UMnu uMusa Mabesa, isikhulu esiphezulu seGovernment Employees Pension Fund

Isithombe: Sithunyelwe

Ophethe isikhwama esikhulu sempesheni ujatshuliswa wukwazi ukuthi usiza izaguga. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

UKUBONA impilo entofontofo ephilwa wuyisemkhulu noninakhulu ngenxa yempesheni abayihola esikhwameni sempesheni sezisebenzi zikahulumeni ngenye yezinto ezimgqugquzelayo emsebenzini wakhe, ezimenza awuhloniphe futhi aqonde ukubaluleka kwawo. 

UMnu uMusa Mabesa uyisikhulu esiphezulu seGovernment Employees Pension Fund (iGEPF), isikhundla aqale kusona eminyakeni emibili edlule. 

UMabesa, oneminyaka ewu-11 esebenzela lesi sikhwama, uthi ukwazi ukuthi benza umehluko ongakanani empilweni yabantu abathembele kubona  nakho kuyamkhuthaza. “Ngiyikholwa futhi ngiyakholwa wukuthi wonke umuntu unobizo lwakhe olungaphezu kwakhe. Esikwenzayo kwenza umehluko empilweni yabantu abasempeshenini ngoba bayanakekeleka futhi bayazi ukuthi sikhona ukubasiza nokubanekekela bona nabathembele kubona.

“Ngangenza unyaka wami wokuqala enyuvesi ngesikhathi ugogo nomkhulu bethatha umhlalaphansi bengamalungu esikhwama seGEPF, nanamhlanje basaphila kahle. Wumsebenzi omkhulu lowo owenziwa yibhodi nabo bonke abantu esisebenza nabo. Umsebenzi wethu usho lukhulu kimina,” kusho yena kuzwakala ukuthi kuthi cosololo kuyena.

UMabesa uzalwa eTzaneen, eLimpopo, lapho ekhule khona ehlala noyisemkhulu noninakhulu abangabazali bakanina. Babengothisha kanti uyisemkhulu wathatha umhlalaphansi esewuthishomkhulu.

Uthi ayikho into ayecabanga ukuba yiyo ekhula kodwa kwathi uma ebona ukuthi uyaziphuzela kwi-accounting wabe esegxila kuyo.

“Sasivumelekile yini ukuba namaphupho  ngalesiya sikhathi? Ngikhulele emndenini wothisha, iningi lomamncane nomamkhulu bami liwothisha, ngaphandle koyedwa owayewusonhlalakahle. Esikoleni samabanga aphezulu ngangiyiphasa kahle i-Accounting neMaths noma yona ngangingayikhonzile, ngase ngicabanga ukuthi ngingaba yi-accountant.”

Une-MSc yase-University of London, uneziqu ze-Accounting ze-ACCA (i-Association of Chartered Certified Accountants) ne-BCompt yase-Unisa.

Ngokombiko wokuphela konyaka wezimali wango-2021/22, iGEPF inamalungu awu-1.26 million. Ikhule ngo-9.6% yafinyelela kuR2.3 trillion. Imali eyikhokhile ngalo nyaka wezimali iwuR136 billion kanti engenile ngenxa yendlela abatshale ngayo iwuR255.7bn. Imali ekhokhwe yizisebenzi ikhuphuke ngo-0.53% yafinyelela kuR81.99bn.

Kuphothulwe izicelo eziwu-33 627 zabathathe umhlalaphansi kanti abasulile bawu-30 659. Imali ekhokhwe ngoba kukhona amalungu ashonile iwuR14.8bn kanti ikhokhelwe abantu abawu-11 776. Imali ekhishelwe imingcwabo iwuR550.1m emva kwezicelo eziwu-37 798, kwathi imali ekhokhelwe izintandane yaba wuR551m.

UMabesa uthe lesi sikhwama yisona sikhwama sezimpesheni esivelele e-Afrika kanti nasemhlabeni sibalwa neziwu-40 ezihlonishwayo nokwenza kube nezinye izikhwama zempesheni ezifuna ukusika iphethini kubo. “Sibamba iqhaza ezihlanganweni zezikhwama zempesheni emhlabeni njenge-International Centre for Pension Management ngokubambisana ne-University of Toronto. Sikhona nasohlelweni lwe-World Bank Treasuries Reserves Advisory Programme, lapho kubuthana khona izikhwama zempesheni ezihlukene, sicobelelana ngolwazi namaBhange oMbuso akwamanye amazwe futhi sinobudlelwane nezinye izikhwama zempesheni ezinkulu, nakhona sicobelelane ngolwazi.

Uthi: “Sihambela nezinye izigcawu zempesheni emhlabeni njengeWorld Pension Summit, sisanda kubuya kwi-European Pension Fund Investment Forum. Ukuhambela lezi zigcawu zakwamanye amazwe siyakwazi ukubona ukuthi esikwenzayo eGEPF kuyafana nokwenziwa kwezinye izindawo futhi kokunye, kukhona thina esikwenza kangcono”

Enye yezinselelo ezikhona eNingizimu Afrika uma kukhulunywa ngodaba lwezimpesheni wukuthi wu-10% kuphela wabantu abathatha umhlalaphansi bekulungele. UMabesa uthi into engasombulula loku wukuthi abantu baqale ukufundiswa ngokuphatha imali nokuthi imali isebenza kanjani ngesikhathi besesesikoleni.

Uthi kuyadingeka ukuthi abantu baqonde ukuhlanganisa nokulandela isabelomali nokusiza ukuthi bagweme izikweletu, okungenye yezinkinga ezidlangile ezweni.

Uthi kunabeluleki bezimali abangawenzi umsebenzi wabo ngeqiniso. “Asibona abeluleki bemali kodwa siyaxhumana namalungu ethu uma sekusele okungenani izinyanga eziyithupha athathe umhlalaphansi ukuwachazela ukuthi kusiza ngani ukuthi athathe umhlalaphansi ayiyeke impesheni yawo kithina kunokuthi athathe isigaxa ayoyitshala kwenye indawo.

“Zikhona nezinye izinhlelo zokufundisa esizenzayo ngezindlela ezihlukene, siyabhala emaphephandabeni, sihambele nemihlangano sixoxe namalungu ethu, athole ithuba lokubuza imibuzo,” kusho uMabesa.

Okunye ngaye:

  • Ukhonze ukufunda izindaba ezithinta umnotho;
  • Uphumula ngokuhlala nomndeni wakhe; 
  • Uwumlandeli we-Orlando Pirates, kanti ukhonze umjaho wezimoto negalofu;
  • Ukhonze inyama.
You cannot copy content of this page