Umqondisi emNyangweni weziMali uNks uMoipone Ramoipone

Isithombe: Sithunyelwe

Kuza umthetho omusha ozosiza ukufukula izinkampani ezisafufusa. UTEBOGO MOKWENA uyabika

Share this now

KUSUKELA ngoJanuwari iminyango kahulumeni izophoqeka ukufaka amabhizinisi amancane uma ikhipha amathenda. Kuzofanele ibhekele kakhulu abanikazi bezinkampani ezisafufusa abebencishwe amathuba.

UmNyango weziMali ezweni lonke uthe imigomo emisha yePreferential Procurement Policy Framework Act izoqala ukusebenza mhla ka-16 Januwari 2023. Lo mnyango ubuhlangene neKomiti lasePhalamende lomNyango wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane ukubhunga ngezinto ozenzayo ukulekelelela amabhizinisi asafufusa ukuthi athuthuke.

Inhloko yokuthenga impahla yomNyango weziMali uNks uMendoe Ntswahlana uchaze ukuthi isiGaba 2(1)(d) somThetho sifaka abantu ababencishwe amathuba.

“Okuhloswe ukuthi belekelelwe ngesiGaba 2(1)(d) abantu abebecwaswa phambilini njengabesifazane, abaphila nokukhubazeka (nokufeza) izinhloso zohlelo lokuvuselela nokuthuthukisa ezifaka ukubhekelela izinkampani ezisafufusa.

“Ngaleyo ndlela kufanele izinhlaka zikahulumeni zihlinzekele amabhizinisi amancane uma zikhipha imisebenzi uma zifisa ukuthuthukisa izinkampani ezisafufusa ngokuhambisana nezinjongo zomnyango. Ngakho-ke isiGaba 2(1) somThetho sithi akusebenze isiGaba 217 (2) (a) somThethosisekelo esithi izinhlaka zikahulumeni kufanele kube khona imisebenzi eziyibekela izinkampani ezincane ukuzithuthukisa, zikwenze lokhu zisebenzisa amathenda.”

UmNyango womGcinimafa uthe kunezinkampani eziwu-1.1 million ezibhalise kwiCentral Supplier Database yawo, u-93% wazo okuyizinkampani ezisafufusa. Ngonyaka wezimali u-2019/20 kunikwe ithuba izinkampani eziwu-152 718. Kusetshenziswe uR638. 69 billion kanti uR274.83bn uye emabhizinisini amancane. Kusho ukuthi amabhizinisi amancane ahlomule ngo-45.14% kule mali.

Umqondisi womNyango weziMali uNks uMoipone Ramoipone uchazele ikomiti ngezizathu ezidala ukuthi iminyango kahulumeni ihluleke wukukhokhela amabhizinisi amancane esikhathini esiyizinsuku ezingu-30 esibekiwe.

Uthe: “Ezinye zezizathu ezidala ukuthi iminyango ingabakhokheli abahlinzeki bayo ukuphambanisa, ukungabekwa kahle nokulahleka kwama-invoice, ukushoda kwesabelomali, ukungabi nabantu abenele, izinkinga zobuchwepheshe, ukungaxazululwa kwemibango esuke ikhona ngama-invoice nokungabi bikho kwayo yonke imininingwane esuke idingeka.”

Amalungu ekomiti adumele ngezizathu ezichaziwe zokuthi kungani kusaqhubeka ukuthi izinkampani ezincane zingakhokhelwa ngesikhathi. Athe kufanele izinhloko zeminyango nabaphathi bezimali baphendule ngaloku.

You cannot copy content of this page