UNksz uSibusisiwe Kraai, umsunguli wePlatinum Glow Beauty Salon yaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Okhule ehlale egundile usewumsamariya wabanezinkinga ezihlukene zezinwele. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

Share this now

INTOKAZI yaseMgungundlovu, Kwazulu-Natali, ikhule inenkinga yezinwele eziqinile nezilukeka kanzima. Loku bekwenza ithwale kanzima uma iluka, kangangokuthi ibiphoqeleka ukuhlala igundile ngenxa yokungabatholi abenza ikhanda abakwazi ukwenza uhlobo lwezinwele zayo.

Ukucabanga kabanzi ngokuthi yini angayenza ukuze indodakazi yakhe nabanye abantu bangabhekani nenkinga efana neyakhe kwenze ukuthi uNksz uSibusisiwe Kraai, oneminyaka ewu-36, asungule iPlatinum Glow Beauty Salon, inkampani ecwala izinwele.

I-Platinum Glow, eqhakazisa amakhanda, uyisungule ngo-2019 esebenzisa imali ayeyilondolozile nayiboleka ebhange kanti isinamagatsha amabili eMgungundlovu naseThekwini.

Kusizakala abantu abanezinwele eziqinile njengalezi ePlatinum Glow Beauty Salon

“Ngivula isitolo sokuqala sePlatinum Glow Beauty ngasebenzisa imali engaphezu kukaR900 000, ehlanganisa imali engangiyibekile nengayiboleka eFNB ngenhloso yokuqala ibhizinisi ukuze ngibe yisixazululo ngalo emphakathini. Kuthe ngasekupheleni kuka-2019 ngavula igatsha lesibili eThekwini,” kulanda yena.

Ngenxa yokufuna ukuthi uma eseqala leli bhizinisi libe sezingeni eliphezulu angenzeli imali kuphela, engakaliqali uzihluphe kakhulu ngolwazi lokunakekela izinwele, ukwehluka kwazo nemikhiqizo ezilungele. “Lokho kwenze ngathola ulwazi ngezinwele, kwangisiza nasekutheni umsebenzi esiwenzayo wehluke kwesincintisana nabo,” kusho uNksz uKraai.

Namakhanda omuntuza ayaqhakaziswa ePlatinum Glow Beauty Salon

Ezintweni athi zenza behluke ezimbangini wukwenza kwabo umsebenzi ngezinga eliphezulu, nokuthi zonke izisebenzi zicijiwe ngolwazi lomsebenzi. Unethimba lezisebenzi eziwu-24.

“Sicophelela kakhulu indlela esiphatha ngayo izinwele zabantu ngoba zibucayi kakhulu. Ngiwumphathi wePlatinum Glow, ngenza isiqiniseko sokuthi izisebenzi zami zijabule namalungelo azo ayabhekeleleka ngaso sonke isikhathi ukuze umsebenzi ziwenze ngendlela efanele,” kusho yena ngeqholo.

Ithimba lezisebenzi zasePlatinum Glow

Ngale kokuluka, benza izinzipho, bacwale ubuso, badayise izinwele, babhucabhuce, benze nemicimbi yokufundisa abantu ngezinwele, bacije nabanothando lokusebenza ngazo. Konke loko kungamanani ehlukene.

UNksz uKraai uyazazi izinselelo zebhizinisi. Njengabanye osomabhizinisi naye ushayekile ngokubhoka kwegciwane iCOVID-19, ephoqe ukuthi avale izitolo zakhe izinyanga ezintathu, walahlekelwa yimali engaphezu kukaR200 000.

Nokho akavumanga ukuthenwa amandla yizinselelo kepha waqhamuka nezindlela zokuqhuba ibhizinisi. Uthi: “Ngishayeke kakhulu izitolo zethu zivaliwe ngenxa ye-lockdown, saze sasizwa wukudayisa eminye yemikhiqizo yethu online ukuze ibhizinisi lingawi, ngakwazi nokukhokhela izisebenzi zethu ngosizo lomNyango wokuThuthukisa uMphakathi.”

Imikhiqizo yePlatinum Glow Beauty Salon ingenye yezinto ezihlenge ibhizinisi ngesikhathi sezinselelo

Kukhulu asafisa ukukufeza eminyakeni emibalwa ezayo. Phakathi kwakho wukuqhubeka nokwenza imali ezodlondlobalisa iPlatinum Glow igcine isinamagatsha ezitolo ezweni lonke.

“Ngifuna nokuqala isikole esisemthethweni sokufundisa abantu ngalo msebenzi nokunye okuhambisana nawo,” kuphetha uNksz uKraai.

Facebook: Platinum Glow SA

Instagram: platinum_glow

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo
You cannot copy content of this page