UNgqongqoshe wezeziMali uMnu uTito Mboweni uchaze ngezinhlelo zokuvuselela umnotho ngemva kwezigameko zokutapa nokucekela phansi ingqalasizinda

Izithombe: Zithunyelwe noGoogle

Kunezigidi zokuvuselela umnotho kodwa umphakathi kumele ukuqonde ukuthi ukucekelwa phansi kwengqalasizinda kwenza izwe ligidagide ndawonye. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

UHULUMENI uzohlinzeka ngoR38.5 billion amabhizinisi nezakhamuzi ngezindlela ezihlukene ngenxa yezibhelu zokutapa ezibheduke KwaZulu-Natali nakwezinye izindawo zeGauteng emasontweni amathathu edlule. 

Nokho kumqoka ukuthi abantu bazi ukuthi izenzo zokucekela phansi izinhlaka zomnotho zinomphumela omubi njengoba lolu sizo luzokwenzeka ngokuthi kube khona lapho uhulumeni enciphisa khona kanti kokunye kukhona izinhlelo azozimisa kanti nabaqoqi bentela kukhona imali ezobaphunyuka unomphelo, nokulinganiswa ukuthi okwamanje kuzoba wuR48bn.

Lisho kanje ithimba lomNyango wezeziMali, ebeliholwa wuNgqongqoshe, uMnu uTito Mboweni, esithangamini nabezindaba izolo.

Kulesi sithangami uMboweni nethimba lakhe bebenaba ngemininingwane yezinhlelo zokusiza ukuvuselela umnotho okhahlanyezwe yizibhelu kade uvele utotoba ngenxa yokubheduka kweCOVID-19. Kule mali, uR31.2bn yimali entsha, uR2.65bn uzothathwa kwezinye izinhlelo bese kuthi uR5bn yimali yentela yezisebenzi izinkampani ezizovunyelwa ukuthi zingayikhokhi izinyanga ezintathu.

UMboweni uthe njengoba umonakalo usuwenzekile abakwazi ukusonga izandla, kumele basukume kube khona abakwenzayo. Nokho uthe loko akusho ukuthi bayabavuna abenzi bobubi.

“Angikhathali noma ngabe ucasulwe yini futhi kangakanani, akusoze loko kwasho ukuthi kumele ucekele phansi ingqalasizinda. Uma ubheka nje umonakalo owenzeke eThekwini kuphela, kucekelwe phansi ingqalasizinda kaR15bn… yingqalasizinda yethu sonke leyo. Leyo mali (okuzolungiswa ngayo) ibingenza enye into.

“Akwamukelekile loku okwenzekile futhi akusizi ngalutho. Ngifisa ukugcizelela njengoMengameli (uCyril Ramaphosa) ukuthi siyakugxeka okwenzekile. Okwamanje kusathiwa umonakalo emnothweni wonke wuR50bn kodwa uma uqonda ukuthi umnotho uhamba kanjani, uzokwazi ukuthi umonakalo uphindaphindiwe kunaloko. Ichweba belingasebenzi, amagaraji kaphethroli abengasebenzi KwaZulu-Natali kwaze kwadingeka abantu baye eHarrismith wagcina nakhona usuphelile uphethroli,” kusho uMboweni.

Omunye umonakalo owenzeke kwingqalasizinda ngenkathi kutatshwa

Usomnotho waseFNB uMnu uSiphamandla Mkhwanazi uhambe emazwini kaMboweni. Uthe yize le ndlela uhulumeni angenelele ngayo iyinhle futhi ibidingeka kodwa okwenzekile kubuyisela emuva izwe.

“Kuzomele siwumphakathi waseNingizimu Afrika siqonde ukuthi ukuvuselela izakhiwo ebezivele zikhona ngoba sezicekelwe phansi ngenye yezinto egcina isibhebhethekisa loku kungajabuli kwabantu ngoba abantu babona sengathi simi ndawonye kanti kwenzeka ngenxa yezenzo zethu,” kusho yena.  

Usomnotho waseFNB uMnu uSiphamandla Mkhwanazi uthi ukucekela phansi impahla kubulala abantu uqobo

NgeSonto uRamaphosa umemezele izindlela ezihlukene uhulumeni azolekelela ngazo izakhamuzi nosomabhizinisi. UMboweni nethimba lakhe, obekukhona kulo nephini lakhe uDkt uDavid Masondo, bese benaba.

