OKUSHA SHA!
NGENKATHI sethula Umbele ngenyanga edlule sabika ukuthi kuyohamba kuhambe kufike isikhathi lapho kuzodingeka mfundi othandekayo ukuthi uzikhokhele ezinye zezindaba esikuphakela zona.
Njengeziko lezindaba siyibhizinisi njengawo wonke amanye amabhizinisi, nokusho ukuthi ukucoshela kwethu izindaba kunezindleko okunazo nokudingeka ukuthi sizikhokhele ukuze sizokwazi ukuqhubeka nomsebenzi wokunicoshela lezi zindaba enizithakaselayo ngezomnotho nangosomabhizinisi.
Nokho-ke ungakhathazeki mfundi othandekayo siyasiqonda isimo somnotho esikhona njengoba kuhlasele iCOVID-19 futhi abanye bephelelwe wumsebenzi.
Amanani ethu siwanqume ngendlela yokuthi lingagugi iphakethe lakho kodwa nathi sithole okwanele ukuthi sikwazi ukumelana nezindleko zokwenza umsebenzi ngendlela esezingeni elifanele nelizokwenza siqhubeke ngalo mgqigqo esiqale ngawo.
Kunezindlela ezine ongakhokha ngazo. Eyokuqala, ungakhokha uR60, okusho ukuzibophezela izinyanga ezintathu; noma uR120, okusho ukuzibophezela izinyanga eziyisithupha noma uR240; okusho ukuzibophezela unyaka wonke.
Kukhona nendlela yokuthi izinkampani zithathele abantu abazisebenzelayo. Zona zikhokha uR2 160, nokugunyaza abantu abawu-10 ukuthi bathole zonke izindaba zethu mahhala unyaka wonke.
Lilonke mfundi othandekayo ukuze uthole lezi zindaba ezinohlonze futhi ezikhethekile ezibikwa wUmbele udinga ukukhokha uR20 vo ngenyanga. La manani azohlala enjena unyaka wonke kanti siyoze siwabuyekeze ngoNovemba 2021.
Siphinde siyabonga siyanconcoza indlela enisemukele ngayo nendlela eniseseka ngayo kulo msebenzi esiwenzayo ngenhloso yokuthi sandise ulwazi ngomnotho namabhizinisi, silondoloze futhi sithuthukise ulimi lwesiZulu, sivule amathuba emisebenzi embonini yabezindaba kanjalo nokuletha uguquko ekuphathweni kwalezi zinkampani.
Siyabonga kulabo asebevele bazibophezele bakhokha futhi asingabazi ukuthi baningi nabanye abasazokwenzenjalo.
Nime njalo nje!