Kuzobungazwa abenza ezibukwayo kwezobuchwepheshe e-Afrika. USLINDILE KHANYILE uyabika

ABANTU besifazane ababili baseNingizimu Afrika abasembonini yezobuchwepheshe basethubeni lokuwina emiklomelweni ebungaza abakule mboni ama-Africa Tech Festival Awards.
UNkk uNollie Maoto, i-chief data and analytics officer eFNB Commercial Merchant Services, uqokwe emkhakheni okuzokhethwa kuwo iCXO of the Year Award, lapho eqhudelana khona noMnu uSamuel Chiwanda weClick Mobile noMnu uDaniel Ale wePrunedge.
UNkk uMaoto ubheke ukuhlanganisa ulwazi olusiza leli bhange likwazi ukwenza izinqumo ezisiza amakhasimende.
UNksz uNonhlanhla Mhlongo weKhwezi Innovations yena uqokwe emkhakheni i-Africa’s Rising Star Award lapho ezobanga khona noMnu uBhavik Pattni weRaxio Group noMnu uJoseph Lumbahe we-Aizatron Group.
IKhwezi Innovations yinkampani esebenzisa ubuchwepheshe ukuxazulula izinkinga abantu ababhekana nazo nsuku zonke.

Le miklomelo iyingxenye ye-Africa Tech Festival okuwumbuthano wabaholi embonini yezobuchwepheshe uzoba seCape Town ICC kusukela mhla ka-7 Novemba kuze kube mhla ka-11.
Iziko lakho lezindaba zamabhizinisi Umbele lingelinye lezinkampani eziyingxenye yalo mcimbi ohlelwa inkampani yezobuchwepheshe ezinze eLondon i-Informa Tech.
Abawinile bayomenyezelwa mhla ka-8 Novemba emcimbini oyoqala ngo-6 ntambama. Eminye imikhakha imi kanje:
I-Connectivity Project of the year Award:
- I-NuRAN Wireless;
- I-Avanti Communications;
- I-Erisson & MTN Benin.
I-Most Innovative Product or Service:
- I-Orange’s Mahali;
- I- MTN SA & Huawei;
- I-Clickatell.
I-Changing Lives Award:
- I-Seamlesshr & Special Olympics Nigeria;
- I-HORMUD TELECOM;
- I-ANSI.
I-Female Innovator of the year:
- UNks uRutendo Mugadza-Mugwagwa weZimbabwe Innovation & Legal Tech Association;
- UNks u-Oladiwura Oladep weTechDev;
- UNks uChineme Onuoha Areola we-Broadbased Communications LTD.
I-Green ICT Award:
- UDkt u-Olufunso Somorin we-African Development Bank;
- I-HIS & Huawei Green Power Innovation;
- I-RAXIO Data Centres.
I-Fintech of the year Award:
- I-FINBRAINE (PFB);
- I-KYANDA AFRICA;
- I-Chipper.
I-Start-up of the year Award:
- I-Womenovate;
- I-Carscan;
- I-Send-off funeral app.
I-Health Tech Innovation of the Year Award:
- I-Nextwear Technologies;
- I-Zurihealth;
- I-One healthTech.
I-VC/Investor of Year Award:
- I-Meridiam;
- I-SA Housing & Infrastructure Fund;
- I-EnyGMA Ventures.