukuthi ngiyenze ngoba ngangixhaswe yiNSFAS. Ngayivula eStandard Bank.

Uma ucabanga ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo futhi yini owayifunda ngemali?

Wukuthi imali kumele uyiphathe kahle, ikakhulukazi njengoba mina ngikhule ngingayinikwa nje ekhaya. Le nto ibize idale ukuthi uma kuthuke kwenzeka ngaba nayo ngaleso sikhathi ngiyisebenzise budlaba. 

Uqale nini ukusebenza futhi kwakuyimalini umholo wakho?

Ngikhulele emakhaya KwaSwayimane ngivele ngiwumuntu obehlale ezihlupha ngokubamba amatoho anjengokulima, ukuhlanza amagceke abantu njalonjalo ukuze ngilekelele ekhaya. Kusukela ngabo-2006 bese ngivele ngiqalile ukwenza lokho kodwa-ke uma ngikhumbula kahle umholo wami wokuqala kwaba wuR20.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngaleso sikhathi ngangivele ngimncane nesimo sasekhaya sasingesihle ngaleyo Ndlela. Cishe yonke imali engabe ngiyithola lapho engangibamba khona amatoho yayiphelela ekhaya.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Yize ezinye zezinto esengike ngazenza ngingethande ukuzidalula kodwa ngingakuveza nje ukuthi ngemali engiyitholayo kumanje ngiyakha ekhaya. Ngingasho nje futhi nokuthi kungekudala ungakapheli nalo nyaka ngifuna ukuthenga imoto.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Yile nto yokuthi uma imali isekhona ngaleso sikhathi ungakunaki ukuthi kumele uyiphathe ngendlela efanele. Ngigcine sengibona sekuhambe isikhathi isingasekho ukuthi bekumele ngiyonge.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?

Ngake ngalutheka ngendlela ethi ayifane naleyo, lapho okwathi sengifake imali yami eningi nginethemba lokuyithola isiwumthanyana kwavele kwaphela kanjalo ngingasazuzanga lutho.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Ngingathi zimbili, okungezinye zezinto engisanda kubhala ngazo nasezinkondlweni zami. Okokuqala, wukuthi imali ayimshintshi umuntu kodwa ibeka obala uhlobo lomuntu avele eyilona. Okwesibili, wukuthi indlala iyahambisana ngendlela yokuthi uma udinga imali ungagcina usuwenza noma yini ukuze uyithole. 

Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngicabanga ukuthi usuyimali encane kakhulu uma ngiwuqhathanisa nezinto engisafisa ukuzenza empilweni. Sekungathi uma ngiwina uR1 million, ngibuze ukuthi iphi enye? Kodwa-ke engicabanga ukuthi ngingakwenza ukungena kwezolimo (ekufuyeni) ngenxa yokuthi nginothando olukhulu lwemfuyo nokufuya.

Ungaweluleka uthini amanye amaciko ngokuphatha imali?

Kunzinyana ngoba amanye amaciko awanayo vele imali nokuthi imali etholwa yithina maciko ayinaso isikhwama sempesheni.  Uyithola manje, kusasa iphele. Kodwa-ke engingawacebisa ngakho wukuthi angazifakeli ingcindezi yokuphila impilo ephezulu nengaphezu kwamandla awo. Ngingathi nje kuwona awaphile impilo elingene nawo.

You cannot copy content of this page