UMnu u-Utlwanang Mmeti, umnikazi weDapper, inkampani eyenza amateki yaseLuka, eRustenburg, eNorth West nelinye lamakhasimende

Izithombe: Zithunyelwe

Ngemva kokubona isasasa lamateki asekhaya, ibhungu lithe ngeke lisale nalo. Lixoxe noTEBOGO MOKWENA

Share this now

UNEMINYAKA ewu-17 vo kodwa usenamateki akhe. Ngemva kokuqaphela indlela abantu baseNingizimu Afrika asebethenga ngesasasa amateki enziwa ekhaya, wethule amateki abizwa ngeDapper kulo nyaka. 

UMnu u-Ultwanang Mmeti, waseLuka eRustenburg, utshele i-Vutivi Business News ukuthi uthathe unyaka ecwaninga futhi eqongelela imali yokuqala ibhizinisi. “Kwakunzima kakhulu ukuthola ulwazi, ikakhulukazi uma kukhulunywa ngokukhiqiza. 

“Umnewethu u-Ikageng, ubeneqhaza elikhulu kanti uyaqhubeka ukuba neqhaza ebhizinisini. “Nasekhaya bangesekile, bangiboleka imali ukuthi ngiqale ibhizinisi,” kulanda yena. 

UMmeti uwakhiqiza ngenkampani yaphesheya amateki akhe. “Ngathola ukuthi kushibhile kimina uma ngizokhiqiza phesheya, kunokukhiqiza ezweni.

Iteki elisesitayeleni leDapper

“Amateki ami athengwa ngamakhasimende ezweni lonke kanti sinesitolo esi-online lapho edayisa khona amateki. “Amateki ayimibala emine amadoda nawabantu besifazane. Kukhona abomvu nokumhlophe, ansundu, abomvu namnyama nokusaluhlaza okotshani. Alula kanti azwana nesimo sezulu esishisayo saseNingizimu Afrika”. 

Namateki abantu besifazane akhona eDapper

Ukuzikhangisa, uMmeti usebenzisa uFacebook okhekhelwa ukukhangisa, akhokhele nama-social media influencer.

Nokho ukudayisa ngenye yezinselelo zikaMmeti. Abantu abathembi ukuthenga online. “Ngithole ukuthi amakhasimende amaningi amanqika ukuthenga ngoba acabanga ukuthi ukuthenga online kunokuwakwa,” kusho yena. “Ngiyashintsha umqondo ngokubatshela ukuthi amateki ethu adilivwa ngePaxi, indlela yokudiliva yasePep.

UMmeti uthi kuthi tsha enhliziyweni uma edayisa. “Ukudayisa kungijabulisa kakhulu. Nakuba abantu abaningi bengajwayeli ukuthi iteki elihle kanje lenziwa wumuntu omncane, (into engichazayo) yindlela ababukeka ngayo uma bewathola, bewalinganisa noma bethola ukuthi angaphezu kwaloko abebekulindele. 

UMmeti uthi uzogxila ebhizinisini lakhe ngemva kokuphothula uMatikuletsheni kulon nyaka. “Ngizothatha ikhefu ekuyeni enyuvesi ngibheke indawo yokuba wusomabhizinisi njengoba ngifuna ukugxila ekukhangiseni ibhizinisi.

Facebook: Utlwanang Mmeti/Utlwanang Dapper

Instagram: utlwanangmmeti

You cannot copy content of this page