Olunye usizo kuzobe ngolokubuyiswa kwesibonelelo esiwuR350 sokusiza abantu abangasebenzi. UMboweni uthe lokhu kuzodla uR26.7bn. Kulindeleke ukuthi kuqale ukukhokhwa ngoSepthemba 1 kodwa lo mNyango uthe usazoxoxisana kahle nomNyango wezeNhlalakahle, okuyiwona ozoqinisekisa usuku okuzoqalwa ngalo.  

UMboweni akathandanga ukuzibophezela uma kubuzwa ukuthi ngabe ukukhokhwa kwalesi sibonelelo kucaba indlela ebheke ekutheni izwe ligcine selikhokha isibonelelo sokusiza abaswele i-Basic Income Grant na.

“Umbuzo okufanele sizibuze wona njengezwe othi sizobhekana kanjani nesidingo sokondla labo abangakwazi ukuzondla? Angazi ukuthi loku esikwenzayo manje kuzoholela kwi-Basic Income Grant yini. Mhlawumbe abashaya (imithetho) yangomuso yibona abangakwazi ukuphendula,” kuphendula yena.

Ngale kwenselelo yeCOVID-19 umnotho ubuvele udonsa kanzima ngenxa yezimo ezifana nokuntuleka kwemisebenzi, ukushoda kukagesi nokungasebenzi kahle kwamabhizinisi kahulumeni, amanye awo adinga ukutakulwa.

Okunye okuthwalise kanzima umnotho yisikweletu iNingizimu Afrika enaso njengoba ngokwesabelo sango-2021/22, lesi sikweletu simi kuR4.3 trillion, nokuwu-81.9% we-gross domestic product noma umnotho wezwe. Kulindeleke ukuthi sikhuphuke sifinyelele kuR5.2 trillion ngo-2023/24, nokuyobe sekungu-87.3% womnotho.  

Lo mNyango uthe ayikho imali ebekelwe lezi zinhlelo zokwelekelela ezobolekwa. Nokho uMboweni uthe sebebuyezekile ukuqagula kwabo njengoba manje sebelindele ukuthi isimo somnotho sibuyele lapho besikhona ngaphambi kweCOVID-19 ngo-2023.

Le mali ezosetshenziswa itholakale ngenxa yemali engenile ngenxa yokunyuka kwamanani okumbiwa phansi nangenxa yokuphucuka kwezindlela iSARS eqoqa intela ngayo.

UMkhwanazi ukuncomile ukuthi akuzukubolekwa mali kodwa waxwayisa ngokuthi kumele kukhunjulwe ukuthi amanani aphezulu okumbiwa phansi ngeke ahlale ekhona.

“Into enyusa amanani njengamanje wukuthi amazwe esihwebelana nawo kakhulu njengeMelika, iChina neGermany athenga okumbiwa phansi kakhulu ngoba nawo avuselela iminotho yawo. Le ndlela esiluhlanganise ngayo usizo ngeyesikhashana, ngeke ihlezi ikhona,” kusho yena.

Umshwalense kahulumeni iSasria izokwengezelwa uR3.9bn. Isikhulu esiphezulu sale nkampani uMnu uCedric Masondo, obekhona naye kulesi sithangami, sithe banemali eyanele ukubhekana nazo zonke izicelo ezifanele. UMasondo uthe isiyonke imali abangayisebenzisa wuR16.2bn.

“Umonakalo esiwukhokhelayo aweqi kuR500m kanti akhona amakhasimende ambalwa umshwalense wawo ofinyelela kuR1bn,” kusho yena.

Isikhwama esibhekelela abantu abangasebenzi i-Unemployement Insurance Fund sihlinzekwe ngoR5.3bn ukusiza abaphelelwe wumsebenzi ngenxa yeCOVID-19 nangenxa yezibhelu.

Kukhona uR2.3bn wokulekelela amabhizinisi amancane, nokuwusizo oluzoholwa yiminyango eqondene nalokhu, okungeyokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane nowezoHwebo neziMboni.

Amaphoyisa ahlinzekwe ngoR250m, kwathi amasosha wona anikezwa uR700m ukuqinisa ezokuphepha. Nokho uMboweni ugcizelele ukuthi wumsebenzi womphakathi ukunakekela ingqalasizinda.

You cannot copy content of this page