USihlalo weBhange loMhlaba uNks uThabi Nkosi uthi sebezovama ukubolekisa imali besebenzisa indlela ehambisana nesibonelelo ukuthuthukisa abalimi

Izithombe: wuGoogle nesithunyelwe

Kunesikhwama esisha sezigidi sokufukula abalimi abasafufusa. UTEBOGO MOKWENA uyabika

Share this now

ABALIMI ababencishwe amathuba kungenzeka bahlomuhle ngoR6 billion eminyakeni eyishumi ezayo esikhwameni esisha esethulwe umNyango wezoLimo, ukuBuyisa uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zaseMakhaya ngokubambisana neBhange loMhlaba.

UNgqongqoshe womNyango wezoLimo, ukuBuyisa uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zaseMakhaya uNkk uThoko Didiza wethule lesi sikhwama ngesonto elidlule. Uthe umnyango uzotshala uR3.2bn eminyakeni eyishumi ezayo kanti iBhange loMhlaba lona lizotshala uR325 million ngonyaka.

Lesi sikhwama sizobhekelela eminye imisebenzi eyingxenye yokukhiqiza izithelo, amakinati, amaveji, imikhiqizo kambila, eyomoba, eyezinkukhu, izinkomo neziklabhu. Imali izokhishwa ngeBhange loMhlaba kanti umnyango uzokwengamela wonke umsebenzi okufaka nokubika kuzona zonke izinhlaka. UNkk uDidiza uthe umnyango uzoxhasa ngo-50% ozobe uyisibonelelo besekuthi iBhange loMhlaba likhiphe omunye u-50% umlimi azobe ebolekwa wona.

UNkk uDidiza

“Izibonelelo zizokhishwa kulandelwa uhla umNyango wezoLimo, ukuBuyisa uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zaseMakhaya olulandelayo uma ubheka okufanele bathole izibonelelo. Kumqoka ukusho ukuthi izivumelwano zokuqasha umhlaba kanjalo nemvume yokuhlala ezinde kunesikhathi imali ezokhishwa ngaso zamukelekile ukuthi kubanjiswe ngazo ukuze umuntu abolekwe imali,” kusho yena.

Ngabantu baseNingizimu Afrika kuphela abazohlomula kule mali futhi kufanele kube ngamapulazi abantu abamnyama futhi aphethwe ngabantu abamnyama angakwazi ukukhula agcine esemakhulu, kufanele kube futhi yilawo aseqhulwini ngokusho komqulu wezolimo i-Agriculture and Agro-processing Master Plan.

Bangahlomula nabalimi okuwukuthi babambisene nabalimi okungesibona abantu abamnyama kanti kuyashiwo ukuthi kufanele kube yingxenye engakanani bona abangabaphathi bayo. Intsha, abesifazane, abaphila nokukhubazeka nababengamasosha yibona abazobekwa eqhulwini.

UNkk uDidiza uthe inhloso yalesi sikhwama wukweseka abalimi abasafufusa bagcine bebamba iqhaza emnothweni omkhulu nasekukhiqizeni eminye imikhiqizo eyingxenye yezolimo.

“Ukubambisana ngale ndlela kuyasiza ukuqinisekisa ukukhula, ukuba nokudla okwanele, ukuthuthuka kwabalimi, ukuguqulwa kwemboni yezolimo nokufaka isandla ekwakhiweni kwamathuba omsebenzi. Inhloso yalesi sikhwama wukuphumelelisa ukubuyisa umhlaba ngokweseka ukuthuthukiswa, ukuthengwa nokukhula kwabalimi abamnyama kule mikhiqizo ehlonzwe njengeseqhulwini,” kusho uNkk uDidiza.

Usihlalo weBhange loMhlaba uNks uThabi Nkosi uthe ibhange lithole umbiko wezimali ongenagcobho ekupheleni konyaka wezimali u-2021/22 nathe yikho okubasizile bakwazi ukwethula lesi sikhwama.

“Ukuze siqinisekise ukuthi abalimi bangakwazi ukuboleka futhi sinciphise ingozi yokuhluleka kwalabo abaqalayo iBhange loMhlaba selizovama ukusebenzisa le ndlela (ehambisana nesibonelelo) ukweseka ukuthuthukiswa kwabalimi,” kusho uNks uNkosi.

You cannot copy content of this page