Noma ukuthenga online kunobuhle kodwa kunobungozi bakhona

Isithombe: Sithunyelwe

Kuyakhula ukuthengwa kwezimpahla kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanjemanje nasezitolo ezi-online kanti ‘nabashaya ikhadi’ bakhona nalana kwezobuchwepheshe.

Share this now

IBHANGE loMbuso ngokubambisana neFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) nePayment Association of South Africa (iPASA) baxwayisa abathengi ngezinto okumele baziqaphele uma bethenga kwi-internet ukuqinisekisa ukuthi imali yabo ivikelekile. 

Lezi zinhlaka zithe abathengi abaqaphe ngeso lokhozi, ikakhulukazi uma bezokhokha ngale ndlela okuthiwa yi-instant EFT nesuke idinga ukuthi umuntu afake imininingwane yakhe eyimfihlo ayisebenzisa uma engena ebhange lakhe ngekhompyutha noma ngocingo. 

Bathe ngokusebenzisa i-instant EFT usuke ungasakhulumi ngqo nebhange lakho njengoba kukhona nenye inkampani osuke ufake kuyona imininingwane yakho nokukubeka engozini ngoba nakhona kwezobuchwepheshe bakhona “abashaya ikhadi”.

IBhange loMbuso, iFSCA nePASA bathe into eyenza bangakunambithisisi loku wukuthi kwenza imininingwane yomthengi yaziwe ngabanye abantu ngale kwebhange lakhe nokumbeka engozini ngezindlela ezihlukene.

Bathe uma le mininingwane iwela ezandleni zabantu abagangile kunengozi yokuthi bayisebenzisele izinhloso ezimbi ngoba maningi namathuba okuthi bakwazi nokuthola eminye imininingwane ekhona, kungaba yisocingweni noma kwikhompyutha uma kuwukuthi ubusebenzisani.  

“Ngokunikeza imininingwane yakho yasebhange komunye umuntu ngesikhathi usebenzisa i-instant EFT, kungenzeka ukuthi uphula imigomo nemibandela yasebhange lakho yokwenza i-internet banking. Lokho kusho ukuthi kuzoba lukhuni ukuthi uvikeleke uma kwenzeka imali ilahleka.”

Bathe enye ingozi wukuthi imali ekhokhwe nge-EFT ayibuyi nokusho ukuthi uma leyo nkampani othenga kuyona ingathembeki noma ingayilethi leyo mpahla oyithengile imali yakho icwile.

“Abathengi kungadingeka ukuthi bakhokhe nenzalo uma kuwukuthi leyo nto ethengiwe kusetshenziswe i-akhawunti efana ne-credit card ne-overdraft. Njengoba ukusetshenziswa kobuchwepheshe kukhula emhlabeni nobugebengu obenzeka online buyakhula, yingakho kumqoka ukuthi abathengi babuqonde ubungozi obuhambisana nokukhokha nge-internet.” – Intatheli yoMbele

You cannot copy content of this page