Usomnotho ozimele uSolwazi uBonke Dumisa uzwakalise ilaka lakhe ngokusula kwesikhulu esiphezulu e-Eskom u-André de Ruyter

Izithombe: wuGoogle nesithunyelwe

Ngeke kuphele ukuhamba kukagesi ngoba engasekho uDe Ruyter, kusho ingqapheli. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

UKUSULA kwesikhulu esiphezulu e-Eskom uMnu u-André de Ruyter akumangalisi futhi ngeke kuzixazulule izinkinga le nkampani ephehla ugesi enazo.

Usho kanje usomnotho ozimele uSolwazi uBonke Dumisa ngemva kokuthi uDe Ruyter ememezele ukuthi uyashiya kulo msebenzi aqala kuwona ngo-2020. Uzogcina ekupheleni kukaMashi 2023.

UDumisa uthe ngisho kungafakwa bani ukuthi aphathe e-Eskom ngeke kwenze mehluko, inqobo nje uma umnyombo wezinkinga ezenza le nkampani ingasebenzi kahle usekhona.

“Besikulindele ukusula kukaDe Ruyter, hhayi ngoba bese (sisemshungweni) walabo abebethi akasule kodwa ngoba wonke umuntu kufika lapho ekhathala khona. U-De Ruyter wethembisa ukuthi uzoqeda ukucinywa kukagesi ngezinyanga eziwu-18 ethathe izintambo; abantu bese bebuza ngaleso sethembiso ngoba kunokuthi kube ngcono ukuhamba kukagesi, sekumandla kakhulu njengoba sekuphele izinsuku eziwu-144 kuqhubeka.

“Ukugxekwa wuNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni (uMnu) uPravin Gordhan noNgqongqoshe wokuMbiwa Phansi namaNdla (uMnu) uGwede Mantashe ngesonto elidlule cishe nakho kwenze azinuke amakhwapha ngoba ekugcineni njengomuntu ophethe, yonke into isemahlombe akhe.

“(Nokho) ngisho ungaletha bani e-Eskom ngeke kusize ngoba izisebenzi zakhona ziwubona njengomshini okhiqiza imali futhi kukhona ezinye zazo ezihlangene nabathile ukuyicekela phansi inkampani njengoba noDe Ruyter ebesho,” kusho uDumisa.

UMnu uDe Ruyter ugcine egobe uphondo wabeka phansi izintambo e-Eskom

Namhlanje ukuhamba kukagesi kungokwesigaba sesine. Ngesonto elidlule kunyukele esigabeni sesithupha, into esivamile. Ngesikhathi egxeka i-Eskom uGordhan uthe ukucinywa kukagesi kucekela phansi umnotho futhi wathi kukhona okusolisayo ngendlela osekuvame ngayo ukufa kwengqalasizinda, nathe kudinga abomthetho bakubhekisise. UMantashe uthe ukucinywa kukagesi ngokwesigaba sesithupha kucishe kufane nokuketula umbuso.

UDumisa uthe nokho kuyasolisa ukuthi kungani isimemezelo sokuhamba kukaDe Ruyter senziwe manje ekubeni ezoze agcine ekupheleni kukaMashi. Uthe njengoba kusasa kuqala ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha be-ANC, cishe kukhona “abesebechathiwe”.

Inhlangano yamabhizinisi iBusiness Unity South Africa (iBUSA) ithe ukusula kukaDe Ruyter kuzoyiphazamisa i-Eskom nemizamo yokuxazulula inkinga yokushoda kukagesi.

Isikhulu esiphezulu seBUSA uMnu uCas Coovadia uthe: “Nakuba loku kukubi kodwa akumangalisi uma ubheka izinto ezibudedengu ezishiwo ngabanye abantu abakuhulumeni nabanye kwezinye izimboni. Ibhodi ye-Eskom kufanele iphuthume imemezele ozovala isikhala, ngisho kungathiwa ozobamba. Kufanele kube umuntu onekhono lokuqhubeka nemizamo yokunciphisa ukucinywa kukagesi, aphuthumise ukuguqula i-Eskom, alwe nenkohlakalo, umsebenzi wokucekela phansi le nkampani futhi kuxutshwe indlela okuphehlwa ngayo ugesi. Osomabhizinisi basazimisele ukusebenzisana nohulumeni ukulungisa inkinga kagesi.”

Ukucinywa kukagesi lokhu kwaqala ngo-2008 kanti yonke imizamo esike yenziwa yokukuqeda ayikatheli zithelo. Enye yale mizamo kwaba wukwakha iziteshi ezintsha zokuphehla ugesi iKusile neMedupi kodwa okumanje azisebenzi ngendlela. Kunalokho i-Eskom inesikweletu esicela kuR400 billion.

Usihlalo webhodi uMnu uMpho Makwana uzobamba izintambo zesikhulu esiphezulu.

You cannot copy content of this page